Sondela KuNkulunkulu
Uyabuqonda Ubuhlungu Bethu
“ISIHAWU siwukuzwa ubuhlungu obuzwayo enhliziyweni yami.” Isithunywa sevangeli esesikhulile esinguFakazi KaJehova sayichaza kanjalo le mfanelo eyigugu. UJehova uNkulunkulu uyisibonelo esivelele sesihawu. Uyabuzwa ubuhlungu babantu bakhe. Singaqiniseka kanjani ngalokho? Isihawu sikaJehova sabonakala ngokugcwele ngamazwi nangezenzo zikaJesu lapho esemhlabeni. (Johane 5:19) Ngokwesibonelo, cabangela isenzakalo esichazwa kuJohane 11:33-35.
Lapho umngane kaJesu uLazaru efa kungazelelwe, uJesu walibangisa emzini wakubo. Kuyaqondakala ukuthi kungani odadewabo bakaLazaru, uMariya noMarta, babelusizi. UJesu wayewuthanda kakhulu lo mkhaya. (Johane 11:5) Wayezokwenzenjani-ke? Ukulandisa kuthi: “Lapho uJesu embona [uMariya] ekhala namaJuda ayeze naye ekhala, wabubula emoyeni futhi wakhathazeka; wathi: ‘Nimbekephi?’ Bathi kuye: ‘Nkosi, woza uzobona.’ UJesu wakhala izinyembezi.” (Johane 11:33-35) UJesu wayekhalelani? Kuyiqiniso, umngane wakhe othandekayo uLazaru wayefile, kodwa uJesu wayesezokulungisa lokho ngokumvusa. (Johane 11:41-44) Ingabe kukhona okunye okwakuthinte uJesu ngokomzwelo?
Ake uwabheke futhi amazwi acashunwe ngenhla. Phawula ukuthi lapho uJesu ebona uMariya nababenaye bekhala, “wabubula” futhi “wakhathazeka.” Amazwi olimi lokuqala asetshenziswe lapha abonisa imizwelo ejulile.a UJesu wathinteka ngokujulile ngenxa yalokho akubona. Imizwelo enamandla eyamfikela yaba sobala njengoba ehlengezela izinyembezi. Kusobala ukuthi ubuhlungu babanye bayithinta inhliziyo kaJesu. Ingabe wake wakhala ngenxa yokubona othile omkhathalelayo ekhala?—Roma 12:15.
Isihawu sikaJesu sisisiza siqonde izimfanelo nezindlela zikaYise, uJehova. Khumbula ukuthi wazibonakalisa ngokuphelele izimfanelo zikaYise kangangokuthi wayengathi: “Ongibonile mina umbonile noBaba futhi.” (Johane 14:9) Ngakho lapho sifunda ukuthi “uJesu wakhala izinyembezi,” singaqiniseka ngokuthi uJehova ubuzwa ngokoqobo ubuhlungu babakhulekeli bakhe. Empeleni, nabanye abalobi beBhayibheli bayalifakazela leli qiniso. (Isaya 63:9; Zakariya 2:8) Yeka ukuthi uJehova uNkulunkulu unesisa kangakanani!
Isihawu sidonsa abanye abantu. Lapho sidumele noma sicindezelekile sidonseleka komunye umuntu ongaqonda izimo zethu futhi azwelane nathi. Yeka ukuthi sidonseleka kakhulu kangakanani kuJehova, uNkulunkulu onozwela ozwa ubuhlungu bethu futhi oqondayo ukuthi kungani sikhala!—IHubo 56:8.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “wakhala izinyembezi” ngokuvamile lisho “ukubibitheka,” kanti igama elisetshenziselwa ukuchaza ukukhala kukaMariya nabanye lingase lisho “ukukhala uzwakale, isililo.”