Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/94 k. 4
  • Siza Abanye Bafunde Iqiniso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Siza Abanye Bafunde Iqiniso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Bayokuzwa Kanjani Uma Singaphindeli Kubo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
  • Lingisa UJehova Ngokukhathalela Abanye Ngobuqotho
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1996
  • Ingabe Uyazisebenzisa Lezi Zincwajana?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2012
  • Izintshumayelo Zenkonzo Yasensimini Ezisikiselwayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2005
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
km 7/94 k. 4

Siza Abanye Bafunde Iqiniso

1 UJesu weza emhlabeni ukuze afakazele iqiniso. Ukuze enze iqiniso lishunyayelwe kwabanye, waqeqesha abafundi bakhe ukuba babe abafundisi. Wayeqiniseka ukuthi bazophumelela ekufundiseni abanye kangangokuba wababiza ngokuthi ‘abafundisi basobala.’ (Math. 13:52, NW) Wafanisa ngamunye wabo nomuntu onenqolobane yengcebo engokoqobo akhipha kuyo. Abafundi bakaJesu namuhla basebenzisa izincwadi ukuze basheshise umsebenzi wokushumayela ngoMbuso. Ngokwesibonelo, amabandla amaningi anezinhlobonhlobo zezincwajana zokuzisebenzisela ukusiza abanye ukuba babe abafundi. Lamathuluzi ayigugu angasetshenziswa kanjani?

2 Ukuze uqale ingxoxo eholela ekuhambiseni incwajana ethi “Ikusasa Elilondekile—Indlela Ongalithola Ngayo,” ungase ubuze:

◼ “Wake wazibuza yini ukuthi kungani naphezu kwayo yonke imizamo yomuntu, amathemba ekusasa elilondekile ebonakala efiphele kangaka? [Lindela impendulo.] IBhayibheli liyachaza ukuthi kungani imizamo eminingi kangaka iye yahluleka.” Funda iHubo 146:3, 4. Ngemva kokubonisana nomninikhaya ngokwaziswa okusesigabeni 6, ungabuza: “Ubani ngempela okwaziyo ukusinikeza ukulondeka okuhlala njalo?” Ungase unqume ukuxoxa ngamaphuzu afanelekile asesigabeni 7 noma uhlele ukwenza kanjalo esikhathini esizayo, kuxhomeke empendulweni yomninikhaya.

3 Nansi enye indlela ongase ukwazi ukusebenzisa ngayo incwajana ethi “Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?”:

◼ “Abantu abaningi baye babuza lombuzo ongezansi kwalezizithombe ezimbili. [Funda umbuzo ongezansi emakhasini 6 no-7, bese ulindela impendulo.] Njengoba uNkulunkulu onothando engenakubangela ukuba kube khona ukulunga nokungalungi ngesikhathi esifanayo, ucabangani ngesithembiso sakhe esilapha ku-Isaya 65:21-24?” Uma uthola impendulo ebonisa isithakazelo esithile, vula esigabeni 37, bese uchaza ukuthi yini eyofezwa uMbuso kaNkulunkulu.

4 Lapho uhambisa incwajana ethi “Kukhona Okwengeziwe Ekuphileni!,” ungase uthi:

◼ “Kwabaningi ukuphila akuthakazelisi, kuyisicefe. Ucabanga ukuthi yini edingekayo ukuze ukuphila kube nenjongo ngokwengeziwe? [Vumela umninikhaya aveze umbono wakhe.] IBhayibheli libonisa ukuthi uNkulunkulu usigcinele izinto ezingcono. Ake ubheke ukuthi uthini lapha kusAmbulo 21:4, 5.” Uma kufaneleka, qhubeka nengxoxo ngamaphuzu asesigabeni 42 salencwajana.

5 Ukusebenzisa incwajana engangomagazini ethi “Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!,” ummemezeli osemncane angase athi:

◼ “Ungathanda yini ukuphila emhlabeni oyipharadesi onjengalona? [Mbonise isembozo sangaphambili nangemuva, bese ulindela impendulo.] Mina nomkhaya wakithi sibheke phambili ekuphileni lapho ngenxa yalokho iBhayibheli elikushoyo lapha kuJohane 17:3.” Ngemva kokufunda umbhalo, sikisela ukumshiyela lencwajana engangomagazini ukuze ayifunde ngomnikelo wamasenti angu-90.

6 Uma usebenzisa ezinye izincwajana noma izincwajana ezingangomagazini enkonzweni yakho kulenyanga, ungahlela izethulo zakho nezintshumayelo ngokwalokhu okusikiselwe ngenhla. Khumbula ukuba ufushanise futhi ukhulume ngendlela eyakhayo ukuze wenze umninikhaya abe nesithakazelo.

7 UJehova usinikeze iqiniso. Kufanele siwasebenzise ngokunenzuzo amathuba abekwe phambi kwethu okulihlanganyela nabanye, kokubili ngezincwadi nangezingxoxo esiba nazo nabantu esihlangana nabo. Ngalendlela sizibonakalisa singabafundisi basobala okwenza abanye bathole inzuzo yaphakade.—Math. 28:19, 20.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela