Imibuzo Evela Kubafundi Balo Magazini . . .
Kungani UNkulunkulu Ayefuna Abakhulekeli Bakhe Bashade Kuphela Namakholwa Abakanye Nawo?
▪ UMthetho kaNkulunkulu esizweni sakwa-Israyeli wawuhlanganisa nalo mthetho ngabantu bezizwe ezazibazungezile: “Akumelwe wakhe ubuhlobo bomshado nazo. Indodakazi yakho akumelwe uyinike indodana yakhe, nendodakazi yakhe akumelwe uyithathele indodana yakho.” (Duteronomi 7:3, 4) Kungani kwamiswa lo mthetho?
Uma siyibheka ngeso elibanzi le ndaba, uJehova wayazi ukuthi uSathane ufuna ukonakalisa abantu baKhe ngokubenza bakhulekele onkulunkulu bamanga. Ngakho uNkulunkulu waqhubeka ebaxwayisa ngokuthi abangakholwa ‘bayophendula amadodana abo angabe esamlandela, ngokuqinisekile akhonze abanye onkulunkulu.’ Kuningi okwakuhilelekile. Uma isizwe sakwa-Israyeli siwela ekukhulekeleni abanye onkulunkulu, sasiyolahlekelwa umusa wakhe nesivikelo sakhe, kanjalo sibe isisulu esilula sezitha zaso. Uma sekwenzeke lokho, ingabe isizwe sasisayokwazi ukuveza uMesiya? Ngokusobala, uSathane wayenesizathu sokuyenga ama-Israyeli ukuba ashade nabangakholwa.
Uma siyibuka ngelinye iso, khumbula ukuthi uNkulunkulu wayebakhathalela abantu bakhe ngabanye. Wayazi ukuthi injabulo nenhlalakahle yomuntu ngamunye kubo ixhomeke ekubeni nobuhlobo obuhle naye njengoNkulunkulu wabo. Ingabe sasikhona isizathu sokuba uJehova akhathazeke ngezingozi zokushada nomuntu ongakholwa? Cabanga ngesibonelo seNkosi uSolomoni. Yayisazi isixwayiso sikaJehova ngamakhosikazi angakholwa: ‘Ayochezukisa inhliziyo yenu ukuba ilandele onkulunkulu bawo.’ Ngenxa yokuthi wayeyindoda ehlakaniphe ngokumangalisayo, mhlawumbe waba nomuzwa wokuthi akasidingi iseluleko sikaNkulunkulu nokuthi asisebenzi kuye. Wasishaya indiva lesi siyalo. Waba yini umphumela? “Kancane kancane abafazi bakhe bayichezukisa inhliziyo yakhe . . . ukuba ilandele abanye onkulunkulu.” Yeka inhlekelele! USolomoni walahlekelwa umusa kaJehova futhi abantu bakhe bahlukana ngenxa yokungathembeki kwakhe.—1 AmaKhosi 11:2-4, 9-13.
Abanye bangase bathi lokhu akwenzeki kuwo wonke umuntu. Ingani uMahaloni ongumIsrayeli washada noRuthe onguMmowabikazi, futhi waba umkhulekeli kaNkulunkulu omuhle kakhulu. Kodwa ukushada nabesifazane bakwaMowabi kwakuyingozi. UMahaloni akazange anconywe ngokushada noMmowabikazi; wafa esemncane, cishe ngaphambi kokuba uRuthe abize uJehova ngokuthi uNkulunkulu wakhe. Umfowabo kaMahaloni, uKiliyoni, washada no-Orpa uMmowabikazi, owaqhubeka enamathele ‘konkulunkulu bakhe.’ Ngakolunye uhlangothi, uBhowazi washada noRuthe ngemva kwesikhathi esithile ebe ikholwa. Empeleni, kamuva amaJuda ambheka ‘njengomproselithe ophelele.’ Umshado kaRuthe noBhowazi wawuyisibusiso kubo bobabili.—Ruthe 1:4, 5, 15-17; 4:13-17.
Ngakho, kuwukuhlakanipha yini ukuphetha ngokuthi isibonelo sikaMahaloni noRuthe siyaphikisana neseluleko sikaJehova sokushada kuphela namanye amakholwa? Ukucabanga kanjalo bekungeke yini kwafana nokukhomba umgembuli owine isizumbulu semali, bese ugomela ngokuthi kumelwe ukuba ukugembula iyona ndlela eyamukelekayo yokuziphilisa?
IBhayibheli likhuthaza amaKristu namuhla ukuba ashade “kuphela eNkosini.” Lisikhuthaza ukuba ‘singaboshelwa ejokeni nabangakholwa.’ Iseluleko esinjalo siqondiswe kumaKristu eqiniso afuna ukushada. Kulabo asebeshade nabangakholwa kakade, iBhayibheli linikeza iseluleko esiwusizo endleleni abangenza ngayo leso simo esinzima sibe ngcono. (1 Korinte 7:12-16, 39; 2 Korinte 6:14) Zonke lezi zeluleko zibonisa ukuthi uJehova uNkulunkulu, uMsunguli womshado, ufuna ukuba sijabule njengabakhulekeli bakhe—kungakhathaliseki ukuthi sishadile noma cha.