Bayokuzwa Kanjani Uma Singaphindeli Kubo?
1 “Bayakuzwa kanjani, kungekho oshumayelayo na?” (Roma 10:14) Ngempela, bayokuqonda kanjani lokho okushiwo iqiniso uma singenzi izimpindelo eziphumelelayo? Noma ikuphi ukuhambela esakwazi kukho ukuxoxa nomninikhaya ngesigijimi soMbuso kuyifanele impindelo. Kulenyanga singase sikwazi ukulandelela ingxoxo yethu yokuqala ngamanye amaphuzu angokomBhalo akunoma iyiphi incwajana esayihambisa, futhi kungase kuholele ngokuphumelelayo esifundweni seBhayibheli.
2 Uma wahambisa incwajana ethi “Ikusasa Elilondekile—Indlela Ongalithola Ngayo,” ungase ukwazi ukuqala ingxoxo engaholela esifundweni seBhayibheli ngalendlela. Ukhomba isembozo, ungabuza:
◼ “Ungathanda yini ukuphila ezweni lapho ikusasa elilondekile liqiniseke khona ngawe nomkhaya wakho? [Lindela impendulo. Khona-ke iya esigabeni 2.] Sonke sinaso lesisifiso, nakuba abaningi bengabaza ukuthi kuyoke kwenzeke. NgoNkulunkulu, othembisa ukuthi lokhu kuzokwenzeka, akuyona into engenakwenzeka.” Funda u-Isaya 32:17, 18 njengoba ecashunwe esigabeni 2, noma uwufunde eBhayibhelini lakho. Qhubeka uchaza ukuthi kunabantu emhlabeni wonke kakade asebeyithola injabulo nokuthula kwengqondo okubangelwa ithemba eliqinisekile lesikhathi esizayo. Xoxa ngamaphuzu angokomBhalo asesigabeni 3, bese uchaza ukuthi ukufunda lencwajana kungamsiza kanjani umninikhaya ukuba afunde okwengeziwe. Uma enesithakazelo, yenza amalungiselelo okubuyela ngokushesha nizoqhubeka nengxoxo.
3 Lapho uphindela ngemva kokuhambisa incwajana ethi “Ingabe Ukhona UNkulunkulu Onendaba?,” mhlawumbe okuthile okunjengalokhu kungaphumelela:
◼ “Ekuhambeleni kwami okudlule, saxoxa ngombuzo othi, Ingabe ukhona uNkulunkulu onendaba? Ucabanga ukuthi uNkulunkulu usikhathalela kangangokuba angaqeda ukuhlupheka nobudlova? [Ngemva kokuphendula kwalowomuntu, iya esigabeni 32, bese uqhubeka.] UNkulunkulu uthembise ukuthi esikhundleni salelizwe elonakele uzoletha elisha elizohlalwa abantu abalungile abayokwazi ukuhlala ngokuthula. [Funda iHubo 37:11.] Mina nawe singakujabulela ukuphila kulelozwe elisha uma silikholelwa iBhayibheli futhi sisisebenzisa iseluleko salo.” Chaza isimiso sethu sokusiza abantu ukuba bafunde iBhayibheli.
4 Lapho uphindela ngemva kokuhambisa incwajana engangomagazini ethi “Bheka, Ngenza Konke Kube-kusha,” ungase uqale ngokumbonisa umfanekiso osesembozweni bese ubuza umbuzo:
◼ “Ucabanga ukuthi kuyoba njani ukuphila ezweni eliphelele? [Thola impendulo yomninikhaya.] Lokho okubonayo kulomfanekiso akuyona nje into ecatshangelwayo; kusekelwe ezithembisweni eziqinisekile ezishiwo eBhayibhelini. [Funda isAmbulo 21:4 neHubo 37:11, 29.] Ngingathanda ukuchaza ukuthi wena nomkhaya wakho ningasijabulela kanjani lesisibusiso.” Uma umninikhaya ebonisa isithakazelo, qhubeka nengxoxo, bese usikisela isifundo seBhayibheli.
5 Lapho sithola abantu abaqotho abafuna iqiniso, sibonisa uthando lwethu oluqotho ngokubuyela kubo sibasize benze ngokuvumelana nalokho abakuzwile. Sisebenzisa amaqiniso angcwele esiwaphathisiwe ukuze thina nalabo abasizwayo sibusiswe phakade.—1 Thim. 4:16.