IMihlangano Yenkonzo Ka-April
Isonto Eliqala Ngo-April 6
INgoma 27
10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Bakhumbuze bonke ngesikhathi kanye nendawo okuzogujelwa kuyo iSikhumbuzo ngoMgqibelo, April 11. IZindaba Ezingokwasezulwini.
15 imiz: “Inkonzo Yethu—Indlela Yokubonakalisa Uthando Lweqiniso.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela kafushane amaphuzu akuyi-Nqabayokulinda ka-February 1, 1987, amakhasi 16-17, izigaba 3-7.
20 imiz: “Omagazini Bamemezela UMbuso.” Umdala uxoxa ngalesi sihloko neqembu labamemezeli abathathu noma abane abaphumelelayo ekuhambiseni omagazini. Xoxani ngezici ezikhangayo zomagazini bamuva, nisikisele izindlela la maphuzu angase afakwe ngazo ezintshumayelweni zethu. Cabangelani indlela ukusakazwa komagazini okungase kwandiswe ngayo ensimini yebandla lenu. Nisebenzisa omagazini bamuva, xoxani ngezihloko ezivusa isithakazelo, njengalezo eziphathelene nezinkinga zezenhlalo, zomkhaya noma zomphakathi. Makube nemiboniso emibili noma emithathu emifushane yalezi zintshumayelo.
INgoma 205 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 13
INgoma 90
10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.
15 imiz: Izidingo zebandla.
20 imiz: “Yiba Khona ‘Nakakhulu’ Emihlanganweni.” Imibuzo nezimpendulo. Uma isikhathi sivuma, bukeza isikhuthazo esisencwadini ethi Ukuhlelelwa, amakhasi 64-5. Batuse ngokufudumele bonke ababa khona njalo emihlanganweni.
INgoma 119 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 20
INgoma 5
10 imiz: Izaziso zebandla. Yisho ukuthi akukephuzi kangako ukufaka isicelo sokuba iphayona elisizayo ngo-May.
10 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Inkulumo enikezwa umdala oveza ngomusa izindlela eziqondile okungase kuthuthukiswe ngazo ebandleni.
25 imiz: “Kufuneka Izifundo ZeBhayibheli Ezengeziwe.” Inkulumo kanye nengxoxo nezilaleli eqhutshwa umbonisi wenkonzo. Bukeza umsebenzi webandla wezifundo zeBhayibheli. Tusa uma ibandla lenze kahle. Yisho ukuthi ikuphi okunye okungase kwenziwe ekuqaleni nasekuqhubeni izifundo zeBhayibheli, kuhlanganise nezifundo zemikhaya. Bonisa indlela isigaba 5 esisebenza ngayo ngokuxoxa nomzali owenza kahle ekuqhubeni isifundo somkhaya. Funda isigaba 8, bese ugcizelela amaphuzu angu-8 ashiwo. Chaza isigaba 13 ngokucela ummemezeli ophumelelayo ekuqhubeni izifundo ukuba alandise ukuthi kungenzeka kanjani ukuhlanganisa indaba ngaphandle kokulibala okungadingekile. Hlanganisa nokuhlangenwe nakho okukhethwe kahle okubonisa imiphumela emihle etholakele ebandleni.
INgoma 109 nomthandazo wokuphetha.
Isonto Eliqala Ngo-April 27
INgoma 100
12 imiz: Izaziso zebandla. Bakhumbuze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini yango-April. Memezela amagama alabo abazoba amaphayona asizayo ngo-May. Chaza amalungiselelo enziwe ebandleni emihlangano yenkonzo. Landisa ngokusikisela okuwusizo kokulungiselela izintshumayelo zokuhambisa omagazini bamuva.—Bheka INkonzo Yethu YoMbuso ka-October 1996, ikhasi 12.
15 imiz: Indlela Abelusi AbangamaKristu Abakukhonza Ngayo. Inkulumo enikezwa umdala, esekelwe kuyi-Nqabayokulinda ka-March 15, 1996, amakhasi 24-7.
18 imiz: Londoloza Umbono Oqondile Lapho Ushumayela Ensimini Esetshenzwa Njalo. Umdala uxoxa ngale ndaba nabamemezeli ababili noma abathathu abaye badumala ngenxa yokungasabeli kahle okusensimini esetshenzwa ngokuphindaphindiwe. Ubukeza nabo INqabayokulinda ka-July 15, 1988, amakhasi 16-19, izigaba 4-14. Baxoxa ngokuzimisela ngezindlela lokhu kusikisela okungase kusetshenziswe ngazo ebandleni.
INgoma 191 nomthandazo wokuphetha.