Ngothando Siza Labo Ababonisa Isithakazelo
1 Lapho ingelosi kaJehova imqondisa kumTopiya owabonisa isithakazelo esiqotho eqinisweni leZwi likaNkulunkulu, ngothando umfundi uFiliphu wazinikela ukumsiza ukuba aqonde lokho ayekufunda. (IzE. 8:26-39) Ingabe senza umzamo okhethekile ukuze sisize labo ababonisa isithakazelo? Kufanele senze kanjalo, ngoba ukuthunywa kwethu kwaphezulu kuhlanganisa nokwenziwa kwabafundi. (Math. 28:19, 20) Yini esingayenza ukuze sibasize?
2 Isonto ngalinye bekela eceleni isikhathi sokwenza izimpindelo. Hlela ukuba uhambele labo ababonisa isithakazelo, bese uzama ukuvuselela ingxoxo engokomBhalo eyaqalwa ekuhambeleni kwakho kokuqala. Engqondweni yiba nomgomo wokuqala isifundo seBhayibheli. Phindela njalo ngenjongo yokuhambisa omagazini bamuva INqabayokulinda ne-Phaphama! Uma isikhokhelo senqatshwa lapho usihambisa okokuqala.
3 Uma nanixoxe ngokubaluleka kweBhayibheli ekuhambeleni kwakho kokuqala, ungase uyivuselele ingxoxo, usebenzisa lokho okusikiselwe ekhasini 66 lencwadi ethi “Ukubonisana” bese usho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Abanye banomuzwa wokuthi iseluleko seBhayibheli asilona usizo ezweni lethu lamanje. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] Awuvumi yini ukuthi incwadi enikeza iseluleko esinengqondo esingasenza sibe nokuphila komkhaya okujabulisayo inenzuzo? [Lindela impendulo.] Imibono kanye nemikhuba ehilela ukuphila komkhaya ishintshile, futhi imiphumela esiyibonayo namuhla ayimihle. Kodwa imikhaya esebenzisa lokho iBhayibheli elikushoyo iqinile futhi iyajabula.” Funda eyabaseKolose 3:18-21. Hambisa ipheshana elithi Isizathu Sokuba Uthembe IBhayibheli, bese uchaza ukuthi sinikeza imfundo yamahhala yeBhayibheli.
4 Ungaqala ingxoxo ephathelene nesimo sabafileyo ngalendlela:
◼ “Bekulokhu kukhulunywa kakhulu ngesimo sabafileyo. Ucabanga ukuthi kwenzekani kithi uma sifa? [Lindela impendulo.] Izinkolo eziningi zifundisa ukuthi siyaqhubeka siphila sikwesinye isimo. Abaningi baye bamangala ukufunda lokho iBhayibheli elikushoyo ngalendaba. [Funda umShumayeli 9:5.] Nakuba abafileyo bengaphili, basakhunjulwa. UNkulunkulu uthembise ukuthi uzobabuyisela ekuphileni ngaphansi kokubusa koMbuso wakhe.” Mbonise INqabayokulinda ka-October 15, 1994, noma ikhasi 162 lencwadi ethi Ungaphila Phakade, bese nixoxa ngemibhalo nangemifanekiso. Hlela ukuba uphinde ubuyele, ngenjongo yokuqala isifundo seBhayibheli.
5 Uma ufisa ukunikeza incazelo eyengeziwe ngombono wamaKristu ngezimpi eziphakathi kwezizwe, ungathanda ukusho okuthile okunjengalokhu:
◼ “Abanye bakholelwa ukuthi ukulwa yikhona kuphela okuyindlela yokuxazulula izimpikiswano. Uzizwa kanjani ngalokho? [Lindela impendulo.] IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba abantu bahlale ndawonye ngokuthula. [Funda eyabaseRoma 12:17, 18.] Lokho kuyoba ngokoqobo emhlabeni wonke ngaphansi kokubusa koMbuso kaNkulunkulu.” Bhekisela encwajaneni engangomagazini ethi Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, amakhasi 25-6. Sikisela ukuba ubuye uzochaza ukuthi kungani uJesu asifundisa ukuba sithandazele ukuthi ‘intando kaNkulunkulu yenziwe emhlabeni njengasezulwini.’—Math. 6:10.
6 Umthenwa ongumTopiya wavuma ukuthi wayengenakuqonda kungekho muntu omqondisayo. (IzE. 8:31) Ngothando uFiliphu wamnikeza usizo ayeludinga. Singabonisa uthando lwethu oluqotho ngabanye ngokubasiza ngendlela efanayo.