Fundiswa YiZwi LikaNkulunkulu
Ingabe IBhayibheli Liyalibikezela Ikusasa?
Lesi sihloko sizodingida imibuzo okungenzeka ukuthi uke wazibuza yona futhi sikubonise ukuthi ungazitholaphi izimpendulo eBhayibhelini lakho. OFakazi BakaJehova bazokujabulela ukuxoxa nawe ngalezi zimpendulo.
1. Ingabe iziprofetho zeBhayibheli zishaya emhloleni?
UNkulunkulu uMninimandla onke kuphela ongakwazi ukubona ikusasa linjengoba linjalo. (Amose 3:7) Ngokwesibonelo, kusukela kudala wabikezela ngokufika kukaMesiya, noma uKristu. UMesiya wayeyoba inzalo yendoda ethembekile u-Abrahama. Wayeyoba umbusi oyonika abantu abalalelayo izibusiso zokuphila phakade okungenazo izifo. (Genesise 22:18; Isaya 53:4, 5) Lona Othenjisiwe wayeyovela eBhetlehema.—Funda uMika 5:2.
UJesu wazibonakalisa enguMesiya. Kusasele iminyaka engaphezu kuka-700, iBhayibheli labikezela ukuthi uMesiya wayeyozalwa intombi futhi wayeyozondwa. Wayeyonikela ngokuphila kwakhe ngenxa yezono zabaningi, futhi wayeyongcwatshwa nezicebi. (Isaya 7:14; 53:3, 9, 12) IBhayibheli laphinde labikezela kusasele iminyaka engu-500, ukuthi wayeyongena eJerusalema egibele imbongolo nokuthi wayeyokhashelwa ngezinhlamvu zesiliva ezingu-30. Yonke leyo mininingwane yagcwaliseka.—Funda uZakariya 9:9; 11:12.
2. Ingabe uNkulunkulu uyazibikezela izikhathi?
Kusasele iminyaka engaphezu kuka-500, iBhayibheli laprofetha ngonyaka oqondile uMesiya ayeyovela ngawo. Isikhathi esasisele ngaphambi kokuba afike sasibalwa ngamasonto eminyaka, okusho ukuthi “isonto” ngalinye lalilingana neminyaka engu-7. Kwakuyoba namasonto angu-7 namasonto angu-62, okwakuyokwenza amasonto eminyaka angu-69. Lawo masonto alingana neminyaka engu-483. Yaqala nini leyo nkathi yeminyaka? IBhayibheli lithi, leyo nkathi yaqala lapho uNehemiya efika eJerusalema futhi eqala ukwakha kabusha umuzi. Umlando wasePheresiya uthi lokhu kwenzeka ngo-455 B.C.E. (Nehemiya 2:1-5) UJesu wabhapathizwa njengoMesiya eminyakeni engu-483 kamuva, ngonyaka ka-29 C.E., ngaso kanye isikhathi esasibikezelwe.—Funda uDaniyeli 9:25.
3. Ingabe iziprofetho zeBhayibheli ziyagcwaliseka manje?
UJesu waprofetha ngezenzakalo ezinkulu zangesikhathi sethu. Isiprofetho sakhe sikhuluma ngezindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu oyoletha impumuzo kubantu abathanda uNkulunkulu emhlabeni wonke. Lo Mbuso uyosiqeda sonke lesi simiso sezinto esibi esiphila kuso.—Funda uMathewu 24:14, 21, 22.
Iziprofetho zeBhayibheli ziyichaza ngokuningiliziwe inkathi yesiphelo yalesi simiso sezinto. IBhayibheli lathi abantu bayochitha umhlaba, okuphambene nalokho okungenzeka bekulindelwe enkathini yentuthuko. Ukucindezeleka okubangelwa izimpi, ukusweleka kokudla, ukuzamazama komhlaba nezifo eziwumshayabhuqe kwakuyokwanda. (Luka 21:11; IsAmbulo 11:18) Abantu babeyophelelwa isimilo. Kulezi zinsuku ezinzima, abalandeli bakaJesu babeyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu ezizweni zonke.—Funda uMathewu 24:3, 7, 8; 2 Thimothewu 3:1-5.
4. Ikusasa libaphatheleni abantu?
UNkulunkulu uMninimandla onke unezinto ezinhle azibekele abantu abathembekile. UJesu Kristu, uMesiya, kanye nabakhethiweyo bakhe, bayobusa umhlaba besezulwini. Bakha uhulumeni woMbuso oyobusa iminyaka eyinkulungwane. Abafileyo bayovuswa futhi bayoba nethuba lokwahlulelwa ukuthi bayakufanelekela yini ukuphila okuphakade. Ngaphezu kwalokho, uMbuso uyokwelapha wonke umuntu oyobe ephila lapho. Ukugula nokufa kuyobe kungasekho.—Funda isAmbulo 5:10; 20:6, 12; 21:4, 5.
Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe, bheka amakhasi 23-25 namakhasi 197-201 encwadi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? eboniswe lapha.