Ukholo Lwethu Lusishukumisela Emisebenzini Emihle
1 Ukholo lwabashukumisela esenzweni oNowa, uMose noRahabi. UNowa wakha umkhumbi. UMose wadela izinzuzo zesikhashana zokuphila esigodlweni sikaFaro. URahabi wafihla izinhloli wabe eselalela neziyalezo zazo, wasindisa indlu yakubo. (Heb. 11:7, 24-26, 31) Yimiphi imisebenzi emihle ukholo lwethu olusishukumisela ukuba siyenze namuhla?
2 Ukufakaza: Ukholo lusishukumisela ukuba sikhulume ngoNkulunkulu wethu omangalisayo nangamalungiselelo awenzele ukuba sijabule phakade. (2 Kor. 4:13) Ngezinye izikhathi singazizwa simanqikanqika ukufakaza. Kodwa lapho ‘sibeka uJehova njalo phambi kwethu,’ siyaqina novalo luphele. (IHu. 16:8) Ukholo lwethu lube selusishukumisela ukuba sihlanganyele izindaba ezinhle nezihlobo, omakhelwane, esisebenza nabo, esifunda nabo nabanye ngawo wonke amathuba afanelekayo.—Roma 1:14-16.
3 Ukuhlangana Ndawonye: Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kungomunye umsebenzi omuhle oshukunyiswa ukholo. Kanjani? Lapho sibuthana emihlanganweni yobuKristu kubonisa ukuthi siyaqiniseka ukuthi uJesu ukhona kanye nathi ngomoya ongcwele kaNkulunkulu. (Math. 18:20) Kubonisa isifiso sethu ‘sokuzwa lokho umoya okushoyo emabandleni.’ (IsAm. 3:6) Asikuthathi kalula ukufundiswa esikutholayo ngoba amehlo ethu okholo ayabona ukuthi lowo osifundisayo nguMfundisi wethu Omkhulu Kakhulu, uJehova.—Isaya 30:20, qhathanisa ne-NW.
4 Ukukhetha Esikwenzayo: Ukuqiniseka ngokujulile ngezinto ezingokoqobo ezingabonwayo kusishukumisela ukuba senze izinto ezingokomoya zize kuqala ekuphileni kwethu. (Heb. 11:1) Ngokuvamile lokhu kusho ukudela izinto ezibonakalayo. Ngokwesibonelo, umdala mumbe wenqaba ithuba lomsebenzi ophambili ngoba wawuzomenza aphuthe emihlanganweni yebandla, angabi khona ekhaya, adele nenkonzo yakhe yokuphayona. Kwangathi nathi ngokufanayo singabeka ithemba lethu eligcwele esiqinisekisweni seBhayibheli sokuthi uJehova uyobanakekela labo ‘abaqhubeka befuna kuqala umbuso nokulunga kwakhe.’—Math. 6:33.
5 Abanye abantu bayaliqaphela ithonya elinamandla ukholo olunalo ekuphileni kwethu. Ngempela ukholo lwethu lwaziwa emhlabeni wonke. (Roma 1:8) Ngakho-ke, kwangathi sonke singabonisa ngemisebenzi yethu emihle ukuthi ukholo lwethu luyaphila.—Jak. 2:26.