Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 10/92 kk. 3-10
  • Umhlangano Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ Ka-1992

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Umhlangano Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ Ka-1992
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izimpindelo Ezilula Neziphumelelayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukusebenzisa Incwadi Ethi Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Ezimpindelweni
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
  • Siza Abantu Abanjengezimvu Ukuba Bakhele Esisekelweni Esiqinile
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1993
  • Ukubuyela Ukuze Wakhe Ukwazisa
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1994
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1992
km 10/92 kk. 3-10

Umhlangano Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ Ka-1992

1 UJesu wathi abafundi bakhe babeyoba ‘ukukhanya kwezwe.’ (Math. 5:14) Ngokuphambene, ubumnyama bezwe obungokomoya nobungokokuziphatha banda usuku nosuku. (Isaya 60:2; Roma 1:21) Umthwalo wethu wemfanelo njengabaphathi bokukhanya usho okukhulu ngokwengeziwe njengoba sisondela ekupheleni kwalesimiso sezinto. Njengoba siqaphela indima ebalulekile esiyifezayo, kungokulangazelela okukhulu sibheke phambili ekubeni khona eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’ ka-1992. Owokuqala kuloluchungechunge uqala ngoLwesihlanu, ngoDecember 4.

2 Umhlangano Wezinsuku Ezintathu: Kulonyaka siye sahlela ingqikithi yemihlangano engu-23 eNingizimu Afrika nasemazweni angomakhelwane. Ngaphandle kwesiNgisi, isimiso sonke siyokwethulwa ngesiBhunu, isiPutukezi, iSipedi, isiSuthu, isiTsonga, isiTswana, isiXhosa, nangesiZulu, kube nezinye izingxenye zesimiso eziqhutshwa ngesiGreki nesiVenda. Kuyoba nokuhumusha kwabakhuluma ngezandla ezindaweni ezimbili, okungukuthi eThekwini naseGoli. Isimiso siyoqala ngo-10:20 a.m. ngoLwesihlanu futhi siphethe ngengoma nomthandazo cishe ngo-4:15 p.m. ngeSonto. Amasango ayovulwa ngo-7:30 a.m., futhi akekho oyovunyelwa ukuba angene ngaphambi kwalesosikhathi ngaphandle kokuba abelwe ukusebenza. Bonke abantu bakaJehova bayothanda ukuba khona kuso sonke isimiso. Ingabe sewusenzile isinqumo somuntu siqu sokuba khona zonke izinsuku ezintathu? Qiniseka ukuthi uthandazela isibusiso sikaJehova emizamweni yakho.

3 Kufanele silalelisise kuso sonke isimiso, kusukela enkulumweni yokuqala ngoLwesihlanu ekuseni kuze kube senkulumweni yokuphetha ngeSonto ntambama. Ukwaziswa okushukumisayo kuyothuthukiswa futhi kunikezwe ngezinkulumo, imiboniso, izingxoxo, nangedrama. Hlela ukuba sendaweni yakho yokuhlala ngaphambi kokuqala kwesimiso ngoLwesihlanu. Ngokuvamile, ngosuku lokuqala kudingeka isikhathi esengeziwe sokupaka, ukufuna izihlalo, nokunye. Ngakho zinikeze isikhathi esiningi. Ngokulalela zonke izingxenye zesimiso nangokulinda ingoma nomthandazo wokuphetha, sizuza ngokugcwele esimisweni futhi sibonisa ukwazisa kwethu ngelungelo lethu lokukhonza njengabaphathi bokukhanya.

4 Lalelisisa: Umhubi wamemezela: “Ngiyaqaphela ubufakazi bakho. Ngiyawuthanda umthetho wakho kangaka. Usuku lonke ngizindla ngawo.” (IHu. 119:95b, 97) Ngaso sonke isikhathi lapho sihlangana ukuze sifundiswe uJehova, kunesidingo sokunakisisa nokulalela hhayi kuphela ngezindlebe zethu kodwa futhi nangezinhliziyo zethu. Nokho, isidingo salokhu sikhulu ngokwengeziwe lapho sisemihlanganweni emikhulu njengomhlangano wesigodi. Kunokuningi kokubonwa amehlo nokokuzwiwa izindlebe. Yeka ukulahlekelwa komuntu siqu obekungaba yikho uma siqongelela isikhathi nemali ukuze sibe khona emhlanganweni bese sibuyela ekhaya singaqongelelanga amaphuzu amahle ngokuphathelene nendlela esingathuthuka ngayo njengabaphathi bokukhanya! Kumelwe senze konke okusemandleni ethu ukuze silwisane nanoma yikuphi ukuphazamiseka uma sizozuza ngokugcwele esimisweni. Singaqiniseka kanjani ukuthi lokhu kwaziswa kuyogxila ngokujulile ezinhliziyweni nasezingqondweni zethu ekuphetheni kwesimiso somhlangano?

5 Ukulalela kuyikhono okumelwe lihlakulelwe futhi lenziwe umkhuba. Igama elithi “lalela” lisho “ukuzwa ngokunakekela okunengqondo.” Cabangela lokhu kusikisela okumbalwa: (1) Zama ngokusemandleni ukufika endaweni yomhlangano uphumule kahle usuku ngalunye ekuseni. Lokhu kuyodinga ukuhlela nokubambisana komkhaya. Uma ukhathele ngenxa yokuqwasha noma ulambile ngenxa yokungadli ekuseni, noma uma uphazamisekile ngenxa yokubhuduzela, ngeke uzuze lutho esimisweni. (2) Langazelela ukwazi indlela isihloko esiyothuthukiswa ngayo. Emasontweni ambalwa ngaphambi komhlangano, njengengxenye yesifundo somkhaya wakho, kungani ungahleli ukuba ilungu ngalinye likhulumele lokho okushiwo ukuba umphathi wokukhanya kulo. Lapho usemhlanganweni, bukeza ingxenye ngayinye yalolosuku ngaphambi kokuqala kwesimiso. (3) Gqoka ngokufanelekile, futhi ugweme ukudla nokuphuza phakathi nesimiso. Abambalwa baye babonakala ezindaweni zokuhlala ehholo noma enkundleni yezemidlalo bedla noma bephuza phakathi nesimiso. Lokhu akunanhlonipho, kuphazamisa abanye, futhi kubonisa ukuntuleka kokuzithiba.—Bheka INqabayokulinda kaNovember 15, 1991, amakhasi 8-18.

6 Sifuna ukunakekela ngokukhethekile indaba yokubhala amaphuzu. Uma kwenziwa ngokufanele, kuyokusiza ukuba ulandele izikhulumi ngokucophelela okukhulu futhi ukugcine lokho okuzwayo. Njengoba sicabanga ngokushesha izikhathi eziphindwe kane kunangendlela esikhuluma ngayo, indlela engcono kakhulu yokuvimbela ukuzula kwengqondo iwukubhala amaphuzu. Kunjengoba omunye umlobi aphawula, “Ukulalela inkulumo ngokuvamile kunzima kunokuyinikeza.” Ungase ukhumbule ukuthi amaKristu okuqala ayaziwa ngokuya nezingcezu zobumba emihlanganweni futhi abhale imibhalo kuzona ngoyinki. Ngokujabulisayo, singakwenza kahle kakhulu ngencwadi yokubhala amaphuzu elingana kahle kanye nepeni noma ipensela. Ukuba nekhono ekubhaleni amaphuzu kusho ukubhala phansi okwanele kuphela ukuze sigcine umqondo oyinhloko kodwa hhayi okuningi kangangokuthi sihlale sibhala. Lokhu akunakuyifeza injongo yethu futhi kungaphumela ekulahlekelweni amaphuzu abalulekile ahlanganiswa isikhulumi. Bhala phansi amagama ayisihluthulelo, futhi usebenzise indlela efushanisiwe yokubhala. Amaphuzu akho ayokusiza ngokuphumelela kakhulu uma uwabukeza ngalolosuku kusihlwa nangaphambi kwengxoxo yebandla yamaphuzu avelele esimiso eMhlanganweni Wenkonzo.

7 Ingoma Nomthandazo Okusuka Enhliziyweni: Ukuhuba izindumiso zikaJehova nokusondela kuye ngenhlonipho ngomthandazo kuyizingxenye eziphelelisa ukukhulekela kwethu. (2 IziKr. 30:21, 27) Lezi izici ezibalulekile zomhlangano esingahlanganyela sonke kuzo. Phakathi nezinsuku ezintathu zoMhlangano wethu Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya,’ siyohlabelela izingoma ezingu-18 zokudumisa uJehova futhi sihlanganiswe emithandazweni eyisishiyagalombili eya kuBaba wethu wasezulwini. Lawa ngempela amalungelo angenakuqhathaniswa. UJehova usinikeza amahora angaphezu kwangu-12 emfundo nokuqeqeshwa okungokomoya. Phakathi nemizuzu embalwa ebekelwe ingoma nomthandazo, sibonga uJehova ngenxa yezipho zakhe zomusa futhi siyamdumisa. Njengoba siza phambi kukaJehova ngomthandazo njengeviyo elihlangene, ingabe singafuna ukuba asibheke njengabantu abanobugovu nabangabongiyo ngenxa yokuthi sihlulekile ukuhlanganyela engomeni nasemthandazweni ngenxa nje yokuthi besingahlelanga kahle? Futhi, izincwadi kulonyaka ziyoba ziningi emhlanganweni ngamunye, ngakho-ke labo abahlala ngokufanelekile ezindaweni zabo kuze kuphele isimiso ngeke baphuthelwe. Ngokufanayo, akekho okufanele ahambe ngaphambi kokuphela kwesimiso ukuze ayongena emgqeni wokudla ngaphambi kwabanye.—Math. 7:12; Rom. 12:10; Fil. 2:1-4.

8 Yenzani Konke Ngenxa Yenkazimulo KaNkuulunkulu: Unyaka ngamunye sikhunjuzwa ngomusa ngokubaluleka kwemikhuba emihle nokuziphatha okufanele emhlanganweni. Abaningi kufanele batuswe ngokulalela lokhu kukhunjuzwa ngenxa kanembeza. Njengoba lesimiso sisondela ekupheleni, siphoqeleka ngokwengeziwe emsebenzini nasesikoleni ukuba sibe seqenjini labantu abanokuziphatha okwabikezelwa kweyesi-2 Thimothewu 3:1-5. Lobudlelwane bungaba nethonya elibi kithina uma singahlali siqaphile. Asifuni neze ukunikeza noma ubani isizathu ‘sokukhuluma ngathi njengabenzi bobubi.’ (1 Pet. 2:12) Lokhu kudinga ukuba sinakekele ubuntu bethu bobuKristu ngaphezu kokuvamile. Sonke kufanele siqaphele ukuziphatha kwethu emhlanganweni nakwezinye izindawo zomphakathi, njengasemahhotela nasezitolo zokudlela. Abadala banesithakazelo kubo bonke abafowabo. (Fil. 2:4) Kufanele babe usizo futhi batuse abanye ngenxa yokuziphatha kwabo okuhle. Abadala kufanele futhi bazizwe bekhululekile ukunikeza iseluleko sothando uma kuba okudingekile, ngisho nakuba bengajwayelene ngokomuntu siqu nomzalwane noma udade. Noma yiziphi izinkinga ezingathi sína eziphawulwayo kufanele zibikwe eHhovisi Lezokuqondisa emhlanganweni.

9 Ubuntu obusha okukhulunywa ngabo kwabase-Efesu 4:24 bufaniswa nesembatho umuntu asigqoka ngemva kokulahla ubuntu obudala. Lolushintsho lobuntu kufanele lubonakaliswe nasezembathweni zethu ezingokoqobo ngokufanayo. Abanye abazalwane nodade, ikakhulukazi intsha, baye babonakala begqoke ngokunganaki kakhulu, ngisho nangokungenasizotha ngezinye izikhathi. Abanye bakhumula izicathulo zabo bese bebeka izinyawo zabo ngemva kwezihlalo eziphambi kwabo noma bazule ngamasokisi bengazifakile izicathulo. Ingabe siziphatha kanjalo eHholo LoMbuso? Futhi, abanye abayobhapathizwa baye bagqoka izikipa ezineziqubulo zezwe noma ezinyatheliswe izikhangiso zemikhiqizo ehlukahlukene. Abadala ababukeza imibuzo nalabo abalungiselela ubhapathizo kufanele baqiniseke ukuthi labo abayobhapathizwa bayakuqonda lokho okuyocatshangelwa njengokugqoka okufanele kwalesenzakalo.—Bheka INqabayokulinda kaJune 1, 1985, ikhasi 30, neyesiNgisi ka-April 15, 1973, amakhasi 254-5.

10 Imishini Yokuthwebula: Nakuba amakhamera evideo evunyelwe, sinxusa labo abawasebenzisayo ukuba bacabangele abanye, bakhethe lokho abakuthwebulayo, futhi babe nenhlonipho ngalabo abangase bangafisi ukuthathwa izithombe lapho bedla, belalele isimiso, noma phakathi nomthandazo. Noma ubani osebenzisa ikhamera yevideo noma imishini yokurekhoda kufanele agweme ukuphazamisa izilaleli noma ukubangela ukuphazamiseka. Awenqatshelwe ukurekhoda ingxenye yesimiso uhleli esihlalweni sakho. Kodwa phakathi nesimiso, bekungeke kufaneleke nganoma ubani ukuzula phakathi kwezihlalo naphambi kwezilaleli, erekhoda isimiso. Uma kudingekile, abalindi kufanele bakhulume nanoma ubani owehluleka ukubonisa uthando lobuzalwane kulendaba. Sizani nikhumbule ukuthi ayikho imishini yokuthwebula izithombe noma eyokurekhoda okufanele ixhunywe ezimisweni zikagesi noma zomsindo emhlanganweni, futhi azikho izinto okufanele zibekwe phakathi nezihlalo noma ezindaweni zokuhamba.

11 Kubazali: Sithanda ukuphinde sigcizelele ukubaluleka kokuba abazali baqondise abantwana babo ngazo zonke izikhathi, kungakhathaliseki ukuthi kusemabaleni omhlangano noma endaweni yabo yokulala. (IzAga 29:15b; Luka 2:48) Lapho isimiso siqhubeka, qiniseka ukuthi abantwana bakho bayalalelisisa futhi babhala amaphuzu. Ngesikhathi sekhefu kunamathuba okuvakashela abangane bakwamanye amabandla.

12 Ukubonisa ukubaluleka kokwazisa ukuthi abantwana bakho bakuphi ngazo zonke izikhathi, umshayeli wetekisi kwelinye idolobha okwakuqhutshelwa kulo umhlangano wabikela umzalwane othile ukuthi wayegibelise amantombazane amabili asemasha enkundleni yomhlangano. Ngokusobala ayehlela ukungabi khona kuyo yonke intambama futhi atshela umshayeli ukuthi umama wawo wayezowadinga kuphela ngemva kuka-5:00 p.m. Lomshayeli wetekisi wayekhathazekile ngenhlala-kahle yawo, kodwa kuthiwani ngonina? Yeka usizi okwakuyoba yilo ukuba ehlelwa inhlekelele ethile, singasakhulumi ngesihlamba egameni nakubantu bakaNkulunkulu!

13 Siyakwazisa Ukubambisana Kwenu Okugcwele: Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuthi ngamunye wethu abambisane nokuqondisa kweNhlangano ngokuphathelene nokuya emhlanganweni lapho ibandla lakithi labelwe khona? Ukuhlela ngokucophelela okwenziwa yiNhlangano nabazalwane abanomthwalo wemfanelo edolobheni ngalinye lomhlangano kuvumelana nokulungiselelwa komhlangano ngamunye. Kuhilela ukuba nendawo yokuhlala eyanele, ukudla, izincwadi, nokunye. Uma abazalwane abaningi beya emihlanganweni lapho bengabelwanga khona, kungaphakama ubunzima. Cishe, bambalwa labo izimo ezingabizela ukuba baye komunye umhlangano. Ezinye izindawo zemihlangano zingase zibonakale zikhanga kakhulu ngenxa yezizathu ezihlukahlukene, kodwa ukube inani elikhulu labazalwane belingaya endaweni elizikhethela yona, imiphumela ibingaba ephazamisa kakhulu.

