Ezentsha
UNkulunkulu Ozonda Ukungabi Nabulungisa
Iziyalezo: Yenza lesi sivivinyo endaweni ethule. Njengoba ufunda imiBhalo, zibone umile ubukela njengoba kwenzeka lezi zenzakalo. Sibone ngeso lengqondo. Yizwa amazwi. Zizwe ngendlela abalingiswa abazizwa ngayo. Yenza le ndaba iphile.
Abalingiswa abasemqoka: U-Ahabi, uJezebeli, uNabhoti no-Eliya
Indaba efinqiwe: UJezebeli ubangela iNkosi u-Ahabi ukuba ibulale ukuze ithole isivini.
1 HLAZIYA IZIGCAWU.—FUNDA EYOKU-1 AMAKHOSI 21:1-26.
Ucabanga ukuthi babebukeka kanjani abalingiswa abane okukhulunywa ngabo kule ndaba?
U-Ahabi ․․․․․
UJezebeli ․․․․․
UNabhoti ․․․․․
U-Eliya ․․․․․
Yimuphi umuzwa owutholayo emazwini kaJezebeli no-Ahabi emavesini 5-7?
․․․․․
Njengoba ubuka ngeso lengqondo, ungasichaza kanjani isiphithiphithi okukhulunywa ngaso evesini 13?
․․․․․
Yimuphi umuzwa owuthola emazwini ka-Eliya no-Ahabi lapho bekhuluma emavesini 20-26?
․․․․․
2 CWANINGISISA.
Iyiphi imfanelo noma izimfanelo ezibonakaliswa uJezebeli emavesini 7 no-25?
․․․․․
Iyiphi imfanelo noma izimfanelo ezibonakaliswa u-Ahabi evesini 4?
․․․․․
Ukuze athole isivini sikaNabhoti obani abanye okwakufanele u-Ahabi ababulale? (Funda eyisi-2 AmaKhosi 9:24-26.)
․․․․․
UJehova wayembheka kanjani u-Ahabi? (Phinda ufunde amavesi 25 no-26. Bheka futhi eyoku-1 AmaKhosi 16:30-33.)
․․․․․
3 SEBENZISA LOKHO OKUFUNDILE. BHALA LOKHO OKUFUNDILE MAYELANA . . .
Nokunaka kukaJehova izenzo zokungabi nabulu-ngisa.
․․․․․
Nendlela uJehova azizwa ngayo ngalabo abaye baphathwa ngokungenabulungisa.
․․․․․
Nendlela uJehova abonisa ngayo ukuthi ungu- Nkulunkulu wobulungisa. (Funda uDuteronomi 32:4.)
․․․․․
4 INDLELA WENA OTHINTEKA NGAYO.
Abanye namuhla bangawubonisa kanjani umoya ofana nokaJezebeli? (Funda IsAmbulo 2:18-21.)
․․․․․
Kukuziphi izimo lapho kungase kudingeke ubonise isibindi esifana nesika-Eliya?
․․․․․
Yini ongaqiniseka ngayo lapho ubona ukungabi nabulungisa noma uphathwa ngokungenabulungisa?
․․․․․
5 YINI EKUHLABE UMXHWELE NGALOKHU KULANDISA, FUTHI NGANI?
․․․․․
Zama lokhu Yenza lokhu kulandisa kube umbiko wezindaba. Bika lesi senzakalo futhi wenze sengathi uxoxa nabalingiswa abasemqoka nalabo abazibonele ngawabo.
Ngena ku-www.jw.org
Funda iBhayibheli kuyi-Internet
Kopisha noma uprinte lesi sihloko