Ingabe Uyamazi UYihlo Wasezulwini?
UMAZI kahle kangakanani uyihlo? Lo mbuzo ungase uzwakale uyisimanga uma ukhulele emkhayeni onothando. Ungase uphendule ngokuthi, ‘Yebo ngimazi kahle!’ Yiqiniso, abantu abaningi bayazazi izinto oyise abazithandayo nabangazithandi, ukuthi basabela kanjani ezimweni ezithile nokuthi bayikhathalela kanjani imikhaya yabo.
Noma kunjalo, kungenzeka ngesinye isikhathi wamangala lapho ubona okuthile owawungakulindele nhlobo ngobuntu bukayihlo. Ngokwesibonelo, indodana ingase yazi uyise njengomuntu othule nomnene—kuze kube yilapho kuvela isimo esingalindelekile. Ngokungazelelwe, ibona uyise njengomuntu ozimisele ukuvikela umkhaya wakhe.
Kuthiwani ngoMdali wethu? Sitshelwa okulandelayo ngokuphathelene naye: “Ngaye siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.” (IzEnzo 17:28) Sikweleta uNkulunkulu ngokuphila kwethu; ngalowo mqondo unguBaba wabo bonke abaphilayo. (Isaya 64:8) Mhlawumbe uzizwa ngaleyo ndlela ngoNkulunkulu; lokho kuhle futhi kuyafaneleka. Kodwa, kuningi kakhulu esingakufunda futhi sikwazi ngaye ukuze sizuze futhi sijabule.
Indlela ozizwa ngayo ngoyihlo wasemhlabeni nendlela omhlonipha ngayo ixhomeke ekutheni umazi kahle kangakanani. Ngokufanayo, lapho umazi kangcono uNkulunkulu, buyaqina ubuhlobo bakho naye. UNkulunkulu angakusiza ubhekane novivinyo nezinkinga zokuphila uma uzimisela ukumazi kangcono nokufunda ukwenza intando yakhe.
Ungumuntu onjani uNkulunkulu? Izimfanelo zakhe kufanele ziyithinte kanjani imizwa yakho ngaye? Ingabe ukumazi kwenza ube nemithwalo yemfanelo ethile? Izimpendulo zale mibuzo uzozithola esihlokweni esilandelayo.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 3]
Indlela ozizwa ngayo ngabanye ingathonywa ukuthi ubazi kahle kangakanani