Ingabe Ungakwenza?
1 ‘Ngenzeni?’ uyabuza. IzAga 3:27 ziyaphendula: “Ungagodleli abaninikho okuhle, lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.” Ingabe “kusemandleni esandla sakho” ukwandisa inkonzo yakho futhi uhlanganyele enkonzweni yamaphayona asizayo noma avamile? Ingabe ungakwenza lokho?
2 Yeka indlela okwakukhuthaza ngayo ukufunda kuyi-Yearbook ka-1993 ukuthi eNingizimu Afrika kwakunesilinganiso samaphayona avamile nasizayo angu-6303, isilinganiso sephayona elilodwa kubamemezeli abangu-8. Yebo, abangu-814 bangenela inkonzo yobuphayona ngonyaka odlule. Lokhu kulingana nabamemezeli abangaphezu kwababili ngosuku abahlola izimo zabo futhi bathola ukuthi bangenza okwengeziwe enkonzweni.
3 Ubuphayona obusizayo buyindlela yokwenza okuhle kwabanye. Ngo-April 1992 kwakunamaphayona asizayo angu-8611 eNingizimu Afrika. Lokho kuhle kakhulu. Abamemezeli abaningi bafuna izindlela zokuba babe amaphayona asizayo izikhathi eziningi ngokuphindaphindiwe kuwo wonke unyaka.
4 Ukuze uthole ukuthi ungakwazi yini “ukukwenza” noma cha, kufanele uqale ucabangele isifiso sakho esisenhliziyweni. (Math. 22:37-39) IzEnzo 20:35 zithi: “Kubusisekile ukupha kunokwamukela.” Ngokungangabazeki, labo abanikeza usizo olungokomoya ngokungagodli ngokusuka enhliziyweni banesifiso esihle. Ukuze ube ummemezeli noma iphayona eliphumelelayo, sibalulekile lesosifiso.
5 Okwesibili, cabangela izimo zakho zamanje. Ingabe ungakwenza ukulungisa ezimweni zakho zansuku zonke ukuze ukhonze isikhathi esigcwele? Akuwona wonke umuntu ongakwazi ukukwenza. Kodwa ngemva kokuzihlola ngomthandazo, minyaka yonke izinkulungwane ziyayithola indlela ‘yokukwenza.’ (Kol. 4:5; wZU78 6/15 k. 5) Ngokwesibonelo, eminye imikhaya ikhetha izinyanga ezithile zokuba amalungu athile omkhaya noma wonke abe amaphayona asizayo. Eminye imikhaya isekela elinye lamalungu ayo ukuba libe iphayona elivamile. Ingabe umkhaya wakho uye wawacabangela lamathuba?—Bheka izAga 11:25.
6 Ukusiza abanye ukuba bazi iqiniso yikhona okuletha ukwaneliseka kwangempela, kungakhathaliseki ukuthi ukhonza njengommemezeli noma iphayona. Siyazi ukuthi injabulo yeqiniso ivela ekwenzeni okuhle kwabanye, ikakhulukazi uma ‘kusemandleni esandla sethu ukukwenza.’