14 Kucelwa ukubambisana kwenu endabeni yokugcina izihlalo. Sizani nikhumbule ukuthi IZIHLALO ZINGAGCINELWA KUPHELA AMALUNGU OMKHAYA WAKHO ASEDUZE KANYE NANOMA UBANI OKUNGENZEKA UHAMBA NANI EMOTWENI YENU. Izingxenye ezikhethekile zasebegugile nabakhubazekile ziyotholakala emihlanganweni eminingi. Sinxusa wonke umuntu ukuba aqaphele izimpawu ngokucophelela futhi alandele iziqondiso zabalindi. Abanye abazalwane asebekhulile kuye kwadingeka ukuba bafune izihlalo ezindaweni okunzima ukuba bafinyelele kuzo ngenxa yokuthi intsha ithathe zonke izihlalo engxenyeni yasebegugile. Sizani nicabangele asebegugile. Siyadabuka ukuthi akunakwenzeka ukusingatha izicelo zezindawo noma amakamelo aseceleni alabo abanezinkinga zokungenwa yizifo ngokushesha ngenxa yokungezwani nezinto ezithile.

15 Kusikiselwa ukuba nigcine noma yiziphi izinto zomuntu siqu ezilethwa emhlanganweni zilinganiselwe. Uma into ingalingani ngaphansi kwesihlalo sakho, kungaba ngcono ukuyishiya ekhaya. Iziqandisi ezinkulu azivunyelwe phakathi kwezihlalo ngenxa yezizathu zokulondeka, futhi uma zibekwa esihlalweni esiseceleni kwakho, omunye angase angasitholi isihlalo.

16 Abantu bakaJehova bayakwazisa ukukwazi ukuhlangana ndawonye ezindaweni ezinhle ukuze bazuze esimisweni esingokomoya esilungiselelwe. Siyazazisa futhi izinkonzo eziningi nosizo olunikezwayo emibuthanweni enjalo. Ngokunakekela okukhulu nezindleko eziphakeme eNhlanganweni, kwenziwa amalungiselelo ezihlalo ezanele, ukusetshenziswa kwemishini yomsindo ebizayo, ukusebenza koMnyango Wenkonzo Yezokudla okuphumelelayo, nezinye izinkonzo eziningana ezenza ukuba khona emhlanganweni kujabulise futhi kuqabule ngokomoya.

17 Ukudla kuyolungiselelwa kuyo yonke imihlangano. Sithanda ukukhuthaza bonke abayoba khona ukuba basebenzise amalungiselelo enkonzo yokudla. Kuyo yonke imihlangano kwenziwa amalungiselelo okuqinisekisa ukuthi ukudla okwanele kutholakalela zonke izihambeli. Lapho inani elikhulu lezihambeli lamukelwa ezikoleni ikomiti yomhlangano iyonakekela indaba yokulungiselela ukudla okulula kwakusihlwa kanye nokudla kwasekuseni. Lokhu kuyonciphisa isidingo sokuba izihambeli zize nezitofu zikagesi nezikaphalafini njengoba zingase ziphakamise ingozi yomlilo ezakhiweni izihambeli ezamukelwe kuzo. Sinikhuthaza nonke ukuba nisekele amalungiselelo enkonzo yokudla ngenhliziyo yonke. Sithanda nokunezela ukuthi ngenxa yezindleko ezikhuphukayo zezindawo okubanjelwa kuzo imihlangano, sekuye kwaba nzima ngeMinyango Yenkonzo Yezokudla ukuhlangabezana nazo zonke izindleko zezindawo zomhlangano. Ngenxa yalokhu ungase uthande ukuthumela umnikelo ngaphambi kwesikhathi edolobheni lomhlangano lapho liyoba khona ibandla lakini. Uma uthanda ukuthumela isheke lingathunyelwa ku“Watch Tower Convention.” Yaziswa kakhulu yonke iminikelo futhi neNhlangano ifisa ukunibonga kusengaphambili ngokusekela kwenu ngokuphana nangobunye izithakazelo zoMbuso ngalendlela.—Luka 6:38.

18 Yiba Khona EMhlanganweni Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya’: Ngokuba khona eMhlanganweni Wesigodi ‘Wabaphathi Bokukhanya,’ siyovuswa amadlingozi ngokuzwa ukuthi kungani ukuba abaphathi bokukhanya kuwudumo nelungelo elikhulu. Siyokhunjuzwa futhi ukuthi kuwumthwalo wemfanelo ongathi sína. Ngokunakisisa izinto esizizwa emhlanganweni, siyothuthuka kokubili ekhonweni lethu nasekwaziseni kwethu indima yethu njengabaphathi bokukhanya. Hlela manje ukuze utholakalele sonke isimiso, kusukela engomeni yokuvula ngoLwesihlanu kuya emthandazweni wokuphetha ngeSonto ntambama.

