IZaziso
◼ Isipho sencwadi ngo-January. INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo YamaKristu YesiGreki nencwadi ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila noma nethi Ukufuna Kwesintu UNkulunkulu. Ngo-February: Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya. Ngo-March: Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade. Kuyokwenziwa umzamo okhethekile wokuqala izifundo zeBhayibheli zasemakhaya. Ngo-April: Omagazini INqabayokulinda ne-Phaphama! Phathani incwajana ethi Yini UNkulunkulu Ayifunayo? ukuze niyinikeze abantu abathakazelayo, futhi nizame ukuqala izifundo zeBhayibheli zasekhaya.
◼ Bonke abamemezeli ababhapathiziwe abakhona eMhlanganweni Wenkonzo ngesonto lika-January 31 bangase bathole ikhadi i-Advance Medical Directive/Release kanye ne-Identity Card yezingane zabo.
◼ Kusukela ngo-February, futhi engakedluli u-March 5, ababonisi bezifunda bayonikeza inkulumo yeningi entsha ethi “I-Armagedoni Yangempela—Ngani? Nini?”
◼ Amabandla kufanele enze amalungiselelo afanele okugubha iSikhumbuzo kulo nyaka ngoLwesithathu, April 19, ngemva kokushona kwelanga. Nakuba inkulumo ingase isheshe iqale, ukuhanjiswa kwezifanekiselo zeSikhumbuzo akufanele kuqale ngaphambi kokushona kwelanga. Buzani emithonjeni yokwaziswa yendawo ukuthi ilanga lishona nini endaweni yakini. Nakuba kukuhle ukuba ibandla ngalinye ligubhe iSikhumbuzo salo lilodwa, kungase kungenzeki ngaso sonke isikhathi. Lapho kunamabandla amaningana asebenzisa iHholo LoMbuso elilodwa, mhlawumbe ibandla elilodwa noma ngaphezulu angasebenzisa enye indawo ngalobo busuku. Uma kungenzeka, sisikisela ukuba imihlangano ishiyane ngemizuzu engu-40 ukuze bonke bazuze ngokugcwele kulesi senzakalo, kube nesikhathi esanele sokubingelela izivakashi nokukhuthaza abathakazelayo. Kufanele kucatshangelwe nokuminyana kwezimoto nokupaka, kuhlanganise nendawo yokwehlisa nokugibelisa abagibeli. Indikimba yabadala kufanele inqume ukuthi yimaphi amalungiselelo ayosebenza kangcono kakhulu ebandleni.
◼ Inkulumo yeningi ekhethekile yesikhathi seSikhumbuzo ngo-2000 iyonikezwa ngeSonto, April 16. Isihloko senkulumo siyothi “Isizathu Sokuba Isintu Sidinge Isihlengo.” Uhlaka luzothunyelwa. Amabandla ayobe ehanjelwe umbonisi wesifunda, enomhlangano wesifunda noma umhlangano okhethekile wosuku olulodwa ngaleyo mpelasonto ayoba nenkulumo ekhethekile ngesonto elilandelayo. Alikho ibandla okufanele libe nenkulumo ekhethekile ngaphambi kuka-April 16, 2000.
◼ Njengoba igatsha lethu muva nje licelwe iNdikimba Ebusayo ukuba lisize ngomsebenzi wobunjiniyela wezakhiwo zamagatsha ase-Afrika, iHhovisi Lonjiniyela lethu lidinga ngokuphuthumayo abazalwane noma odade abanekhono lokudweba amapulani, onjiniyela bakagesi noma abanolwazi lukagesi, onjiniyela bokuklama, ama-quantity surveyor nabaqondisi bezokwakha.
◼ USuku Lukamagazini olukhethekile luzoba ngo-April 1, 2000. Esikhathini esidlule abaningi baye bakujabulela ukuhlanganyela emsebenzini woSuku Lukamagazini olukhethekile. Kungani ungaqali ukuhlela manje ukuze uhlanganyele ngokugcwele kulo nyaka? Amabandla kufanele awathumele ngokushesha ama-oda akhethekile omagazini.
◼ Njengoba ilungiselelo lokuhambisa izincwadi elenziwe lula selisebenza, iNhlangano ngeke isaba nawo amaBhayibheli abomdabu ngaphandle kwawe-Nguqulo Yezwe Elisha. Uma esephelile lawo esinawo manje esitokweni, sicela ukuthi uma niwafuna niwathenge ezitolo zendawo. Sifisa nokunikhumbuza nonke ukuthi zonke izincwadi senizozithola ngebandla lenu, ngoba i-bookroom yaseBethel isivaliwe.