IZindaba Ezingokwasezulwini
EGuadeloupe: NgoMay kwabikwa amanani amasha aphakeme abamemezeli abangu-6830 nezifundo zeBhayibheli ezingu-9302. Kwaqhutswa imihlangano yesifunda emine enenani elihlangene lababa khona labangu-12 407, kwabhapathizwa abangu-123.
ENingizimu Afrika: Kuye kwanikezelwa amanye amaHholo oMbuso ayisishiyagalombili. Amabandla ahilelekile yilawa: Inanda South (eduze naseThekwini), iHillbrow neBerea (eGoli), iChiawelo (eSoweto), neBarberton, iKwahoyi, iLondon Township, neBushbuckridge (eMpumalanga-Ntilasifali). Sinibonga kakhulu ngosizo lwenu oluhle kulemiklamo.
ERomania: NgoApril kwakunenani elisha eliphakeme labamemezeli abangu-23 938, ukwanda ngamaphesenti angu-17 kunangonyaka odlule, futhi baba nenani elivelele lababa khona eSikhumbuzweni abangu-66 395.