Yiba Nesithakazelo Komagazini Ngo-October
1 Ngo-October sinethuba lokuhambisa isikhokhelo se-Nqabayokulinda ne-Phaphama! kubantu abaningi ngangokunokwenzeka. Ukuba nesithakazelo komagazini kuhilela ukuba nesikhathi sokubafunda ngokucophelela nokucabangela indlela izihloko ezingakhanga ngayo ensimini yethu.
2 Okokuqala, jwayelana nezihloko eziqokonyiswe esembozweni. Khetha izihloko onomuzwa wokuthi zingakhanga kubantu basensimini yenu. Ingabe abantu ngokuyinhloko bangabenkolo eyodwa? Yiziphi izinto abazikhathalela kakhulu? Unalokhu engqondweni, kufanele ukwazi ukulungiselela intshumayelo ephumelelayo. Phawula lezi ezinikezwe ngezansi.
3 Uma uhambisa “INqabayokulinda” ka-October 1, ungase uqokomise isihloko esithi “IBhayibheli—Libaluleke Ngani Ngempela?” Ungase uthi:
◼ “Cishe iBhayibheli ungalithola kunoma yiliphi ikhaya emphakathini wakithi. Abaningi abanalo banomuzwa wokuthi linokuthile okubaluleke kakhulu.” Khona-ke ungase ubuze umbuzo oqondile, onjengalona: “Ucabanga ukuthi yini eyenza iBhayibheli libe elivelele?” noma othi, “Ucabanga ukuthi yini engasiza abantu abengeziwe ukuba bazuze eBhayibhelini?” Ngemva kokuphendula komninikhaya, ungase ukwazi ukuqhubeka nokukhulumela okufanelekayo, okunjengokuthi: “Kunobufakazi obuningi bokuthi iBhayibheli liphefumlelwe uNkulunkulu futhi liyisiqondiso esingathembela kuso. Linolwazi olungasiholela ekuphileni okuphakade. [Funda uJohane 17:3.] Lesisihloko se-Nqabayokulinda sichaza indlela wena ngokwakho ongalisebenzisa ngayo iBhayibheli ukuze uthole izimpendulo zemibuzo yakho ephathelene nekusasa. Ngingakujabulela ukuhlela ukuba wenze isikhokhelo sonyaka salomagazini omuhle ngomnikelo ka-R30,00.” Uma umninikhaya esenqaba isikhokhelo, mkhuthaze ukuba athathe omagazini ababili. Ngalendlela ungaqala nomzila kamagazini.
4 Usebenzisa “INqabayokulinda” ka-October 15, ungase ukhethe ukusebenzisa indlela elula enjengalena:
◼ “Cishe wonke umuntu uke walahlekelwa othandekayo ngokufa. Lesisihloko siphakamisa lombuzo: ‘Siyini Isimo Sabafileyo?’ Ucabanga ukuthi kwenzekani lapho umuntu efa? [Lindela impendulo.] Uma uthanda ukwazi ukuthi iBhayibheli liwuphendula kanjani lombuzo, ngingathanda ukukushiyela lomagazini. Kulenyanga sihambisa lomagazini omuhle emphakathini ongatholakala ngesikhokhelo esiwu-R30,00 ngonyaka.” Ipheshana elithi Liyini Ithemba Ngabathandekayo Abafile? malime ngomumo ukuze ulihambisele umninikhaya uma ethanda ukuthola ukwaziswa okuqondene ngqó nalendaba.
5 “IPhaphama!” ka-October 22 ihlaziya obunye bobufakazi obuningi obubonisa ukuhluleka kwenkolo yamanga. Usebenzisa izihloko ezisekelwe kwesithi “Lapho Inkolo Ithatha Uhlangothi Empini,” ungaphakamisa lombuzo:
◼ “Ukube uJesu ubekhona lapha namuhla, ucabanga ukuthi ubeyozizwa kanjani ngabo bonke ubudlova obusizungezile? [Lindela impendulo.] UJesu wasifundisa ukuba sithande wonke umuntu, ngisho nezitha zethu. Kodwa izinkolo eziningi ezithi zingezobuKristu zithatha uhlangothi emibangweni yezombangazwe. Ucabanga ukuthi lokhu kubathinta kanjani abantu abafuna ukuphila ngokwalokho uJesu akufundisa? [Lindela impendulo.] Lomagazini i-Phaphama! ukhuluma ngalowombuzo okhathazayo futhi uchaza nendlela uMbuso kaNkulunkulu ozonikeza ngayo impendulo.”
6 Qikelela ukuba isikhokhelo usihambise kuzo zonke izindlu, ngisho noma ungase ungakwazi ukuxoxa ngeBhayibheli. Lapho abantu bengenakukwazi ukwenza isikhokhelo, sikisela ukubalethela njalo omagazini abatholakalayo. Ngo-October masihlanganyele ngentshiseko ekusakazeni labomagazini abahle beqiniso.