Ingathini Ingane Yakho?
BAZALI: Kumagazini ka-January 15, 2010, emakhasini 16-20, sakhuluma ngokuba nezikhathi zokuprakthiza nezingane zenu. Lesi sihloko sinikeza amacebiso awusizo ekulungiseleleni izingane zenu ukuba zibhekane nezinselele esikoleni. Ningase nithande ukuba nalezi zikhathi zokuprakthiza phakathi nobusuku bokuKhulekela Komkhaya.
IZINGANE ezingoFakazi BakaJehova zibhekana nezinselele eziningi. Izingane ezifunda nazo zivame ukubuza ukuthi kungani zingahlanganyeli ezintweni ezithile, ezinjengokushayela ifulege indesheni, imikhosi yosuku lokuzalwa nasezintweni ezenziwa ngamaholide. Uma indodana noma indodakazi yakho ibuzwa imibuzo enjengale, iyophendula kanjani?
Ezinye izingane ezingamaKristu zivele zithi: “Angikwenzi lokho. Inkolo yami ayingivumeli.” Kuyancomeka ukuthi lezo zingane ziyakwazi ukuma ziqine. Le mpendulo yazo ingase ivimbe imibuzo eyengeziwe. Noma kunjalo, iBhayibheli lisiyala ukuba ‘sikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna kithi ngenkani isizathu’ sezinkolelo zethu. (1 Pet. 3:15) Ukwenza kanjalo kudinga okungaphezu kokumane uthi, “Angikwenzi lokho.” Ngisho noma abanye bengavumelani nathi, abanye bangase bahlatshwe umxhwele ukwazi ukuthi sinezizathu zezinqumo zethu.
Intsha eningi engoFakazi iye yaxoxela efunda nabo izindaba eziseBhayibhelini isebenzisa izincwadi ezinjengethi Funda KuMfundisi Omkhulu. Lezi zindaba zingasiza ekuchazeni ukuthi kungani izingane ezingoFakazi zenza noma zingazenzi izinto ezithile. Abanye abafundi bayazilalelisisa izindaba zeBhayibheli futhi ziningi izifundo zeBhayibheli eziye zaqalwa ngale ndlela. Nokho, kungase kube nzima ngabanye abafundi ukuyilalela yonke indaba yeBhayibheli. Ezinye izindaba zeBhayibheli zingase zibe nzima kakhulu ukuba izingane zesikole ziziqonde uma zingachazwa ngokugcwele. Lapho uMinhee oneminyaka engu-11 emenyelwa umngane wakhe ephathini yakhe yosuku lokuzalwa, wamtshela: “IBhayibheli alisitsheli ukuba sigubhe izinsuku zokuzalwa. Umuntu othile eBhayibhelini, uJohane uMbhapathizi, wabulawa ngomkhosi wosuku lokuzalwa.” Nokho, uMinhee uyakhumbula ukuthi umngane wakhe wabonakala engayiqondi impendulo yakhe.
Ngezinye izikhathi, omunye umfundi ungamsiza ngokumbonisa umfanekiso noma indaba kwenye yezincwadi zethu. Kuthiwani uma abaphethe esikoleni bengathandi ukuba izingane zitshengisane izincwadi zenkolo? Ingabe izingane zethu zingakwazi ukufakaza ngokuphumelelayo ngisho nangaphandle kwezincwadi? Ungazisiza kanjani izingane zakho ukuba zikwazi ukuziphendulela?
Yibani Nezikhathi Zokuprakthiza
Ukuba nezikhathi zokuprakthiza ekhaya kuwusizo, futhi abazali bangadlala indima yokuba izingane zesikole. Njengoba izingane zizama ukumelela ukholo lwazo, abazali kufanele bancome imizamo yazo futhi bazibonise ukuthi zingathuthuka kanjani ekubonisaneni nabanye nokuthi kungani lokho kufiseleka. Ngokwesibonelo, sikisela ukuba zisebenzise amagama ontanga bazo abawaqondayo. UJoshua, umfanyana oneminyaka engu-9, uthi izingane ayefunda nazo zazingawaqondi amagama anjengelithi “unembeza” nelithi “ubuqotho.” Ngakho, kuye kwadingeka ukuba asebenzise amagama alula lapho ebonisana nazo.—1 Kor. 14:9.
Ezinye izingane zesikole ziyashesha ukuphelelwa isithakazelo uma impendulo iyinde, ngisho noma kuyizo ezibuzile. Intsha engoFakazi ingase ikwazi ukubamba isithakazelo sazo ngokuzihilela engxoxweni futhi ibonisane nazo. UHaneul, intombazane eneminyaka eyishumi, uthi, “Izingane engifunda nazo zithanda ingxoxo, hhayi ukuchazelwa.” Ukuze kube ingxoxo, buza imibuzo futhi ulalelisise lapho umuntu eveza imibono yakhe.
Izingxoxo ezilandelayo zibonisa indlela izingane ezingamaKristu ezingabonisana ngayo nezingane ezifunda nazo esikoleni. Asikho isidingo sokuba zizibambe ngekhanda lezi zingxoxo ngoba izingane azifani futhi izimo ezingafani kuye kudingeke ukuba zisingathwe ngezindlela ezingafani. Ngakho, uFakazi osemusha kufanele athole umqondo okuzo, awubeke ngamazwi akhe bese ewusho ngendlela eyohambelana nesimo nezingane afunda nazo. Uma ninezingane ezisafunda, zamani ukuprakthiza lezi zingxoxo nazo.
Ukuqeqesha izingane kudinga isikhathi nokuzikhandla. Abazali abangamaKristu bafuna ukugxilisa izimiso zeBhayibheli ezinganeni zabo futhi bazithonyele ukuba ziphile ngazo.—Dut. 6:7; 2 Thim. 3:14.
Ngobusuku benu bokuKhulekela Komkhaya obulandelayo, zamani ukuprakthiza izingxoxo ezikulesi sihloko nezingane zenu. Bonani indlela lokhu okungaphumelela ngayo. Khumbulani ukuthi umgomo awukona ukubamba ngekhanda izimpendulo noma amazwi. Eqinisweni, ningase nilingise isimo esithile izikhathi eziningana futhi niziphendule ngendlela ehlukile ukuze nibone ukuthi izingane zenu zizivumelanisa kanjani nesimo ngasinye. Njengoba zizama ukuchaza isisekelo sezinkolelo zazo, zisizeni ukuba zihlakulele ukucabangela nesu lokukhuluma ngokungacunuli. Ngokuhamba kwesikhathi, izingane zenu ziyofunda nendlela yokumelela lokho ezikukholelwayo ekilasini, komakhelwane nakothisha ngokufanayo.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 4, 5]
IMIKHOSI YEZINSUKU ZOKUZALWA
Lungile: Sawubona Sicelo. Ngicela ube khona ephathini yosuku lwami lokuzalwa.
Sicelo: Ngiyabonga ngokungicabanga, Lungile. Ngicela ukubuza, kungani uzoba nephathi yosuku lokuzalwa?
Lungile: Ukuze ngigubhe usuku lokuzalwa kwami. Wena awulugubhi yini olwakho?
Sicelo: Cha, angilugubhi.
Lungile: Kungani? Phela abasekhaya bajabula ngokuzalwa kwami.
Sicelo: Nabakithi bajabula ngokuzalwa kwami. Kodwa angicabangi ukuthi kuyisizathu sokuba ngilugubhe unyaka nonyaka. Abantu abaningi bazibheka njengabantu ababaluleke kakhulu ngemikhosi yezinsuku zabo zokuzalwa. Kodwa akuyena yini uNkulunkulu obaluleke nakakhulu? Futhi akufanele yini sibonge yena ngoba esinike ukuphila?
Lungile: Uqonde ukuthi akufanele ngenze iphathi yami?
Sicelo: Uwena okufanele uzenzele isinqumo ngalokho. Kodwa ngicela ucabange ngalokhu. Abantu abaningi bathanda ukuthola izipho ngosuku lokuzalwa, kodwa iBhayibheli lithi ujabula kakhulu uma upha kunalapho uphiwa. Ngakho, kunokuba sibe nephathi yosuku lokuzalwa ezosenza sizinake thina kakhulu, ngeke yini kube kuhle ukuba sibonge uNkulunkulu, sicabange ngabanye futhi sibenzele okuhle?
Lungile: Bengingakaze ngicabange ngalokho. Usho ukuthi abazali bakho abakuphi nhlobo izipho?
Sicelo: Abeve bengipha, kodwa abalindi ukuba kuze kube usuku lwami lokuzalwa. Bangipha noma nini. Lungile, ungathanda yini ukwazi ukuthi imikhosi yosuku lokuzalwa yaqala kanjani?
Lungile: Ungangitshela?
Sicelo: Kusasa ngizokuxoxela indaba ezokumangaza ephathelene nosuku lokuzalwa lwakudala.
UKUSHAYELA IFULEGE INDESHENI
Nandi: Ntombi, kungani ungalishayeli indesheni ifulege?
Ntombi: Ngiyawujabulela umbuzo wakho, Nandi. Mhlawumbe ngingaqala ngokubuza ukuthi wena kungani ulishayela?
Nandi: Yingoba ngithanda izwe lakithi.
Ntombi: Uyamthanda nomama wakho, Nandi. Kodwa, awumshayeli indesheni, angithi?
Nandi: Uqinisile. Kodwa, ifulege ngilishayela indesheni ngoba ngilihlonipha. Awulihloniphi yini wena?
Ntombi: Ngiyalihlonipha. Kodwa asibashayeli indesheni bonke abantu nezinto esizihloniphayo, angithi?
Nandi: Kunjalo, ngiyamhlonipha uthisha wethu kodwa angimshayeli indesheni. Kusho ukuthi angisazi isizathu sokuba ngishayele ifulege indesheni.
Ntombi: Nandi, abantu abaningi bacabanga ukuthi ifulege limelela izwe lakubo. Ukulishayela indesheni kusho ukuthi bayokwenza noma yini ngenxa yezwe lakubo. Kodwa mina angiboni ukuthi kulungile lokho. Angikwazi ukunikela ngokuphila kwami ezweni lakithi ngoba nguNkulunkulu onginike kona. Ngenze isinqumo sokuba ukuphila kwami ngikunikezele kuye. Ngakho, nakuba ngilihlonipha ifulege, angilishayeli indesheni.
Nandi: Ngiyabona.
Ntombi: Uyazi, Nandi, wenzile wakhuluma ngale ndaba. Uma ufuna ukwazi ukuthi kungani ngenza noma ngingayenzi into ethile ngokuzayo, ukhululeke ungibuze. IBhayibheli lithi kudala, inkosi yaseBhabhiloni yayala abantu ukuba bakhothamele isithombe esithile. Abanye abasikhothamelanga ngisho noma lokho kwakufaka ukuphila kwabo engozini.
Nandi: Ngempela? Kwabe sekwenzekani kubo?
Ntombi: Ngizokutshela ngabo ngesikhathi sekhefu.
EZOMBUSAZWE ZASESIKOLENI
Mondli: Sihle, ucabanga ukuthi ubani okufanele abe umholi wekilasi?
Sihle: Akekho engimkhethayo kulabo abasohlwini.
Mondli: Kungani?
Sihle: Senginaye umholi ongcono kakhulu. Njengoba ngingumKristu, ngithembise ukulandela uJesu. Ngakho, angikwazi ukukhetha omunye umholi. Kambe uyazi ukuthi kungani ngicabanga ukuthi uJesu unguMholi okahle kakhulu?
Mondli: Cha, futhi angifune nakwazi.
Sihle: Kulungile, uma kwenzeka ngelinye ilanga ufisa ukwazi, ngiyokujabulela ukukuchazela.
[Isithombe]
“Sawubona Sicelo. Ngicela ube khona ephathini yosuku lwami lokuzalwa”
[Isithombe ekhasini 3]
“Kungani ungalishayeli indesheni ifulege?”