Ukuqonda Nokwazisa UMose Omkhulu
“UJehova uNkulunkulu uyonivusela phakathi kwabafowenu umprofethi onjengami. Kumelwe nimlalele.”—IZE. 3:22.
1. UJesu Kristu uye waba naliphi ithonya emlandweni?
EMINYAKENI eyizinkulungwane ezimbili edlule, abelusi abathile bezwa uquqaba lwezingelosi ezulwini zidumisa uNkulunkulu ngokuzalwa komntwana othile wesilisa. (Luka 2:8-14) Ngemva kweminyaka engu-30, lapho lowo mntwana esekhulile, waqala inkonzo eyathatha iminyaka emithathu nesigamu nje, kodwa eyashintsha umlando. Isazi-mlando esidumile sekhulu le-19, uPhilip Schaff, sashukumiseleka ukuba sithi ngale nsizwa: “Nakuba yona ingabhalanga nomusho owodwa, yashukumisela abaningi ukuba babhale, yenza kwaba nezihloko zezintshumayelo eziningi, zezinkulumo zasobala, izingxoxo, imiqulu emikhulu, imidwebo nezezingoma zokudumisa ukudlula inqwaba yabantu abavelele basendulo nabanamuhla.” Leyo nsizwa ephawulekayo inguJesu Kristu.
2. Umphostoli uJohane wathini ngoJesu nangenkonzo yaKhe?
2 Umphostoli uJohane wabhala ngenkonzo kaJesu futhi ekuphetheni wathi: “Eqinisweni, kukhona nezinye izinto eziningi uJesu azenza, lezo engicabanga ukuthi, uma bezingalotshwa ngemininingwane egcwele, izwe ngokwalo belingenakukwazi ukuyiqukatha imiqulu ebiyolotshwa.” (Joh. 21:25) UJohane wayazi ukuthi lokho ayekwazile ukukuloba kwakuyingxenye encane nje yakho konke okwashiwo nokwenziwa uJesu phakathi naleyo minyaka emithathu nesigamu eyaba nezenzakalo eziningi. Noma kunjalo, izenzakalo ezilotshwe uJohane eVangelini lakhe zizuzisa kakhulu.
3. Singakujulisa kanjani ukuqonda kwethu indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu?
3 Ngaphandle kwamaVangeli amane abalulekile, ezinye izingxenye zeBhayibheli zinikeza imininingwane eqinisa ukholo ngokuphila kukaJesu. Ngokwesibonelo, ukulandisa kweBhayibheli ngamadoda athile okholo ayephila ngaphambi kukaJesu kuqukethe ukwaziswa okujulisa ukuqonda kwethu indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu. Ake sihlole okunye kwalokhu.
Amadoda Okholo Afanekisela UKristu
4, 5. Obani abafanekisela uJesu, futhi ngaziphi izindlela?
4 UJohane kanye nabanye abalobi abathathu bamaVangeli bakhuluma ngoMose, uDavide noSolomoni njengamadoda afanekisela uJesu njengoGcotshiweyo kaNkulunkulu nanjengeNkosi yesikhathi esizayo. Lezo zinceku zikaNkulunkulu zasendulo zamfanekisela ngayiphi indlela uJesu, futhi yini esingayifunda kulokhu kulandisa?
5 Ngamafuphi, iBhayibheli lisitshela ukuthi uMose wayengumprofethi, umlamuleli nomkhululi. NoJesu unjalo. UDavide wayengumalusi futhi eyinkosi eyanqoba izitha zama-Israyeli. NoJesu ungumalusi nenkosi enqobayo. (Hez. 37:24, 25) Ngenkathi esathembekile, uSolomoni wayengumbusi ohlakaniphile futhi ngesikhathi ebusa kwaba nokuthula kwa-Israyeli. (1 AmaKh. 4:25, 29) NoJesu uhlakaniphe kakhulu futhi ubizwa ngokuthi “iSikhulu Sokuthula.” (Isaya 9:6) Kusobala ukuthi indima kaJesu Kristu iyafana neyalawo madoda asendulo kodwa eyakhe indima enjongweni kaNkulunkulu iphakeme kakhulu. Okokuqala, ake siqhathanise uJesu noMose bese sibona ukuthi lokho kusisiza kanjani ukuba siyiqonde ngokwengeziwe indima kaJesu enjongweni kaNkulunkulu.
UMose—Umanduleli KaJesu
6. Umphostoli uPetru wakuchaza kanjani ukubaluleka kokulalela uJesu?
6 Ngemva nje kwePhentekoste lika-33 C.E., umphostoli uPetru wacaphuna isiprofetho esashiwo uMose esagcwaliseka kuJesu Kristu. Wayephambi kwesixuku sabakhulekeli ethempelini. Abantu ‘bamangala’ lapho uPetru noJohane bephulukisa isinxibi esazalwa silunyonga, futhi bagijimela kubo ukuyozibonela. UPetru wachaza ukuthi lesi simangaliso sasenzeke ngomoya ongcwele kaJehova owawusebenza ngoJesu Kristu. Khona-ke, ecaphuna emiBhalweni YesiHebheru, wathi: “Eqinisweni, uMose wathi, ‘UJehova uNkulunkulu uyonivusela phakathi kwabafowenu umprofethi onjengami. Kumelwe nimlalele kuzo zonke izinto azikhulumayo kini.’”—IzE. 3:11, 22, 23; funda uDuteronomi 18:15, 18, 19.
7. Kungani ababelalele uPetru babengawaqonda amazwi akhe ngomprofethi omkhulu kunoMose?
7 Cishe labo ababelalele uPetru babengaweshwami la mazwi kaMose. Njengoba babengamaJuda, babemhlonipha kakhulu uMose. (Dut. 34:10) Babelangazelela ukufika komprofethi omkhulu kunoMose. Lowo mprofethi wayengeke nje abe ogcotshwe uNkulunkulu njengoMose, kodwa wayezoba uMesiya owayelindelwe, “uKristu kaNkulunkulu, Okhethiweyo” kaJehova.—Luka 23:35; Heb. 11:26.
Izindlela UJesu NoMose Abafana Ngazo
8. Yikuphi ukufana okukhona phakathi kokuphila kukaMose nokukaJesu?
8 Ukuphila kukaJesu kwasemhlabeni kunezici ezithile okufana ngazo nokukaMose. Ngokwesibonelo, njengezinsana bobabili uMose noJesu baphunyuka ekubulaweni ababusi abangomashiqela. (Eks. 1:22–2:10; Math. 2:7-14) Ngaphezu kwalokho, bobabili ‘babizwa ukuba baphume eGibhithe.’ Umprofethi uHoseya wabhala: “Lapho u-Israyeli esengumfana, ngamthanda ngaleso sikhathi, futhi ngayibiza indodana yami ukuba iphume eGibhithe.” (Hos. 11:1) Amazwi kaHoseya ayebhekisela esikhathini esedlule ngenkathi isizwe sakwa-Israyeli siphuma eGibhithe, siholwa umholi owayemiswe uNkulunkulu, uMose. (Eks. 4:22, 23; 12:29-37) Nokho, amazwi kaHoseya ayengabhekiseli esenzakalweni sesikhathi esedlule kuphela, kodwa nakwesinye esasisazokwenzeka. Amazwi akhe ayeyisiprofetho esagcwaliseka lapho uJosefa noMariya bebuya eGibhithe noJesu ngemva kokufa kweNkosi uHerode.—Math. 2:15, 19-23.
9. (a) Iziphi izimangaliso ezenziwa uMose noJesu? (b) Yisho ezinye zezindlela uJesu noMose abafana ngazo. (Bheka ibhokisi elithi “Ezinye Izindlela UJesu Afana Ngazo NoMose,” ekhasini 26.)
9 Bobabili uMose noJesu benza izimangaliso, kanjalo bebonisa ukuthi babesekelwa uJehova. NgokweBhayibheli, uMose ungumuntu wokuqala okwabhalwa ngaye ukuthi wenza izimangaliso. (Eks. 4:1-9) Ngokwesibonelo, wenza izimangaliso eziphathelene namanzi lapho eyala amanzi omfula iNayile namachibi awo anemihlanga ukuba aphenduke igazi, uLwandle Olubomvu ukuba luhlukane phakathi futhi enza ukuba amanzi aphume edwaleni ehlane. (Eks. 7:19-21; 14:21; 17:5-7) NoJesu wenza izimangaliso eziphathelene namanzi. Isimangaliso sakhe sokuqala ngqa saba ukuphendula amanzi abe iwayini edilini lomshado. (Joh. 2:1-11) Kamuva, wathulisa uLwandle LwaseGalile olwalugubha. Ngesinye isikhathi, wahamba ngisho naphezu kwamanzi! (Math. 8:23-27; 14:23-25) Ezinye izindlela abafana ngazo uMose noMose Omkhulu, uJesu, ungazithola ebhokisini elisekhasini 26.
