Yiba Khona ‘Nakakhulu’ Emihlanganweni
1 Ukuhlangana ndawonye bekulokhu kubalulekile kubantu bakaJehova. Ama-Israyeli ayenethempeli kanye namasinagoge awo ayeyizikhungo zokukhulekela kweqiniso, imfundo yaphezulu nobudlelwane obujabulisayo. AmaKristu okuqala ngokufanayo awazange akuyeke ukuhlangana ndawonye. Njengoba izingcindezi nokuvivinywa kwanda kulezi zinsuku zokugcina ezibucayi, nathi sidinga ukuqiniswa okungokomoya esikuthola emihlanganweni yethu yebandla—futhi sikudinga ‘kakhulu.’ (Heb. 10:25) Phawula izizathu ezintathu ezisenza sibe khona emihlanganweni.
2 Ngenxa Yobudlelwane: ImiBhalo isikhuthaza ukuba ‘siqhubeke siduduzana futhi sakhana.’ (1 Thes. 5:11) Ubudlelwane bokuhlonipha uNkulunkulu bugcwalisa izingqondo zethu ngemicabango emihle futhi busishukumisele ukuba senze imisebenzi emihle. Kodwa uma sizehlukanisa, siyothambekela ekubeni nemicabango ewubuwula neyobugovu noma ngisho neyokuziphatha okubi.—IzAga 18:1.
3 Ukuze Sifundiswe: Imihlangano yobuKristu inesimiso esiqhubekayo semfundo yeBhayibheli esiklanyelwe ukugcina uthando ngoNkulunkulu luvutha ezinhliziyweni zethu. Inikeza isiqondiso esiwusizo ekusebenziseni “yonke injongo kaNkulunkulu.” (IzE. 20:27) Imihlangano ilola ikhono lethu lokushumayela nokufundisa izindaba ezinhle, okungamakhono adingeka kakhulu manje ukuze sithole injabulo enkulu yokuthola nokusiza labo abayolamukela iqiniso leBhayibheli.
4 Ukuze Sivikelwe: Kuleli lizwe elibi, ibandla liyisiphephelo sangempela esingokomoya—inqaba yokuthula nothando. Uma sisemihlanganweni yebandla, umoya kaNkulunkulu ongcwele uba nethonya elinamandla kithi, uveze izithelo ‘eziwuthando, injabulo, ukuthula, ukubhekakade, umusa, ubuhle, ukholo, ubumnene, ukuzithiba.’ (Gal. 5:22, 23) Imihlangano isiqinisela ukuba sime siqinile futhi singaxegi okholweni. Isihlomisela ukuba sikulungele ukubhekana nezilingo esikhathini esizayo.
5 Ngokuba khona njalo emihlanganweni, sithola lokho umhubi akuchaza, njengoba kubhalwe kumaHubo 133:1, 3: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye.” Noma kuphi lapho abantu bakaNkulunkulu bekhonza futhi bahlangane khona ndawonye namuhla, “uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube-phakade.”—Omalukeke sizenzele.