Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 12/00 k. 2
  • ISimiso SoMhlangano Wenkonzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISimiso SoMhlangano Wenkonzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-December 11
  • Isonto Eliqala Ngo-December 18
  • Isonto Eliqala Ngo-December 25
  • Isonto Eliqala Ngo-January 1
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
km 12/00 k. 2

ISimiso SoMhlangano Wenkonzo

Isonto Eliqala Ngo-December 11

INgoma 50

10 imiz: Izaziso zebandla. “Ungakwazi Ukukhonza Endlini KaNkulunkulu?” Kumelwe isingathwe umdala. Uma ibandla linamakhophi encwadi Umuntu Omkhulu noma UMfundisi Omkhulu esitokweni, bonisa ukuthi zingasetshenziswa kanjani ngokunenzuzo enkonzweni phakathi nenkathi yamaholide.

15 imiz:  “Mesabeni UJehova Usuku Lonke.”a Hlanganisa nencazelo yokwesaba uNkulunkulu enikezwe ekhasini 26 le-Phaphama! ka-January 8, 1998. Gcizelela izinzuzo eziwusizo zokwesaba uJehova.

20 imiz: “Ukucindezela Kontanga Nelungelo Lakho Lokushumayela.” Inkulumo nezingxoxo. Cela labo abaye babhekana nokucindezela kontanga ukuba bachaze ukuthi bakwazi kanjani ukuzigcina bematasa emsebenzini wokushumayela naphezu kwako.

INgoma 78 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 18

INgoma 94

15 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikhethiwe kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso. Umbiko wezimali. Chaza ngamalungiselelo akhethekile enkonzo yasensimini ngo-December 25 no-January 1. Phendula umbuzo othi: Ingabe kukhona okubi ngokuhlangayela emigubhweni enemisuka engeyona eyobuKristu uma nje ingenziwa ngezizathu ezingokwenkolo?—Bheka incwadi Ukubonisana, amakhasi 37-9.

12 imiz: “ISikole Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-2001.” Inkulumo enikezwa umbonisi wesikole. Bakhuthaze bonke ukuba bahambisane nokufundwa kweBhayibheli kwamasonto onke futhi bakukhuthalele ukufeza izabelo zabo esikoleni.

18 imiz: “Ingabe Ushumayela Ngesibindi?”b Cela izilaleli ukuba zikhulumele imibhalo esesihlokweni. Usebenzisa incwadi Ukuhlelelwa, ikhasi 85, bonisa ukuthi singakwazi kanjani ukuqunga isibindi futhi siphumelele ngokwengeziwe enkonzweni yasensimini.

INgoma 124 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-December 25

INgoma 126

10 imiz: Izaziso zebandla. Cela izilaleli ukuba zilandise nganoma yikuphi okuhlangenwe nakho ezikuthole emsebenzini wazo wokushumayela. Bukeza isipho sencwadi ngo-January.

20 imiz: Izidingo zebandla.

15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Umdala uxoxa ngamaphuzu nezilaleli. Hlanganisa nanoma yimaphi amaphuzu afanele encwadini yeNhlangano ka-October 15, 1999. Khumbuza ibandla ukuba njalo libukeze iziqondiso zesikhathi esidlule ezanikezwa kuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ngokuphathelene nelungiselelo elisha lokuhambisa izincwadi ukuze bonke bakhulume zwi linye.

INgoma 151 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-January 1

INgoma 171

10 imiz: Izaziso zebandla. IZindaba Ezingokwasezulwini. Uma ibandla lenu lizoshintsha izikhathi zemihlangano onyakeni omusha, banxuseni bonke ukuba baqhubeke beba khona njalo emihlanganweni yebandla ngalezi zikhathi ezintsha. Yazisani izifundo zeBhayibheli nabanye abathakazelayo nganoma yiluphi ushintsho futhi niqale ukusebenzisa izimemo ezinezikhathi ezintsha. Phawula ngombiko wenkonzo ka-September wezwe lonke nowebandla lakini. Khumbuza abamemezeli ukuba bafake imibiko yenkonzo yasensimini ka-December.

20 imiz: Indlela Yokulungiselela Izimpindelo. Ubaba uxoxa nomkhaya wakhe ngokuthi bangakhiqiza kanjani ngokwengeziwe enkonzweni yabo. Ugcizelela izizathu ezingokomBhalo zokulandelela sonke isithakazelo esitholakalayo. Besebenzisa iziqondiso ezikuyi-Nqabayokulinda ka-July 1, 1999, ikhasi 22, isigaba 18, balungiselela ukwenza izimpindelo. Bonke bayavuma ukuthi baye bakhuluma nabantu okufanele baphinde babavakashele. Ngamunye uchaza ukusabela akuthole ekuhambeleni kokuqala futhi abanye basikisela indlela yokwenza leyo mpindelo nombhalo ongasetshenziswa. Bathola amaphuzu angase asetshenziswe ngokuphumelelayo encwajaneni ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? Abazali baprakthizisa omunye wabantwana lokho azokusho empindelweni yakhe. Bahlela isikhathi esiqondile sokwenza izimpindelo phakathi nesonto elilandelayo.

15 imiz: Yini Esiyikholelwayo? Umzalwane wenza impindelo kumuntu owayebuze umbuzo othi, “Yini oFakazi BakaJehova abayifundisayo ebenza bahluke kwezinye izinkolo?” Xoxa ngamaphuzu asebhokisini elisekhasini 6 kuyi-Nqabayokulinda ka-October 1, 1998. Chaza indlela ezinye izinkolo eziwashaya indiva noma ziwenqabe ngayo amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo zikhethe izimfundiso zabantu.

INgoma 212 nomthandazo wokuphetha.

[Imibhalo yaphansi]

a Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

b Isethulo masibe ngaphansi komzuzu bese kulandela ingxoxo yemibuzo nezimpendulo.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela