Ingxenye 3—Zuza Esikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini Sika-1996
1 Umphostoli uPawulu wayefuna ukuba abafowabo bamthandazele ukuze azuze ikhono lokukhuluma izindaba ezinhle ngesibindi. (Efe. 6:18-20) Nathi sifisa ukuhlakulela lelo khono. Ukuze silizuze, siyalwazisa usizo esilunikezwa iSikole Senkonzo Esingokwasezulwini, okukhuthazwa abeza emihlanganweni abafanelekayo ukuba basibhalisele.
2 Njengabafundi, sithola iseluleko esiqondiswe kumuntu siqu sokusisiza sithuthukise amakhono ethu okukhuluma nokufundisa. (IzAga 9:9) Singazuza nangokulalela iseluleko esitholwa abanye abafundi, sikusebenzise kithi ngokwethu lokho esikufundayo. Lapho silungiselela isabelo, kufanele siyifundisise indaba ukuze siqiniseke ukuthi ukuyichaza kwethu kunembile. Amaphuzu ayinhloko nemibhalo esiyisebenzisayo kufanele kufanelane nokuthuthukiswa kwesihloko sisonke. Uma isabelo sihilela nomunye umuntu, kufanele siprakthizwe kusenesikhathi ngaphambi kokuba sinikezwe esikoleni. Njengoba sithuthuka, kufanele senze umzamo wokukhuluma ngaphandle kokufunda phansi, sisebenzisa ipheshana elinamaphuzu athile kunelinayo yonke inkulumo.
3 Bonke abanezabelo esikoleni kufanele basheshe bafike, banikeze umbonisi wesikole iPheshana Leseluleko, bese behlala ngaphambidlana ehholo. Odade kufanele bamtshele kusengaphambili umbonisi wesikole ukuhlelwa kwenkulumo yabo nokuthi bazoma noma bazohlala phansi yini enkulumweni yabo. Ukubambisana ngalezi zindlela kwenza isimiso sishelele futhi kusiza labo abanakekela indawo yesikhulumi ukuba balungise zonke izinto kusengaphambili.
4 Ukulungiselela Isabelo No. 2: Injongo yokufundwa kweBhayibheli iwukusiza umfundi athuthukise ikhono lakhe lokufunda. Angalithuthukisa kanjani ngendlela engcono kakhulu? Indlela engcono kakhulu yokuphumelela iwukufunda indaba ngokuphumisela ngokuphindaphindiwe. Ukuze athole incazelo yamagama angajwayelekile nokuthi aphunyiselwa kanjani ngendlela efanele, umfundi kufanele awabheke kuyisichazamazwi. Uma ungaqiniseki ukuthi amagama athile abizwa kanjani, buza kubazalwane abalwazi kahle lolo limi.
5 INguqulo Yezwe Elisha yesiNgisi inikeza usizo lokuphumisela amabizoqho namagama angavamile atholakala eBhayibhelini. Lokhu ikwenza ngokuwacaza abe amalunga bese inikeza izimpawu zokugcizelela. (Bheka incwadi ethi “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo,” amakhasi 325-6, izigaba 27-8.) Umthetho uwukuthi ilunga elandulela uphawu lokugcizelela ligcizelelwa kakhulu. Uma ilunga elinophawu lokugcizelela ligcina ngonkamisa, unkamisa uphunyiselwa ngokwelula. Uma ilunga ligcina ngongwaqa, unkamisa walelo lunga awululwa. (Qhathanisa elithi Saʹlu nelithi Salʹlu.) Ukuze balungiselele izabelo zabo zokufundwa kweBhayibheli, abanye abazalwane balalela amakhasethi eNhlangano.
6 Abazali bangasiza izingane zabo ezincane ukuba zilungiselele isabelo sokufunda. Lokhu kungahlanganisa ukulalela lapho ingane iprakthiza bese uyinikeza ukusikisela okuwusizo kokuthuthukisa. Isikhathi esabiwe sivumela ukuba kube nesethulo esifushane nesiphetho esifanele esiveza indlela amaphuzu ayinhloko asebenza ngayo. Ngaleyo ndlela umfundi uthuthukisa ikhono lakhe lokukhuluma engafundi phansi.
7 Umhubi ethandaza wanxusa: “Nkosi, vula izindebe zami, ukuze umlomo wami ulande ngodumo lwakho.” (IHu. 51:15) Kwangathi ukuhlanganyela kwethu eSikoleni Senkonzo Esingokwasezulwini kungasisiza sigcwalise lesi sifiso esifanayo.