Ubunye Obujabulisayo NoJehova NeNdodana Yakhe
Isenzakalo Esibaluleke Kunazo Zonke Onyakeni Sizogujwa Ngo-March 28
1 Ngokugubha iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngemva kokushona kwelanga ngo-March 28, 2002, siyobe sibonisa ubunye bethu obujabulisayo esinabo noJehova uNkulunkulu noJesu Kristu. Ngaleso senzakalo esikhetheke kakhulu, insali yamaKristu agcotshiwe iyojabulela “isabelo” esikhethekile enaso nezinye izindlalifa zoMbuso, noYise, naneNdodana yakhe. (1 Joh. 1:3; Efe. 1:11, 12) Izigidi ‘zezinye izimvu’ ziyozindla ngelungelo elimangalisayo lobunye ezinabo noJehova neNdodana yakhe, ukuba nhliziyonye namqondo munye nabo ekufezeni umsebenzi kaNkulunkulu!—Joh. 10:16.
2 Ukusebenza Ndawonye Ngobuhlobo Obuseduze: UJehova noJesu bebelokhu bemunye ngokujabulisayo. Bajabulela ubuhlobo obuseduze iminyaka engenakubalwa ngaphambi kokudalwa komuntu. (Mika 5:2) Kanjalo kwakheka uthando olujulile phakathi kwabo bobabili. Le Ndodana eyizibulo ingakabi umuntu, yayingakhuluma njengokuhlakanipha okwenziwe samuntu ithi: “[UJehova] wayengithanda ngokukhethekile usuku nosuku, ngithokoza phambi kwakhe ngaso sonke isikhathi.” (IzAga 8:30, NW) Ukuphila iminyaka engenakubalwa ebuhlotsheni bokusondelana noMthombo wothando kwaba nethonya elinamandla eNdodaneni kaNkulunkulu!—1 Joh. 4:8.
3 Ecabanga ngesidingo sokuhlengwa kwesintu, uJehova wakhetha iNdodana yakhe ezelwe yodwa, eyayibathanda kakhulu abantu ukuba ibe umhlatshelo wesihlengo, osinikeza okuwukuphela kwethemba lethu. (IzAga 8:31) Njengoba nje uJehova neNdodana yakhe bemunye ekufezeni injongo eyodwa, nathi siqhubeka simunye nabo naphakathi kwethu ezibophweni eziqinile zothando, senza intando kaNkulunkulu ngenjabulo.
4 Ukubonisa Ukwazisa Kwethu Okusuka Enhliziyweni: Ngokuba khona eSikhumbuzweni nangokulalela ngokucophelela nangenhlonipho, singabonisa ukwazisa kwethu okuqotho ngothando lukaJehova nangomhlatshelo weNdodana yakhe ngenxa yethu. Kuyoqokonyiswa isibonelo sikaJesu sothando, ukwethembeka kwakhe kuze kube sekufeni lapho elungiselela isihlengo, ukubusa kwakhe njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu omisiwe, kanye nezibusiso uMbuso oyozilethela isintu. Siyokhunjuzwa futhi ngesidingo sokubonakalisa ukholo lwethu ngokuqhubekayo, sisebenza ngentshiseko ngokuvumelana nentando kaJehova ‘njengezisebenzi ezimunye eqinisweni.’—3 Joh. 8; Jak. 2:17.
5 Ukusiza Abanye Bahlanganyele Nathi: Indikimba yabadala kufanele yenze umzamo okhethekile wokusiza bonke oFakazi abapholile ensimini ukuba babe khona eSikhumbuzweni sokufa kukaKristu. (Math. 18:12, 13) Yenzani uhlu lwalabo okumelwe bahanjelwe ukuze kungasali noyedwa futhi bonke bamenywe ngokuthé ngqo.
6 Bakhona yini abanye obaziyo abangase beze eSikhumbuzweni? Thatha isinyathelo sokwakha ukwazisa kubo ngalesi senzakalo. Bameme ngemfudumalo, ubenze bazizwe bamukelekile. Masenze konke okusemandleni ethu ukuba simemele bonke esifunda nabo iBhayibheli nabanye abantu abathakazelayo kulesi senzakalo esibalulekile onyakeni, kanye namalungu omkhaya nesijwayelene nabo. Izinzuzo zesihlengo zisatholakala kubo bonke abafunda ‘ngenzuzo edlula zonke izinto yolwazi ngoKristu Jesu.’ (Fil. 3:8) Labo ababonisa ukholo emhlatshelweni kaKristu bangazuza ithemba eliqinile lokuphila okuphakade.—Joh. 3:16.
7 Ungalokothi uleye ithonya iSikhumbuzo esingaba nalo kwabaqotho. Eminyakeni emibili edlule, ezweni eliyisiqhingi lasePapua New Guinea, abantu abathakazelayo abangu-11 bahamba ngesikebhe esincane amahora angu-17 olwandle olugubhayo ukuze babe khona. Ngani? Bathi: “Besifuna ukugubha iSikhumbuzo sikaKristu kanye nabanye abakhulekeli bakaJehova; ngakho asizisoli ngalolu hambo, belufanele.” Cabanga ngentshiseko eyaboniswa yilaba abathakazelayo nokwazisa kwabo ngokujabulela ubunye noJehova, iNdodana yakhe, kanye nabafowabo abangamaKristu!
8 Sikisela isifundo seBhayibheli kubo bonke abathakazelayo. Bakhuthaze ukuba babe khona njalo emihlanganweni yebandla nokuba baxoxe nabanye ngamaqiniso abawafundayo. Basize ‘bahambe ekukhanyeni’ futhi ‘benze iqiniso’ ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. (1 Joh. 1:6, 7) Basize ukuba bakhe ubuhlobo obuseduze noJehova futhi baqhubeke bekhulisa ukwazisa kwabo ilungelo lokwenza intando yakhe ngobunye.
9 Yeka ilungelo elihle okuyilo ukujabulela ubunye ‘ngomoya munye, nangomphefumulo munye silulwela ndawonye ukholo lwezindaba ezinhle’! (Fil. 1:27, 28) Masibheke phambili ebudlelwaneni bethu obumnandi ndawonye eSikhumbuzweni ngo-March 28, simbonga singaphezi uJehova neNdodana yakhe!—Luka 22:19.