Yazisa UKristu Njengomprofethi
10. Uyini umprofethi wangempela, futhi kungani uMose ayengumprofethi onjalo?
10 Abantu abaningi bacabanga ukuthi umprofethi umuntu obikezela ikusasa, kodwa lokho kumane nje kuyingxenye yomthwalo wemfanelo womprofethi. Umprofethi wangempela ungumkhulumeli kaJehova ophefumulelwe, omemezela ‘izinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.’ (IzE. 2:11, 16, 17) Phakathi kokunye, ukuprofetha kwakhe kungahlanganisa ukumemezela izenzakalo zesikhathi esizayo, ukwambula izici zenjongo kaJehova, noma ukumemezela izahlulelo zikaNkulunkulu. UMose wayengumprofethi onjalo. Wabikezela ngayinye yeziNhlupho Eziyishumi ezehlela iGibhithe. Wadlulisela isivumelwano soMthetho eSinayi. Wafundisa isizwe lokho okwakuyintando kaNkulunkulu. Noma kunjalo, ekugcineni kwakuyofika umprofethi omkhulu kunoMose.
11. UJesu wayifeza kanjani indima yokuba umprofethi omkhulu kunoMose?
11 Kamuva, ekhulwini lokuqala, uZakariya wakhonza njengomprofethi lapho embula injongo kaNkulunkulu ngokuphathelene nendodana yakhe, uJohane. (Luka 1:76) Leyo ndodana yaba uJohane uMbhapathizi, owamemezela ukuza komprofethi omkhulu kunoMose okwase kuyisikhathi eside elindelwe—uJesu Kristu. (Joh. 1:23-36) Njengomprofethi, uJesu wabikezela izinto eziningi. Ngokwesibonelo, wakhuluma ngokufa kwakhe, wabikezela indlela ayezofa ngayo, indawo ayezofela kuyo nokuthi wayezobulawa obani. (Math. 20:17-19) Okwamangalisa izilaleli zakhe ukuthi wabikezela nangokubhujiswa kweJerusalema nethempeli lalo. (Marku 13:1, 2) Iziprofetho zakhe ziyasebenza nasosukwini lwethu.—Math. 24:3-41.
12. (a) UJesu wasibeka kanjani isisekelo somkhankaso wokushumayela emhlabeni wonke? (b) Singasilingisa kanjani isibonelo sikaJesu namuhla?
12 Ngaphezu kokuba umprofethi, uJesu wayengumshumayeli nomfundisi. Washumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu, futhi akekho owake wakhuluma ngesibindi esinjengesakhe. (Luka 4:16-21, 43) Akekho owake wafundisa njengaye. Abanye abamuzwa efundisa bathi: “Akekho omunye umuntu owake wakhuluma kanje.” (Joh. 7:46) UJesu wayeshiseka emsebenzini wakhe wokusakaza izindaba ezinhle, futhi washukumisa nabalandeli bakhe ukuba bashisekele uMbuso ngokufanayo. Kanjalo, wabeka isisekelo somkhankaso womhlaba wonke wokushumayela nokufundisa osaqhubeka. (Math. 28:18-20; IzE. 5:42) Ngonyaka ophelile, abalandeli bakaKristu abayizigidi ezingu-7 bachitha amahora angu-1 500 000 000 emsebenzini wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokufundisa abathakazelayo amaqiniso eBhayibheli. Ingabe uhlanganyela ngokuzimisela kulo msebenzi?
13. Yini eyosisiza ukuba “sihlale siphapheme”?
13 Akungabazeki ukuthi uJehova wasigcwalisa isiprofetho sokuvusa umprofethi onjengoMose. Ukwazi lokhu kukuthinta kanjani? Ingabe kukwenza uqiniseke ngokwengeziwe ngokugcwaliseka kweziprofetho eziphefumulelwe eziphathelene nekusasa lethu? Yebo, ukuzindla ngesibonelo sikaMose Omkhulu kusishukumisela ukuba “sihlale siphapheme futhi sihlale sisangulukile” mayelana nalokho uNkulunkulu azokwenza maduze.—1 Thes. 5:2, 6.
Yazisa UKristu Njengomlamuleli
14. UMose waba kanjani umlamuleli phakathi kwama-Israyeli noNkulunkulu?
14 NjengoMose, uJesu waba ngumlamuleli. UMose waba umlamuleli wesivumelwano soMthetho esasiphakathi kukaJehova nama-Israyeli. Ukube amadodana kaJakobe ayeyolalela imithetho kaNkulunkulu, ayeyohlale eyimpahla kaNkulunkulu ekhethekile, ibandla lakhe. (Eks. 19:3-8) Leso sivumelwano sasebenza kusukela ngo-1513 B.C.E. kwaze kwaba sekhulwini lokuqala C.E.
15. UJesu ungumlamuleli ophakeme kakhulu ngayiphi indlela?
15 Ngo-33 C.E., uJehova wamisa isivumelwano esingcono no-Israyeli omusha, “u-Israyeli kaNkulunkulu,” owaba ibandla lomhlaba wonke elakhiwa amaKristu agcotshiwe. (Gal. 6:16) Nakuba isivumelwano uMose ayengumlamuleli waso sasihlanganisa imithetho uNkulunkulu ayibhala etsheni, isivumelwano uJesu angumlamuleli waso siphakeme kakhulu. Imithetho yaso uNkulunkulu uyiloba ezinhliziyweni zabantu. (Funda eyoku-1 Thimothewu 2:5; amaHebheru 8:10.) Ngakho, “u-Israyeli kaNkulunkulu” manje uyimpahla kaNkulunkulu ekhethekile, “isizwe esithela izithelo” zoMbuso kaMesiya. (Math. 21:43) Amalungu aleso sizwe esingokomoya angabahlanganyeli kuleso sivumelwano esisha. Noma kunjalo, akuwona kuphela azuzayo kuso. Izigidi ezingenakubalwa, ngisho nabaningi abasemathuneni, bayothola izibusiso zaphakade ngenxa yaleso sivumelwano esiphakeme kakhulu.
Yazisa UKristu Njengomkhululi
16. (a) UJehova wamsebenzisa ngaziphi izindlela uMose ukuze akhulule u-Israyeli? (b) Ngokuka-Eksodusi 14:13, insindiso ivela kubani?
16 Ngobusuku bokugcina ngaphambi koFuduko lwama-Israyeli, abanye babantwana bawo babesengozini enkulu. Ingelosi kaNkulunkulu yayisizodabula ezweni laseGibhithe ibulale wonke amazibulo. UJehova watshela uMose ukuthi amazibulo ama-Israyeli ayezosindiswa uma ama-Israyeli ayethatha igazi lewundlu lePhasika alifafaze emakhothamweni nasezinsikeni zeminyango yawo. (Eks. 12:1-13, 21-23) Kwaba njalo. Kamuva, sonke isizwe sakwa-Israyeli sazithola sisengozini enkulu. Sasivaleleke phakathi koLwandle Olubomvu nezinqola zempi zabaseGibhithe ezazibajaha. Nalapha uJehova wasikhulula ngoMose, owahlukanisa amanzi alolo lwandle ngokuyisimangaliso.—Eks. 14:13, 21.
17, 18. UJesu ungumkhululi omkhulu kunoMose ngaziphi izindlela?
17 Nakuba lezo zenzo zokukhulula zazizinkulu, ukukhulula okwenziwa uJehova ngoJesu kukhulu ngokwengeziwe. UJesu uyindlela abantu abalalelayo abakhululwa ngayo ebugqilini besono. (Roma 5:12, 18) Lokho kukhululwa ‘kuwukukhululwa okuphakade.’ (Heb. 9:11, 12) Igama elithi Jesu lisho ukuthi “uJehova uyiNsindiso.” UJesu, njengoMkhululi wethu, noma uMsindisi, akasikhululi kuphela ezonweni zethu zesikhathi esidlule, kodwa usivulela nendlela yokuthola ikusasa elingcono. Ngokubakhulula ebugqilini besono, uJesu usindisa abalandeli bakhe olakeni lukaNkulunkulu abasize babe nobuhlobo bothando noJehova.—Math. 1:21.
18 Ukukhululwa esonweni esikuthola ngoJesu ngokuhamba kwesikhathi kuyohlanganisa nokukhululwa emiphumeleni yaso emibi—ukugula ngisho nokufa. Ukuze ukubone ngeso lengqondo ukuthi lokhu kuyosho ukuthini, cabanga ngalokho okwenzeka lapho uJesu eya emzini womuntu othile ogama lakhe linguJayiru, ondodakazi yakhe eneminyaka engu-12 yayishonile. UJesu waqinisa uJayiru: “Ungesabi, kuphela bonakalisa ukholo, izosinda.” (Luka 8:41, 42, 49, 50) Nembala, le ntombazane yavuka kwabafileyo! Ungayibona yini ngeso lengqondo injabulo yabazali bayo? Uma kunjalo usunomqondo wenjabulo enkulu esiyoba nayo ovukweni lapho “bonke abasemathuneni beyokhunjulwa futhi bayolizwa izwi [likaJesu] baphume.” (Joh. 5:28, 29) Ngempela, uJesu unguMsindisi noMkhululi wethu!—Funda izEnzo 5:31; Thithu 1:4; IsAm. 7:10.
19, 20. (a) Ukuzindla ngendima kaJesu njengoMose Omkhulu kusithinta kanjani? (b) Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Ukwazi ukuthi singaba nesandla ekusizeni abantu ukuba bazuze ezenzweni zikaJesu zokusindisa kusishukumisela ukuba sihlanganyele emsebenzini wokushumayela nokufundisa. (Isaya 61:1-3) Ngaphezu kwalokho, ukuzindla ngendima kaJesu njengoMose Omkhulu kwenza siqiniseke ngokwengeziwe ngokuthi uyobakhulula abalandeli bakhe lapho ezokwahlulela abantu ababi.—Math. 25:31-34, 41, 46; IsAm. 7:9, 14.
20 Yebo, uJesu unguMose Omkhulu. Wenza izinto eziningi ezimangalisayo uMose ayengasoze akwazi ukuzenza. Amazwi kaJesu njengomprofethi nezinto azenza njengomlamuleli kuthinta wonke umkhaya wesintu. NjengoMkhululi, akakhululi isintu esilalelayo okwesikhashana nje, kodwa usilethela insindiso yaphakade. Nokho, kusekuningi esingakufunda ngoJesu emadodeni okholo asendulo. Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngendlela aba ngayo uDavide Omkhulu noSolomoni Omkhulu.
Ungachaza?
UJesu mkhulu kanjani kunoMose
• njengomprofethi?
• njengomlamuleli?
• njengomkhululi?
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 26]
Ezinye Izindlela UJesu Afana Ngazo NoMose
◻ Bobabili bashiya izikhundla eziphakeme ukuze bakhonze uJehova nabantu bakhe.—2 Kor. 8:9; Fil. 2:5-8; Heb. 11:24-26.
◻ Bobabili bakhonza njengabagcotshiwe, noma ‘okristu.’—Marku 14:61, 62; Joh. 4:25, 26; Heb. 11:26.
◻ Bobabili babemelela igama likaJehova.—Eks. 3:13-16; Joh. 5:43; 17:4, 6, 26.
◻ Bobabili babonisa ubumnene.—Num. 12:3; Math. 11:28-30.
◻ Bobabili banika uquqaba ukudla.—Eks. 16:12; Joh. 6:48-51.
◻ Bobabili bakhonza njengabahluleli nabaniki-mthetho.—Eks. 18:13; Mal. 4:4; Joh. 5:22, 23; 15:10.
◻ Bobabili baphathiswa ubunhloko phezu kwendlu kaNkulunkulu.—Num. 12:7; Heb. 3:2-6.
◻ Bobabili bachazwa njengofakazi bakaJehova abathembekile.—Heb. 11:24-29; 12:1; IsAm. 1:5.
◻ Ngemva kokufa kwabo, nguNkulunkulu owaziyo ukuthi kwenzekani ngemizimba yabo.—Dut. 34:5, 6; Luka 24:1-3; IzE. 2:31; 1 Kor. 15:50; Jude 9.