Uthini Lapho Uphendulwa Umshini Ophendula Ucingo?
Ucingo luyindlela esebenzayo yokushumayela kubantu abangatholakali emakhaya noma abahlala ensimini engasebenzeki. Nokho, abantu abaningi abaluphenduli ucingo—luphendulwa yimishini. Uma lokhu kwenzeka, yini ongayenza? Ungaluvali. Kunalokho, yiba nempendulo ebhaliwe futhi elungiselelwe kahle ongayifunda lapho ukhuluma ocingweni. Prakthiza ukwenza lokhu ngezwi elipholile, elisangxoxo. Ungathini?
Ungase umeme umninikhaya ukuba abe khona emhlanganweni wasobala ozoba seHholo LoMbuso. Ungase uthi: “Igama lami ngingu-_. Ngike ngazama ukukuthinta, kodwa ngeshwa angikutholanga ekhaya. Uma ungathanda ukuzwa ingxoxo esekelwe eBhayibhelini ephathelene [yisho isihloko senkulumo yeningi], ngicela uze eHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova. Wonke umuntu uyemukelwa. Akucelwa nkongozelo.” Yibe usuchaza kafushane usuku nesikhathi somhlangano, unikeze ikheli lomgwaqo noma uchaze ukuthi iHholo LoMbuso likuphi.
Qaphela ukuthi bakhona yini abantu oqala ukubabona abakhona emhlanganweni, zethule kubo, ubenze bazizwe bamukelekile. Ungakhohlwa ukusikisela isifundo seBhayibheli sasekhaya samahhala!