Izinceku Ezikhonzayo Zifeza Inkonzo Ebalulekile
1 “Lawa ngamadoda . . . aseye azibonakalisa kakade njengamadoda azinikezele ngempela nalukholo lwawo seluye lwabonakala enkonzweni yoMbuso yokushiseka nasekusizeni abanye ukuba baqine ekukholweni.” Isho kanjalo incwadi Ukuhlelelwa Ukufeza Inkonzo Yethu ekhasini 57, uma ikhuluma ngezinceku ezikhonzayo. Ngempela, isibonelo esingokomoya esibekwa izinceku ezikhonzayo sikufanele ukulingiswa. Ukubambisana nazo kanye nabadala ‘kubangela ukukhula komzimba ukuze uzakhe othandweni.’—Efe. 4:16.
2 Izinceku ezikhonzayo zenza umsebenzi obalulekile ebandleni. Cabanga ngazo zonke izinkonzo eziwusizo ezizenzayo! Zinakekela izimali, izincwadi, omagazini, izikhokhelo kanye namasimu; zisebenza njengabalindi, zinakekela imibhobho neHholo LoMbuso. Zinikeza izinkulumo eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini naseMhlanganweni Wenkonzo. Ezinye zize zinikeze ngisho nezinkulumo zeningi noma ziqhube eminye imihlangano yebandla. Njengamalungu omzimba, izinceku ezikhonzayo zifeza izinkonzo esizidingayo.—1 Kor. 12:12-26.
3 Ukubona izinceku ezikhonzayo zibambisana ngokuzwana nabadala njengengxenye yendikimba eyodwa, behloniphana futhi benokuqonda, kukhuthaza abanye ukuba benze okufanayo. (Kol. 2:19) Ngokufeza imithwalo yazo yemfanelo ngokwethembeka masonto onke nangokubonisa isithakazelo kwabanye, zinikela entuthukweni engokomoya eqhubekayo ebandleni.
4 Yini esingayenza ukuze sibonise ukwazisa kwethu izinceku ezikhonzayo ezizikhandlayo? Kufanele sijwayelane nemisebenzi eziyabelwe futhi sibonise ukuthi sizimisele ukubambisana nazo uma kudingeka usizo lwethu. Ngezwi noma ngesenzo, singazitshela ukuthi siyawazisa umsebenzi wazo. (IzAga 15:23) Labo abazikhandlayo ngenxa yethu kufanele sibazise ngobuqotho.—1 Thes. 5:12, 13.
5 IZwi likaNkulunkulu lisazisa ngendima efezwa izinceku ezikhonzayo kanye nezimfanelo zazo. (1 Thim. 3:8-10, 12, 13) Inkonzo yazo engcwele ewusizo ibaluleke kakhulu ekusebenzeni kwebandla. Amadoda anjalo kufanele siqhubeke siwakhuthaza, njengoba wonke ‘enokuningi kokukwenza emsebenzini weNkosi.’—1 Kor. 15:58.