Yiba Umenzi Ojabulayo
1 UJesu wathi phakathi nokuba khona kwakhe abaningi ‘babengeke banake’ njengasosukwini lukaNowa. (Math. 24:37-39) Khona-ke, kulindelekile ukuthi abantu abaningi ngeke bazilalele izindaba ezinhle zoMbuso. Yini engasisiza ukuba silondoloze injabulo njengoba senza inkonzo yethu?—IHu. 100:2.
2 Okokuqala, sidinga ukukhumbula ukuthi isigijimi sethu sivela kuNkulunkulu nokuthi sithunywe nguYe ukuba sishumayele. Empeleni noma ikuphi ukungasabeli enkonzweni, naphezu kwemizamo yethu engcono kakhulu, kuwukwenqaba uJehova. Ukukhumbula ukuthi uyajabula lapho sithembeka ekushumayeleni kuyosisiza ukuba silondoloze intokozo nenjabulo yethu yangaphakathi njengabenzi bezwi likaNkulunkulu.—Jak. 1:25.
3 Okwesibili, kusenabantu abayoyamukela indlela kaJehova yensindiso. Nakuba abaningi bengase banganaki, bakhona abanjengezimvu okusafanele baqoqwe manje, nakuba sesingene shí esikhathini sokuphela. Kudingeka siqhubeke sishumayela, siya “kunoma yimuphi umuzi noma umuzana” ‘siyocinga ofaneleyo kuwo.’—Math. 10:11-13.
4 Londoloza Isimo Sengqondo Esihle: Umlando omubi wenkolo yamanga uye wabadumaza abanye. Abanye baye ‘baphundlwa futhi bahlakazwa’ yilesi simiso esibi sezinto. (Math. 9:36) Abanye bangase bakhungathekiswe ukuntuleka kwemisebenzi, ezokwelapha nokulondeka. Ukuqonda lokhu kuyosisiza ukuba sikhuthazele emsebenzini wethu. Lwela ukuqala izingxoxo eziphathelene nezinto ezibakhathaza kakhulu abantu ensimini yethu. Basize babone ukuthi uMbuso kaNkulunkulu uwukuphela kwekhambi. Sebenzisa imiBhalo namaphuzu athile akhethekile owacaphune ezincwadini ezithile ukuze ufinyelele izinhliziyo zabo ngezindaba ezinhle.—Heb. 4:12.
5 Abenzi bezwi likaNkulunkulu abajabulayo bakhumbula njalo ukuthi: “Injabulo kaJehova iyinqaba [yethu].” (Neh. 8:10) Asikho isidingo sokulahlekelwa injabulo yethu. “Uma indlu ifanele, ukuthula eniyifisela khona makwehlele kuyo; kodwa uma ingafanele, ukuthula okuvela kini makubuyele kini.” (Math. 10:13) UJehova uvuselela injabulo yethu namandla njengoba sikhuthazela ngokubekezela enkonzweni yakhe engcwele futhi uyasibusisa ngokwethembeka kwethu.