[Ibhokisi ekhasini 10]

Esikukhunjuzwa NgoMhlangano Wesigodi

Izindawo Zokulala: Abamemezeli abaningi bayozenzela amalungiselelo abo siqu ezindawo zokulala. Nokho, uma ufuna ukuba ikomiti yomhlangano ikulungiselele indawo yokulala, ungathola ifomu leSicelo Sendawo Yokulala kunobhala webandla. Khona-ke ngokushesha unobhala webandla uyodlulisela lelifomu eligcwalisiwe ekhelini lomhlangano elifanele. Kweminye imihlangano kuya kuba nzima ngokwengeziwe ukutholela izihambeli eziningi indawo yokulala. Ukuze anqobe lobunzima amakomiti omhlangano ayohlela ukuqasha izikole zendawo njengoba kuye kwenziwa esikhathini esidlule. Nokho, ngenxa yokwanda kwamanani alabo abadinga loluhlobo lwezindawo zokulala, manje siyosebenzisa lokho esikubiza ngokuthi “isimiso samakamelo okuhlalisa abantu abaningi.” Ngamanye amazwi, odade bayohlaliswa emakilasini athile nabazalwane kwamanye. Ngakho, ngeke kusavunyelwa ukuba imikhaya ilale ndawonye ekilasini elilodwa. (Sizani niphawule iPhaphama! kaDecember 22, 1991, ikhasi 17.) Lokhu kungase kulethe ubunzima ngezinye izikhathi kodwa siyaqiniseka ukuthi bonke bayosiqonda isizathu salokhu. Lelilungiselelo seliye laqaliswa kakade emihlanganweni ethile futhi laba nempumelelo enkulu.

Izinqola Zabantwana (Amapram): UMnyango Wezomlilo utusa uku- ba lezi zingalethwa ehholweni bese zimiswa emaphasishini naphakathi kwezihlalo. Njengoba izixuku ezinkulu zingase zibangele ukuminyana, izinqola zabantwana zingaba yingozi hhayi kumntwana kuphela kodwa nakunoma ubani ongase akhutshwe yizo. Ngakho sizani ningezi nazo ehholweni. Nokho, izihlalo zabantwana noma zasemotweni zivunyelwe, njengoba lezi zingabekwa ngokulondeka ezihlalweni eziseduze kwabazali. Ukubambisana kwenu kulendaba kuyokwaziswa. Noma kuphi lapho kungenzeka khona iKomiti Yomhlangano iyozama ukulungiselela ikamelo lapho omama bengakwazi ukunakekela abantwana babo khona, uma kuphakama lesosidingo.

Ubhapathizo: Abayobhapathizwa kufanele babe sezihlalweni zabo engxenyeni ebonisiwe ngaphambi kokuqala kwesimiso ngoMgqibelo ekuseni. Ngamunye ohlela ukubhapathizwa kufanele eze nengubo yokungena emanzini enesizotha nethawula. Ngemva kwenkulumo yobhapathizo nomthandazo wesikhulumi, usihlalo wesimiso uyonikeza iziyalezo ezimfushane kwabazobhapathizwa abese esho ingoma. Ngemva kwevesi lokugcina, abalindi bayoqondisa abayobhapathizwa endaweni yokucwiliswa noma ezimotweni eziyobayisa lapho. Njengoba ubhapathizo njengesibonakaliso sokuzinikezela komuntu kuyindaba engathi sína neyomuntu siqu phakathi kwakhe noJehova, alikho ilungiselelo lalokho okuthiwa ubhapathizo lwabangane lapho abayobhapathizwa ababili noma ngaphezulu begaxana noma babambane ngezandla lapho bebhapathizwa. Akudingekile ukuba abayobhapathizwa baveze incwadi evela kubadala echaza ukuthi bayakufanelekela ukubhapathizwa. Akudingekile futhi ngabadala ukuba baveze uhlu lwamagama alabo abayobhapathizwa.

Inkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela: Usizo lwezisebenzi zokuzithandela luyadingeka ukuze umhlangano wesigodi uhambe ngokushelela. Ngisho noma ungase ukwazi ukusebenza ingxenye yomhlangano kuphela, iyokwaziswa inkonzo yakho. Uma ungase ukwazi ukusiza, siza ubikele uMnyango Wenkonzo Yezisebenzi Zokuzithandela lapho ufika emhlanganweni. Izingane ezingaphansi kweminyaka engu-16 ubudala nazo zingakwazi ukunikela ekwenzeni umhlangano uphumelele, kodwa kufuneka ukuba zisebenze nomzali noma omunye umuntu omdala othembekile. Sikhuthaza zonke izisebenzi zokuzithandela ukuba zifike ngesikhathi esabelweni sazo somsebenzi. Ngokuphathelene nababonisi beminyango noma ababonisi bengxenye yomnyango othile kubaluleke kakhulu ukuba babe sesabelweni sabo ngaphambi kwesikhathi. Uma belibala ngenxa yesizathu esithile umbonisi womhlangano kufanele aziswe.

Amabheji: Siza ufake ibheji elilungiselelwe ngokukhethekile emhlanganweni noma lapho ulibangise endaweni yomhlangano noma ubuya. Lokhu ngokuvamile kusenza sikwazi ukunikeza ubufakazi obuhle lapho sisendleleni. Amabheji kufanele atholwe ngebandla lakini, njengoba engeke atholakale emihlanganweni.

Izingoma: Njengoba ukuhlabelela kuyingxenye yokukhulekela kwethu, sinikhuthaza nonke ukuba niprakthize izingoma ezilandelayo eziyoba ingxenye yesimiso: 33, 91, 111, 38, 221, 217, 43, 128, 152, 177, 207, 201, 35, 89, 50, 168, 42, 45. Lapho niprakthiza lezingoma, sisikisela ukuba nisebenzise amakhasethi eNhlangano.

Umhlangano Wabafuna Ukungenela Inkonzo YaseBethel: Ngosuku lwesibili kuyoba nomhlangano wanoma yibaphi abamemezeli abazinikezele abaneminyaka yobudala ephakathi kuka-19 no-35 abangathanda ukungenela inkonzo yaseBethel. Kuyokwenziwa izaziso emhlanganweni ngokuphathelene nesikhathi nendawo yalomhlangano.

Isibonakaliso Sobuphayona: Wonke amaphayona avamile nakhethekile, ababonisi abajikelezayo, izithunywa zevangeli, nalabo abasenkonzweni yaseBethel noma emsebenzini wokwakha eBethel kuyodingeka beze namakhadi abo athi ISibonakaliso Senkonzo Yobuphayona (S-202) emhlanganweni. Lawomaphayona avamile nakhethekile asesohlwini izinyanga eziyisithupha ayothola amathikithi okudla enani lika-R22 lapho eveza ikhadi lawo. Zonke ezinye izisebenzi zesikhathi esigcwele okukhulunywe ngazo ngenhla ziyothola inani elifanayo lamathikithi okudla kungakhathaliseki ukuthi zayiqala nini inkonzo yazo yesikhathi esigcwele. Phatha ikhadi lakho leSibonakaliso njengemali ngoba ngeke unikezwe elinye emhlanganweni. Noma yiziphi izincwadi ezikhululwayo eziyotholakala mahhala noma ezinye izincwadi ezitholakala ngenani lamaphayona amaphayona ayozithola egumbini lezincwadi kuphela. Siza ukhumbule ukuza nekhadi lakho leSibonakaliso Senkonzo Yobuphayona.

Isixwayiso: Kungakhaliseki ukuthi upaka kuphi, kufanele ukhiye imoto yakho ngazo zonke izikhathi futhi ungalokothi ushiye noma yini ibonakala ngaphakathi. Gcina izinto zakho zikhiyelwe ebhuthini uma kunokwenzeka. Futhi, qaphela izigebengu nabakhuthuzi, abakhangwa imibuthano emikhulu. Lokhu kuhlanganisa ukungashiyi noma yini ebalulekile ingabhekwe muntu ezihlalweni emhlanganweni. Kuye kwaba ngisho nemibiko yabantu ababi abazama ukuyengela abantwana kude nendawo yomhlangano. Sizani niqaphele.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela