Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 7/93 k. 3
  • IZaziso

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IZaziso
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
km 7/93 k. 3

IZaziso

◼ Isipho sencwadi esizohanjiswa ngo-July: Noma iyiphi yezincwajana ezingangomagazini ezilandelayo ingase isetshenziswe: “Bheka, Ngenza Konke Kube-Kusha,” Imimoya Yabafileyo—Ingakusiza Noma Ingakulimaza? Ingabe Ikhona Ngempela?, Ingabe Kufanele Ukholelwe KuZiqu-zintathu?, Ingabe UNkulunkulu Uyasikhathalela Ngempela?, Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade!, nethi UHulumeni Oyoletha IPharadesi, ngomnikelo wamasenti angu-90 iyinye. Ngo-August nango-September: Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni ngomnikelo ka-R9,00. Izincwadi ezincane zingu-R4,50. Ngo-October: Isikhokhelo se-Phaphama! noma se-Nqabayokulinda ngomnikelo ka-R19,00 ngomagazini abaphuma kabili ngenyanga. Izikhokhelo zonyaka zomagazini abaphuma kanye ngenyanga kanye nezezinyanga eziyisithupha zomagazini abaphuma kabili ngenyanga zingu-R9,50.

◼ Izivakashi zamukelekile ukuba zize zizobukiswa indawo yaseBethel umuntu oqondisayo ngalamahora alandelayo: NgoMsombuluko kuye kuLwesihlanu: 8:00 a.m.-11:00 a.m. nango-1:00 p.m.-4:00 p.m. NgoMgqibelo: 8:00 a.m.-11:00 a.m. Lolu ushintsho lwesaziso esasikuyi-Nkonzo Yethu YoMbuso ka-September 1990.

◼ Kusukela ngo-April 8, 1993, ulimi lwesiGujarati luye lwanezelwa ohlwini lomagazini be-Phaphama! abaphuma kanye ngenyanga abatholakala ngeposi.

◼ Umhlangano wesigodi: Sizani niphawule ukuthi usuku lowasePort Elizabeth selushintshelwe ku-December 16-19, 1993.

◼ Amabandla akhunjuzwa ukuba a-ode inani elanele lamafomu onyaka wenkonzo ka-1994. Lamafomu akufanele asaphazwe. Kufanele asetshenziselwe injongo enzelwe yona kuphela.

◼ Izincwadi Ezintsha Ezitholakalayo:

NgesiChichewa: Hubani Izindumiso ZikaJehova (Iculo elincane; ibandla neningi: R4,50; amaphayona: R3,00).

◼ Amakhasethi E-video Amasha Atholakalayo:

NgesiNgisi Sezithulu: Jehovah’s Witnesses—The Organization Behind the Name (ibandla neningi: R45,00; amaphayona: R40,00).

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela