Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/96 k. 2
  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imihlangano Yenkonzo Ka-October
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Izihlokwana
  • Isonto Eliqala Ngo-October 7
  • Isonto Eliqala Ngo-October 14
  • Isonto Eliqala Ngo-October 21
  • Isonto Eliqala Ngo-October 28
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
km 10/96 k. 2

Imihlangano Yenkonzo Ka-October

Isonto Eliqala Ngo-October 7

INgoma 47

10 imiz: Izaziso zebandla. IZaziso ezikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ezisebenzayo ebandleni. Khulumela umbiko webandla wenkonzo yasensimini ka-August. U-October uyinyanga yokugcina yomkhankaso wensimu engabelwe. Bakhuthaze bonke ukuba bahlanganyele ngokugcwele.

15 imiz: IBhokisi Lemibuzo. Umbonisi wenkonzo noma omunye umdala ofanelekayo uxoxa ngalokhu kwaziswa nezilaleli.

20 imiz: “Zilungiselele Intshumayelo Yakho Siqu Yokuhambisa Umagazini.” (Izigaba 1-7) Buza imibuzo ezigabeni 1-4, bese kuba nemiboniso emibili noma emithathu emifushane yokubonisa indlela izikhokhelo ezingase zihanjiswe ngayo, kusetshenziswa izigaba 5-7. Hlanganisa nokwaziswa okukuyi-Nqabayokulinda ka-March 1, 1987, ikhasi 17, izigaba 8-9.

INgoma 222 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 14

INgoma 39

10 imiz: Izaziso zebandla. Umbiko wezimali.

15 imiz: “Ukumemezela Izindaba Ezinhle Zokuthile Okungcono.” Imibuzo nezimpendulo. Yisho ezinye zezihloko eziqavile eziye zavela kuyi-Nqabayokulinda.—Bheka INqabayokulinda ka-March 1, 1987, ikhasi 13.

20 imiz: “Zilungiselele Intshumayelo Yakho Siqu Yokuhambisa Umagazini.” (Izigaba 8-11) Imibuzo nezimpendulo. Khulumela nokusikisela okune okukuyi-Nqabayokulinda ka-January 1, 1994, amakhasi 24-5, izigaba 18-21. Usebenzisa omagazini baka-October, bonisa indlela yokulungiselela intshumayelo: (1) Khetha isihloko ngokunokwenzeka esiyovusa isithakazelo ensimini yenu, (2) funa iphuzu elithakazelisayo ongaliqokomisa, (3) cabanga umbuzo ongawusebenzisa ukuze udonsele ukunakekela kulelo phuzu, (4) khetha umbhalo ongawufunda uma unikezwa ithuba, bese (5) ulungiselela isingeniso sakho nalokho ozokusho ngomagazini ukuze ukhuthaze umninikhaya amukele isikhokhelo. Makube nabamemezeli ababili noma abathathu abanekhono ngamunye enze umboniso wentshumayelo. Hlanganisa nomusha ozokwenza umboniso olula wokuhambisa umagazini.

INgoma 82 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 21

INgoma 169

12 imiz: Izaziso zebandla. Chaza indlela yokuqala umzila kamagazini: (1) Gcina umbhalo kamagazini ngamunye owuhambisile nesihloko osiqokomisile, (2) hlela ukubuya nomagazini abalandelayo, bese (3) ubekela eceleni isikhathi esithile esimisweni sakho senkonzo yamasonto onke sokuba uphindele kulaba bantu. Khumbula ukuhambisa izikhokhelo ngawo wonke amathuba. Uma isikhokhelo senqatshwa, hambisa omagazini ababili. Khumbuza abamemezeli ukuba babike ukuya kwabo ngakunye emzileni kamagazini njengempindelo.

13 imiz: “Sebenzani Insimu Yenu Ngokungashwampuluzi.” Xoxani ngalesi sihloko nanokuthi imaphi amalungiselelo ebandla okusebenza insimu yamabhizinisi. Cela izilaleli ukuba zilandise okuhlangenwe nakho okukhuthazayo ezakuthola lapho zisebenza izitolo ezisensimini yazo.

20 imiz: “UMhlangano Wesigodi ‘Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ Ka-1996.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 1-17 ngemibuzo nezimpendulo. Funda izigaba 10-11, 16.

INgoma 12 nomthandazo wokuphetha.

Isonto Eliqala Ngo-October 28

INgoma 27

10 imiz: Izaziso zebandla. Njengoba amaholide ezwe amaningana ango-December esondela, mhlawumbe azosinikeza isikhathi sokungayi emsebenzini nasesikoleni, bakhuthaze bonke ukuba bacabangele ukuthi abanakuba yini amaphayona asizayo. Bakhuthaze bonke ukuba bafake imibiko yabo yenkonzo yasensimini ka-October ngalempelasonto. Umbonisi owengamele nonobhala kufanele baqikelele ukuthi ngalezi zinyanga ezizayo bathumele umbiko ophelele eNhlanganweni.

15 imiz: “Indlela Yokuthengisisa Ithuba.” Imibuzo nezimpendulo. Hlanganisa nokukhulumela okukuyi-Nqabayokulinda ka-December 1, 1989, amakhasi 16-17, izigaba 7-11.

20 imiz: “UMhlangano Wesigodi ‘Wezithunywa Zokuthula KukaNkulunkulu’ Ka-1996.” Ukuhlanganiswa kwezigaba 18-24 ngemibuzo nezimpendulo. Funda isigaba 23. Bukeza esithi “Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi.”

INgoma 162 nomthandazo wokuphetha.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela