Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 5/02 k. 2
  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso Semihlangano Yenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-May 13
  • Isonto Eliqala Ngo-May 20
  • Isonto Eliqala Ngo-May 27
  • Isonto Eliqala Ngo-June 3
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 5/02 k. 2

ISimiso Semihlangano Yenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-May 13

INgoma 37

15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Yiba nemiboniso emibili ehlukene usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4 kwendlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-May 15 ne-Phaphama! ka-June 8. Embonisweni ngamunye, bonisa indlela ehlukile yokusingatha ovimba ingxoxo ngokuthi, “Ngimatasatasa.”—Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 19-20.

15 imiz: “Ukholo Lwethu Lusishukumisela Emisebenzini Emihle.”a Lapho nixoxa ngesigaba 2, xoxa kafushane noFakazi oshisekayo. Cela lo mmemezeli ukuba achaze ukuthi ukufakaza kwabanye kulubonisa futhi kuluqinise kanjani ukholo lwakhe.

15 imiz: Ungathuthuka Ngokomoya. Inkulumo esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 1998, ikhasi 24. Yenze isebenze ebandleni.

INgoma 115 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 20

INgoma 13

13 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali. Bukeza iBhokisi Lemibuzo. IZindaba Ezingokwasezulwini.

17 imiz: Ukwakha Umkhaya Oqinile Ngokomoya. Inkulumo enikezwa umdala oyinhloko yomkhaya, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-May 15, 2001, ikhasi 21. Cela oyedwa noma ababili abayizinhloko zemikhaya basho ukuthi benzani ukuze bakhe umkhaya oqinile ngokomoya.

15 imiz: Izidingo zebandla.

INgoma 169 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-May 27

INgoma 208

12 imiz: Izaziso zebandla. Khumbuza abamemezeli ukuba balethe imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-May. Usebenzisa ukusikisela okusekhasini 4, cela ummemezeli osemdala abonise indlela yokuhambisa INqabayokulinda ka-June 1 bese ucela ummemezeli osemusha abonise indlela yokuhambisa i-Phaphama! ka-June 8. Ngemva komboniso ngamunye, khulumela indlela okulula ngayo ukufaka umbhalo entshumayelweni.

15 imiz: “Ingabe Ibandla Lakini Linensimu Enkulu?” Inkulumo nengxoxo nezilaleli okumelwe isingathwe umbonisi wenkonzo. (Amabandla anensimu encane angabukeza isihloko esithi “Sebenzisa Isikhathi Ngokunenzuzo,” kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-June 1999.) Bonisa ukuthi ibandla linensimu engakanani nokuthi onyakeni odlule kuye kwahlanganiswa engakanani kuyo. Chaza indlela ukusikisela okunikeziwe okungasetshenziswa ngayo ebandleni. Chaza kafushane amalungiselelo enziwayo okuhlanganisa insimu engasetshenzwa njalo esikhathini esizayo.

18 imiz: “Uyayisebenzisa Yini Incwajana Ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Ekuqaleni Izifundo?” (Bonke kufanele baphathe isenezelo se-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-January 2002 kule ngxoxo.) Qala ngokucela ummemezeli olungiselele kahle abonise indlela yokuqala isifundo, esebenzisa isibonelo esisesigabeni 3. Ngemva kwalokho, yisho amaphuzu avelele encwajana, uchaze indlela eklanywe kahle ngayo ukuze isisize ekuqaleni izifundo. Bonisa ukubaluleka kokubukeza izintshumayelo ezisikiselwe esenezelweni sika-January 2002. Buza izilaleli ukuthi yikuphi ukusikisela ezikuthole kuphumelela. Phetha ngokuphinda umboniso ongenhla.

INgoma 93 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-June 3

INgoma 178

15 imiz: Izaziso zebandla. “Uthini Lapho Ucingo Luphendulwa Ngumshini?” Hlela nabamemezeli ukuba balandise injabulo nemivuzo abayithole ngenxa yokuhlanganyela emsebenzini wamaphayona asizayo noma avamile ngo-March, April noma ngo-May.

15 imiz: Indlela Incwadi Ukubonisana Esebenzisa Ngayo Ezinye Izinguqulo ZeBhayibheli. Inkulumo emfushane elandelwa ingxoxo nezilaleli. Funda isigaba 2 ekhasini 8 encwadini Ukubonisana, bese uchaza ukuthi kungani kufanele siqokomise iBhayibheli enkonzweni yethu nokuthi singakwenza kanjani. Bhekisela ohlwini lwezifushaniso zamaBhayibheli olusekhasini 6, uchaze ukuthi kungani sicaphuna kwezinye izinguqulo. Khulumela izixwayiso ezikuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1997 ikhasi 16, isigaba 2, nasekhasini 20, isigaba 15. Usebenzisa izihloko ezithi, “Ukulandelana Kwabaphostoli,” “Izithombe,” nesithi “UZiqu-zintathu” encwadini Ukubonisana, cela izilaleli zibonise ukuthi ukuqhathanisa izinguqulo kungaba kanjani usizo ekufundiseni iqiniso.

15 imiz: Ungabhekana Yini Ngokuphumelelayo Nokudumazeka? Inkulumo ethinta inhliziyo nekhuthazayo engahlanganisa nokuhlanganyela kwezilaleli lapha nalaphaya esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 2001, ikhasi 20. Yenze isebenze ebandleni.

INgoma 56 nomthandazo wokuphetha.

[Umbhalo waphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela