IZaziso
◼ Ngo-December: Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila. Ngo-January: Noma iyiphi incwadi eyanyatheliswa ngaphambi kuka-1991 okungenzeka ukuthi ibandla linayo esitokweni. Uma ningenazo lezi zincwadi esitokweni, sicela nibuze emabandleni angomakhelwane ukuthi awanazo yini izincwadi ezindala ezinqwabelene eningazihambisa. Amabandla angenazo izincwadi ezindala angase ahambise incwajana ethi Hlalani Nilindile! Ngo-February: Sondela KuJehova.
◼ Sicela niphawule ukuthi iSikhumbuzo sonyaka ka-2007 siyoba ngoMsombuluko, April 2, ngemva kokushona kwelanga. Lesi saziso senziwa kusengaphambili ukuze abazalwane bakwazi ukufaka izicelo zokubekisa amahholo angatholakala ngalolu suku uma kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso futhi kudingeka ukuba kutholakale ezinye izindawo. Ezimweni ezinjalo, abadala kufanele benze isivumelwano nabaphathi, esiqinisekisa ukuthi azikho ezinye izinto eziphazamisayo eziyokwenziwa kuleso sakhiwo ukuze umkhosi weSikhumbuzo uqhutshwe ngokuthula nokuhleleka.
◼ Ngenxa yokubaluleka kweSikhumbuzo, indikimba yabadala kufanele ikhethe omunye wabadala abafaneleka kangcono ukuze abe yisikhulumi esikhundleni sokushintshana noma ukusebenzisa umzalwane ofanayo unyaka nonyaka. Uma kunomdala ogcotshiwe okufanelekela kahle ukunikeza le nkulumo, kufanele kukhethwe yena.