Ongase Ukusho Ngomagazini
INqabayokulinda Mar. 15
“Awuvumi yini ukuthi ukubusa okulungileyo bekungenza lo mhlaba ube indawo engcono ukuba siphile kuyo? [Lindela impendulo.] Siza uphawule ukuthi iBhayibheli lithembisani. [Funda iHubo 37:11.] Singakujabulela ukuthula okunjalo, okuyoba khona ngempela ngaphansi komHoli ofiselekayo ochazwayo ukuthi ungubani kulezi zihloko.”
INqabayokulinda Apr. 1
“Ngicela ukukubonisa iphuzu elithakazelisayo engilithole eBhayibhelini. [Funda uMathewu 22:37.] Ucabanga ukuthi lokhu kusho ukuthini? [Mvumele aphendule.] Phawula lesi sihloko esithi ‘Funa UNkulunkulu Ngenhliziyo Nangengqondo Yakho.’ Ingabe ukholo lweqiniso lumane nje luyindaba yenhliziyo, noma ingabe kufanele luhilele nengqondo? Impendulo yalo mbuzo iyafundisa.”
Phaphama! Apr. 8
“Ukuzamazama komhlaba kungabangela ukufa kwabantu abangenakubalwa nomonakalo. Ngokuvamile abasindile basala bengenamakhaya, kungekho kwasani lokuzivuselela. Le Phaphama! ibonisa indlela izisulu ezikwazé ngayo ukubhekana nemiphumela yokuzamazama komhlaba. Ibuye futhi ichaze indlela ukuzamazama komhlaba okuhlobene ngayo nesiprofetho esibaluleke kakhulu seBhayibheli.”
“Njengoba wazi, ukunakekela umkhaya kuyinselele kulezi zinsuku, futhi ukuba umama kuwumsebenzi okhandla ngempela. Le Phaphama! inengxoxo ethakazelisayo ngesihloko esithi ‘Ukuba Umama—Ingabe Kudinga Ube Owesifazane Oyisimangaliso?’ Ngingathanda ukukushiyela yona.”