Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • km 11/90 kk. 3-4
  • IBhokisi Lemibuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • IBhokisi Lemibuzo
  • INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2002
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1991
  • Ingabe Unensimu Yakho Siqu?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2006
  • Indlela Amabandla Ahlelwe Ngayo
    Phila Kuze Kube Phakade!—Izifundo ZeBhayibheli
Bheka Okunye
INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1990
km 11/90 kk. 3-4

IBhokisi Lemibuzo

● Ingabe kuvumelekile ukuba uhlale ensimini yelinye ibandla kodwa uhlanganyele imihlangano kwenye indawo?

INhlangano iye yathola izincwadi eziningana ngokuphathelene nalombuzo ongenhla. Ngakho-ke sinqume ukuba siphinde okunye kokwaziswa okwakhishwa kuyiNkonzo Yethu YoMbuso ka-April 1976.

Kafushane, sikhuthaza abamemezeli ukuba bahlanganyele imihlangano yebandla elisebenza insimu abahlala kuyo. Ezimweni eziningi lokhu kuba yinzuzo kakhulu emkhayeni, njengoba ngokuvamile kwenza kube lula ukuba ube khona emihlanganweni, uhlanganyele enkonzweni yasensimini eseduze, futhi usebenzise kahle amathuba osizo olunikezwa abadala.

Kungase kube nezizathu ezinhle zokuthi kungani ummemezeli noma umkhaya ungase ungakwazi ukuhambisana nalesiqondiso esingenhla. Inhloko ngayinye yomkhaya ithwala umthwalo wemfanelo ngomkhaya wayo siqu. Kuyoba kuhle ngayo ukuba ixoxe nabadala ukuze izuze eselulekweni sabo ngaphambi kokuba yenze isinqumo. Ngemva kokucabangela zonke izici ezihilelekile, kuyodingeka ukuba inqume lokho okungcono kakhulu. Asikho isidingo sokugxeka isinqumo sayo lapho sesenziwe.

Ezindaweni zasemadolobheni, ngokuvamile kuba nenani elikhulu lamabandla asendaweni eyodwa. Kungase kube nezizathu eziningana zokuthi kungani abadala bengase banqume ukuthi izithakazelo zomsebenzi zingaqhutshekiselwa phambili ngokushintshelwa kwabamemezeli kwamanye amabandla. Ngokwesibonelo, kungase kube okudingekile ukuqinisa ibandla elinabamemezeli abambalwa. Abadala ebandleni ngalinye bangaveza lokho okubonakala kuwukuhlakanipha futhi bacele ukuthi umkhaya ngamunye othintekayo ukucabangele. Kungokufanayo futhi nangabadala, izinceku ezikhonzayo, noma amaphayona acelwayo ukuthi angashintshelwa yini kwenye indawo ukuze asize ibandla elidinga usizo. Ngezinye izikhathi umbonisi wesifunda angase aphawule ukuthi ibandla elithile linabadala abaningi kuyilapho ibandla eliseduze linabadala abambalwa nje futhi ngalokho lidinga usizo. Umbonisi wesifunda angase enze lendingeko yaziwe ebandleni elinabadala abaningi. Ngemva kokuba becabangele izidingo zabo siqu, bangase banqume ukuthi umdala oyedwa noma ababili, kanye nemikhaya yabo, bangahamba bayosiza ibandla elinjalo. (Bheka INkonzo YoMbuso, ka-April 1973.) Ngokulandela iziqondiso ezingenhla ngokuseduze ngangokunokwenzeka, ‘konke siyokwenza ngemfanelo nangenhlelo.’—1 Kor. 14:40.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela