Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 2/02 k. 8
  • Ongase Ukusho Ngomagazini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ongase Ukusho Ngomagazini
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2007
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Ongase Ukusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2003
  • Ongakusho Ngomagazini
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2008
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
km 2/02 k. 8

Ongase Ukusho Ngomagazini

INqabayokulinda Feb. 15

“Wake wazibuza yini ukuthi ungakuqondisa kanjani ukuphila kwakho kangcono futhi uzenze kanjani izinqumo ezibalulekile? [Lindela impendulo.] Ezinye zeziqondiso ezingcono kakhulu, njengoMthetho Wegolide, zitholakala eBhayibhelini. [Funda uMathewu 7:12.] Yiziphi ezinye zezimiso zikaNkulunkulu ezingasizuzisa ngokuqondile? Impendulo uzoyithola kulo magazini.”

INqabayokulinda Mar. 1

“Ngenxa yakho konke okwenzekayo namuhla, abaningi bethu bayazibuza ukuthi ikusasa lisiphatheleni. Emthandazweni wakhe odumile, uJesu Kristu wembula isizathu sokuba sibheke esikhathini esizayo ngethemba. [Funda uMathewu 6:9, 10.] Isintu siphinda amaphutha enziwa esikhathini eside esidlule. Kodwa ngalezo zinsuku, labo ababekhonza uNkulunkulu babenekusasa elijabulisayo. Lo magazini ubonisa indlela nathi esingaba nalo ngayo.”

Phaphama! Mar. 8

“Kungenzeka uphawulile ukuthi izindawo eziningi zomsebenzi seziyingozi kakhulu. Lo magazini unokusikisela okuhle kokuthi zingenziwa kanjani zilondeke kakhudlwana. Ubonisa nokuthi inhlalakahle yethu ihlobene nokuthi sinombono olinganiselayo yini ngomsebenzi wokuziphilisa noma cha. Ngicela uwufunde.”

“IBhayibheli ligcizelela ukubaluleka kwemfundo enhle. [Funda IzAga 2:10, 11.] Iningi lethu liyaqaphela ukuthi kubaluleke kangakanani ukuba izingane zibe nothisha abaqeqeshiwe. I-Phaphama! iqokomisa indima ebalulekile yothisha, indlela okufanele sikwazise ngayo ukuzidela kwabo, nalokho abazali abangakwenza ukuze babasize kule nselele enzima ababhekene nayo.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela