Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Kungani Kufanele Sisebenzise Igama LikaNkulunkulu?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Kungani uNkulunkulu azinika igama?
Ngokungangabazeki uyathanda ukubizwa ngegama lakho kunokubizwa ngesiqu njengokuthi “ndoda,” “mnumzane,” “nkosikazi” noma “mfazi.” Igama lisiza ekuhlukaniseni umuntu kwabanye. UNkulunkulu ubizwa ngeziqu ezinjengezithi “Nkosi EnguMbusi,” “Nkulunkulu uMninimandla Onke” nesithi “Mdali Omkhulu.” (Genesise 15:2; 17:1; UmShumayeli 12:1) Kodwa ubuye wazinika igama elisisiza sakhe ubuhlobo obuseduze naye. NgesiZulu igama likaNkulunkulu uJehova.—Funda u-Isaya 42:8.
Nakuba abahumushi abaningi beBhayibheli baye bakhipha igama likaNkulunkulu bafaka iziqu ezinjengokuthi “Nkulunkulu” noma “Nkosi” esikhundleni salo, igama elithi Jehova litholakala izikhathi ezingaba ngu-7 000 emibhalweni yeBhayibheli yesandla yasendulo yesiHebheru. Ngokusobala uNkulunkulu ufuna ukuba igama lakhe laziwe.—Funda u-Isaya 12:4.
2. Kubaluleke ngani ukwazi igama likaNkulunkulu?
Ukwazi igama likaNkulunkulu kusho okungaphezu nje kokwazi ukuthi libizwa kanjani. Ukwazi igama likaNkulunkulu kusho ukuba nobuhlobo obuseduze naye. Igama elithi Jehova lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Liyisiqinisekiso sokuthi uNkulunkulu uyoba yinoma yini edingekayo ukuze agcwalise injongo yakhe. Ngakho, ukwazi igama likaNkulunkulu kusho ukukholelwa ukuthi uNkulunkulu uyozigcwalisa izithembiso zakhe. (IHubo 9:10) Ukholo lwabantu abazi futhi basebenzise igama likaNkulunkulu lubashukumisela ukuba bathembele kuye futhi bambeke kuqala ekuphileni kwabo. UJehova uNkulunkulu uyobavikela abantu abanjalo.—Funda iHubo 91:14.
3. Kungani uNkulunkulu efuna ukuba igama lakhe laziwe?
UNkulunkulu ufuna ukuba abantu bamazi ngegama ngoba lokho kuyabazuzisa. Kubasiza ukuba babe abangane bakhe, babe nethemba lokuphila phakade. Yingakho nje uJehova efuna ukuba igama lakhe laziwe!—Funda uJohane 17:3; Roma 10:13, 14.
UJesu wenza igama likaNkulunkulu laziwa ngokufundisa abantu ngezindlela zikaNkulunkulu, imithetho yaKhe nangezithembiso zaKhe. Namuhla abalandeli bakaJesu bayaqhubeka besebenzela ukwenza igama likaNkulunkulu laziwe ezizweni zonke. Bakwenza lokhu ngobunye ‘beyisizwe segama likaNkulunkulu.’—Funda izEnzo 15:14; Johane 17:26.
4. UNkulunkulu uyolikhazimulisa kanjani igama lakhe?
UJehova uNkulunkulu ufuna ukukhazimulisa igama lakhe ngoba liye lanyundelwa. Ngokwesibonelo, abanye abantu bathi akayena uMdali futhi akudingeki simlalele. Abanye bathi akanandaba nathi babuye bathi uyena obangela ukuba sihlupheke. Abantu abanjalo bahlambalaza igama likaNkulunkulu. Kodwa ngeke bakwenze phakade lokhu. UNkulunkulu uzobabhubhisa labo abangalihloniphi igama lakhe.—Funda iHubo 83:17, 18.
UJehova uzolikhazimulisa igama lakhe lapho uMbuso wakhe uqeda konke ukubusa kwabantu futhi ubuyisela ukuthula nokulondeka kubantu. (Daniyeli 2:44) Ngokushesha, wonke umuntu kuyomelwe azi ukuthi uJehova unguNkulunkulu weqiniso.—Funda uHezekeli 36:23; Mathewu 6:9.
Yini okufanele uyenze? Sondela kuNkulunkulu ngokufunda iZwi lakhe nangokuzihlanganisa nabantu abamthandayo. Lapho uJehova ekhazimulisa igama lakhe, uyozikhumbula izikhonzi zakhe ezithembekile.—Malaki 3:16.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka isahluko 1 sencwadi, Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 16]
Igama likaNkulunkulu embhalweni wesandla wokuqala wesiHebheru