Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 1/03 k. 1
  • Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Qhubeka Ukhonza UJehova Ngenhliziyo Egxilile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Ingabe Uphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwakho?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu “Usuku Nosuku”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • Kungani Kufanele Uzinikezele KuJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
km 1/03 k. 1

Ukuphila Ngokuvumelana Nokuzinikezela Kwethu

1 Kungakhathaliseki ukuthi ubhapathizwe muva nje noma emashumini eminyaka adlule, cishe uyasikhumbula leso senzakalo esiyingqopha-mlando ekuphileni kwakho. Ukubhapathizwa kwethu akusona isiphetho, kunalokho kuyisiqalo senkonzo yokuzinikezela yokuphila kwethu konke engaqhubeka phakade. (1 Joh. 2:17) Yini ehilelekile ekuphileni ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu?

2 Landela Isibonelo SikaKristu: Ngemva kokubhapathizwa kwakhe, uJesu ‘waqala umsebenzi wakhe,’ ukumemezela “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 3:23; 4:43) Nathi, ngemva kokubonakalisa ukuzinikezela kwethu kuJehova ngobhapathizo, saba izikhonzi ezimisiwe zezindaba ezinhle. Nakuba kungase kudingeke isikhathi nomzamo ukuze sithole izidingo zokuphila, umsebenzi wethu oyinhloko yinkonzo yobuKristu. (Math. 6:33) Kunokuba bazikhandlele ukuthola ingcebo noma udumo, labo abazinikezele kuNkulunkulu bafuna ‘ukukhazimulisa inkonzo yabo,’ njengoba kwenza umphostoli uPawulu. (Rom. 11:13) Ingabe liyigugu kuwe ilungelo lakho lokukhonza uJehova futhi ulisebenzisa ngokugcwele?

3 Njengoba kwenza uJesu, kumelwe ‘simelane noDeveli.’ (Jak. 4:7) USathane walinga uJesu ngemva kokuba ebhapathiziwe, nanamuhla uhlasela izinceku zikaJehova ezibhapathiziwe. (Luka 4:1-13) Njengoba sizungezwe yizwe likaSathane, kumelwe sizithibe, sigweme noma yini engase ingcolise izingqondo zethu noma yonakalise izinhliziyo zethu. (IzAga 4:23; Math. 5:29, 30) AmaKristu alulekwa ngokuthi ‘awanakudla “etafuleni likaJehova” ebe edla etafuleni lamademoni.’ (1 Kor. 10:21) Lokhu kudinga ukuba sixwaye ukuzilibazisa okungcolile, ukuzihlanganisa nababi nezingozi ze-Internet. Kudinga nokuba sigweme izincwadi zezihlubuki. Ukuqaphela la macebo kaSathane kanye namanye kuyosisiza ukuba siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu.

4 Sebenzisa Amalungiselelo KaNkulunkulu: Ukuze asisize siphile ngokuvumelana nokuzinikezela kwethu, uJehova usinikeze usizo ngeZwi lakhe nangebandla lobuKristu. Yenza ukufunda iBhayibheli nokuthandaza kuJehova kube yingxenye yesimiso sakho sansuku zonke. (Josh. 1:8; 1 Thes. 5:17) Yijabulele imihlangano. (IHu. 122:1) Jwayelana nalabo abesaba uJehova futhi ugcine imiyalo yakhe.—IHu. 119:63.

5 Ngosizo lukaJehova, ungaphila ngokuvumelana nokuzinikezela kwakho kuJehova futhi ujabulele ukumkhonza phakade.—IHu. 22:26, 27; Fil. 4:13.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela