“Qhubeka Uqaphela Inkonzo Owayamukela ENkosini”
“Qhubeka uqaphela inkonzo owayamukela eNkosini, ukuba uyifeze.”—KOL. 4:17.
1, 2. AmaKristu anamuphi umthwalo wemfanelo ngokuqondene nesintu?
SINOMTHWALO wemfanelo ongathí sina ngokuqondene nabantu abasizungezile. Izinqumo abazenza manje ziyosho ukuphila noma ukufa “osizini olukhulu.” (IsAm. 7:14) Umlobi ophefumulelwe wezAga wathi: “Khulula labo abayiswa ekufeni; nalabo abayendayendela ekuhlatshweni, sengathi ungabanqanda.” Yeka amazwi athinta inhliziyo! Ukungawufezi umthwalo wemfanelo wokuxwayisa abantu ngokukhetha okumelwe bakwenze kungasenza sibe necala legazi. Eqinisweni, le ndima iqhubeka ithi: “Uma kwenzeka uthi: ‘Bheka! Besingakwazi lokhu,’ ngeke yini lowo olinganisa izinhliziyo akubone, naye oqaphela umphefumulo wakho ngeke yini azi abese ebuyisela nakanjani kumuntu wasemhlabeni ngokomsebenzi wakhe?” Ngokusobala, izinceku zikaJehova azinakusho ukuthi ‘azazi’ ngengozi abantu abalengela kuyo.—IzAga 24:11, 12.
2 UJehova ubheka ukuphila njengokuyigugu. Unxusa izinceku zakhe ukuba zenze okusemandleni ukuba zisize ekusindiseni abantu abaningi ngangokunokwenzeka. Isikhonzi sikaNkulunkulu ngasinye kumelwe sisakaze isigijimi esisindisa ukuphila esiseZwini lakhe. Umsebenzi wethu uthi awufane nowomlindi ohlaba umkhosi lapho ebona ingozi isongela. Asifuni ukuba igazi lalabo abasengozini yokubhujiswa libe semakhanda ethu. (Hez. 33:1-7) Yeka ukuthi kubaluleke kangakanani-ke ukuba siphikelele emizamweni yethu ‘yokushumayela izwi’!—Funda eyesi-2 Thimothewu 4:1, 2, 5.
3. Iziphi izindaba ezizodingidwa yilesi sihloko nezimbili ezilandelayo?
3 Lesi sihloko sizodingida indlela onganqoba ngayo izithiyo enkonzweni yakho esindisa ukuphila nendlela ongase ukwazi ngayo ukusiza abantu abengeziwe. Isihloko esilandelayo sizohlola indlela ongahlakulela ngayo ikhono lokufundisa amaqiniso abalulekile. Isihloko esifundwayo sesithathu sizositshela ngeminye yemiphumela ekhuthazayo etholwa abamemezeli boMbuso emhlabeni wonke. Nokho, ngaphambi kokuba sixoxe ngalezi zindaba, kungakuhle ukubukeza ukuthi yini ngempela eyenza izikhathi esiphila kuzo zibe bucayi kangaka.
Okwenza Abaningi Bangabi Nathemba
4, 5. Isintu sibhekene nani, futhi abantu abaningi basabela kanjani?
4 Izenzakalo zezwe zibonisa ukuthi siphila ‘esiphelweni sesimiso sezinto’ nokuthi ukuphela kuseduze kakhulu. Isintu sibhekene nezenzakalo nezimo uJesu nabafundi bakhe abathi zaziyoba uphawu ‘lwezinsuku zokugcina.’ Isintu sikhungethwe ‘imihelo yokucindezeleka,’ ehlanganisa izimpi, ukusweleka kokudla, ukuzamazama komhlaba nezinye izinhlekelele. Ukungabi namthetho, ubugovu nokungamhloniphi uNkulunkulu kudlangile. Lezi “izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo” ngisho nakubantu abazama ukuphila ngezindinganiso zeBhayibheli.—Math. 24:3, 6-8, 12; 2 Thim. 3:1-5.
5 Nokho, uquqaba lwesintu alwazi ukuthi lezi zenzakalo zezwe zisho ukuthini ngempela. Ngenxa yalokho, abaningi bakhathazekile ngokuphepha kwabo nokwemikhaya yabo. Ukufelwa abathandekayo noma ezinye izinto ezibuhlungu ezivelela abantu zenza abaningi bacindezeleke. Njengoba bengenalo ulwazi olunembile lokuthi kungani izinto ezinjalo zenzeka nokuthi ikhambi lingatholakalaphi, laba bantu abanathemba.—Efe. 2:12.
6. Kungani “iBhabhiloni Elikhulu” lingakwazanga ukusiza abalandeli balo?
6 “IBhabhiloni Elikhulu,” umbuso wezwe wenkolo yamanga, alibaduduzi kangako abantu. Kunalokho, ‘ngewayini lobufebe balo,’ liye lenza abantu abaningi bayendayenda bekhungathekile ngokomoya. Ngaphezu kwalokho, ngokuziphatha kwayo njengesifebe, inkolo yamanga iye yanxenxa futhi yalawula “amakhosi omhlaba” isebenzisa izimfundiso zamanga nemikhuba yokusebenzelana nemimoya ukuze igcine uquqaba luthobela amakhosi alo ezombangazwe ngokungathandabuzi. Kanjalo inkolo yamanga iye yathola amandla nethonya, kodwa ngesikhathi esifanayo iye yalenqaba ngokuphelele iqiniso elingokwenkolo.—IsAm. 17:1, 2, 5; 18:23.
7. Iningi lesintu lilindelwe yini, kodwa abanye bangasizwa kanjani?
7 UJesu wathi iningi lesintu lihamba endleleni ebanzi eholela ekubhujisweni. (Math. 7:13, 14) Abanye abantu bakule ndlela ebanzi ngoba beye bakhetha ngamabomu ukwenqaba lokho okufundiswa iBhayibheli, kodwa abanye abaningi bakuyo ngoba beye bakhohliswa, noma bagcinwa bengenalwazi ngalokho uJehova akufunayo kubo ngempela. Mhlawumbe abanye bangashintsha ukuphila kwabo uma benganikezwa izizathu ezinengqondo ezingokomBhalo zokwenza kanjalo. Kodwa labo abaqhubeka beseBhabhiloni Elikhulu futhi abaqhubeka benqaba izindinganiso zeBhayibheli ngeke basinde “osizini olukhulu.”—IsAm. 7:14.
Qhubeka Ushumayela “Ngaphandle Kokuyekethisa”
8, 9. AmaKristu ekhulu lokuqala enzenjani lapho ebhekene nokuphikiswa, futhi ngani?
8 UJesu wathi abafundi bakhe babeyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso futhi benze abafundi. (Math. 28:19, 20) Ngakho-ke, amaKristu eqiniso abelokhu ebheka ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela njengendlela yokubonisa ubuqotho kuNkulunkulu nanjengemfuneko eyisisekelo yokholo lwawo. Yingakho abalandeli bakaJesu bokuqala baphikelela ngisho nalapho bephikiswa. Bancika kuJehova ukuze abanike amandla, bethandazela ukuba abasize baqhubeke ‘bekhuluma izwi lakhe ngaso sonke isibindi.’ UJehova wabaphendula ngokubenza bagcwale umoya ongcwele, futhi bakhulume izwi lakhe ngesibindi.—IzE. 4:18, 29, 31.
9 Ingabe abalandeli bakaJesu bantengantenga ekuzimiseleni kwabo ukushumayela izindaba ezinhle lapho abaphikisi beba nobudlova? Lutho neze. Becasulwe ukushumayela kwabaphostoli, abaholi benkolo bamaJuda bababopha, babasongela futhi bababhambabula. Noma kunjalo, abaphostoli “baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle ngoKristu, uJesu.” Baqonda kahle ukuthi kwakumelwe ‘balalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.’—IzE. 5:28, 29, 40-42.
10. Iziphi izinselele amaKristu abhekene nazo namuhla, kodwa ukuziphatha kwawo okuhle kungase kube namuphi umphumela?
10 Iningi lezinceku zikaNkulunkulu namuhla akukaze kudingeke ukuba likhuthazelele ukushaywa noma ukuboshwa ngenxa yomsebenzi walo wokushumayela. Nokho, wonke amaKristu eqiniso abhekana novivinyo nokulingwa ngandlela-thile. Ngokwesibonelo, unembeza wakho oqeqeshwe ngeBhayibheli ungase ukushukumise ukuba uziphathe ngendlela engathandwa noma ekwenza uhluke. Osebenza nabo, ofunda nabo, noma omakhelwane bangase bacabange ukuthi uyinqaba ngoba usekela izinqumo zakho ezimisweni zeBhayibheli. Noma kunjalo, ukusabela kwabo okungekuhle akufanele kukudikibalise. Izwe lisebumnyameni ngokomoya, kodwa amaKristu kumelwe ‘akhanye njengezinkanyiso.’ (Fil. 2:15) Mhlawumbe abantu abathile abaqotho abakubhekile bayoyibona futhi bayazise imisebenzi yakho emihle bese bekhazimulisa uJehova.—Funda uMathewu 5:16.
11. (a) Abanye bangase basabele kanjani emsebenzini wokushumayela? (b) Ikuphi ukuphikiswa umphostoli uPawulu abhekana nakho, futhi wasabela kanjani?
11 Kudingeka isibindi ukuze siqhubeke sishumayela isigijimi soMbuso. Abanye abantu, ngisho nezihlobo, bangase bakuhleke usulu noma bazame ukukudikibalisa ngenye indlela. (Math. 10:36) Umphostoli uPawulu washaywa izikhathi ezingaphezu kwesisodwa ngoba eyifeza ngokwethembeka inkonzo yakhe. Phawula indlela asabela ngayo kulokho kuphikiswa. Wabhala: ‘Saqunga isibindi ngoNkulunkulu wethu ukuba sikhulume kini izindaba ezinhle zikaNkulunkulu ngokushikashikeka okukhulu, ngemva kokuba sesihluphekile kuqala futhi seyiswa.’ (1 Thes. 2:2) Ngokuqinisekile, kwakuyinselele kuPawulu ukuqhubeka eshumayela izindaba ezinhle ngemva kokubanjwa, ukuhlutshulwa izingubo, ukushaywa ngezinduku nokuphonswa etilongweni. (IzE. 16:19-24) Yini eyamenza waba nesibindi sokuqhubeka? Yisifiso sakhe esinamandla sokufeza umyalo wokushumayela ayewunikwe uNkulunkulu.—1 Kor. 9:16.
12, 13. Iziphi izinselele abanye ababhekene nazo, futhi baye bazama kanjani ukuzinqoba?
12 Kungaba inselele nokuqhubeka sishiseka emasimini lapho kuqabukela ukuthola abantu emakhaya noma lapho bengenasithakazelo esitheni esigijimini soMbuso. Yini esingayenza ezimweni ezinjalo? Kungase kudingeke siqunge isibindi kakhudlwana ukuze sifakaze ngokwethukela. Kungase kudingeke nokuba senze izinguquko esimisweni sethu noma sigxile ezindaweni esingathola kuzo abantu abengeziwe.—Qhathanisa noJohane 4:7-15; IzE. 16:13; 17:17.
13 Obunye ubunzima abaningi okudingeka babhekane nabo ukuguga nempilo ebuthaka, okungase kulinganisele abakwenzayo emsebenzini wokushumayela. Uma kunjalo nakuwe, ungadikibali. UJehova ukwazi kahle ukulinganiselwa kwakho futhi uyakwazisa lokho okwazi ukukwenza. (Funda eyesi-2 Korinte 8:12.) Kungakhathaliseki ukuthi ubhekene nabuphi ubunzima—ukuphikiswa, ukunganakwa, noma impilo ebuthaka—yenza konke izimo zakho ezikuvumela ukuba ukwenze ekuhlanganyeleni izindaba ezinhle nabanye.—IzAga 3:27; qhathanisa noMarku 12:41-44.
‘Qhubeka Uqaphela Inkonzo Yakho’
14. Isiphi isibonelo umphostoli uPawulu asibekela amaKristu akanye nawo, futhi isiphi iseluleko asinikeza?
14 Umphostoli uPawulu wayeyithatha ngokungathí sina inkonzo yakhe, futhi wakhuthaza ayekholwa nabo ukuba benze okufanayo. (IzE. 20:20, 21; 1 Kor. 11:1) Omunye umuntu amkhuthaza ngokukhethekile kwakungumKristu wekhulu lokuqala, u-Arkiphu. Encwadini ayibhalela abaseKolose, uPawulu wathi: “Tshelani u-Arkiphu nithi: ‘Qhubeka uqaphela inkonzo owayamukela eNkosini, ukuba uyifeze.’” (Kol. 4:17) Asazi ukuthi u-Arkiphu wayengubani noma ukuthi zazinjani izimo zakhe, kodwa kusobala ukuthi wayeyamukele inkonzo. Uma ungumKristu ozinikezele, nawe wamukele inkonzo. Uyaqhubeka yini uyiqaphela ukuze uyifeze?
15. Ukuzinikezela komKristu kuhilelani, okuholela kumiphi imibuzo?
15 Ngaphambi kokuba sibhapathizwe, sanikezela ukuphila kwethu kuJehova ngomthandazo osuka enhliziyweni. Lokhu kwakusho ukuthi sizimisele ukwenza intando yakhe. Ngakho kuhle sizibuze manje, ‘Ingabe ngempela ukwenza intando kaNkulunkulu kuyinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwami?’ Kungenzeka sinemithwalo yemfanelo ehlukahlukene uJehova alindele ukuba siyifeze—njengokondla umkhaya. (1 Thim. 5:8) Kodwa sisisebenzisa kanjani esinye isikhathi namandla ethu? Yini eza kuqala ekuphileni kwethu?—Funda eyesi-2 Korinte 5:14, 15.
16, 17. Imaphi amathuba amaKristu asemasha noma lawo anemithwalo yemfanelo engeminingi kangako angase awacabangele?
16 Ingabe ungumKristu osemusha ozinikezele oseqede isikole noma osezosiqeda? Cishe awukabi nayo imithwalo yemfanelo yomkhaya emikhulu. Ngakho, uhlela ukwenzani ngokuphila kwakho? Iziphi izinqumo eziyokusiza ukuba usifeze kangcono isithembiso sakho sokwenza intando kaJehova? Abaningi baye bahlela izimo zabo ukuze baphayone, futhi lokho kuye kwabalethela injabulo nokwaneliseka okukhulu.—IHu. 110:3; UmSh. 12:1.
17 Mhlawumbe ungomusha osekhulakhulile. Usuyasebenza kodwa awukabi nayo imithwalo yemfanelo eminingi ngaphandle kokuzinakekela wena. Ngokungangabazeki uyakujabulela ukuhlanganyela emisebenzini yebandla ngezinga isimiso sakho esikuvumela ngalo. Ungakwazi yini mhlawumbe ukuthola injabulo eyengeziwe? Uye wakucabangela yini ukwandisa inkonzo yakho? (IHu. 34:8; IzAga 10:22) Kwamanye amasimu, kusenomsebenzi omkhulu okudingeka wenziwe ukuze kufinyelelwe wonke umuntu ngesigijimi seqiniso esinikeza ukuphila. Ungakwazi yini ukwenza izinguquko ezithile ekuphileni kwakho, mhlawumbe ukhonze endaweni enendingeko enkudlwana yabamemezeli boMbuso?—Funda eyoku-1 Thimothewu 6:6-8.
18. Iziphi izinguquko ezenziwa omunye umbhangqwana osemusha, futhi kwaba namiphi imiphumela?
18 Cabanga ngesibonelo sikaKevin no-Elena base-United States.a Njengoba kulindelekile ngabantu abasanda kushada endaweni yakubo, baba nomuzwa wokuthi kwakudingeka bathenge indlu. Babesebenza isikhathi esigcwele futhi bengase bakwazi ukuphila ntofontofo. Noma kunjalo, umsebenzi wabo wokuziphilisa nowasekhaya wawubenza babe nesikhathi esincane senkonzo yasensimini. Baqaphela ukuthi babesebenzisa cishe sonke isikhathi namandla abo ezintweni zabo. Nokho, lapho bebona ukuphila okulula kombhangqwana ongamaphayona owawujabule, uKevin no-Elena banquma ukuzihlela kabusha izinto eziza kuqala ekuphileni kwabo. Ngemva kokucela isiqondiso sikaJehova ngomthandazo, badayisa indlu yabo bathuthela efulethini. U-Elena wanciphisa amahora ayewasebenza emsebenzini wokuziphilisa futhi waba iphayona. Ekhuthazwe okuhlangenwe nakho umkakhe ayekuthola ensimini, uKevin wayeka umsebenzi wakhe wesikhathi esigcwele waqala ukuphayona. Ngemva kwesikhathi esithile, bathuthela ezweni elithile eliseNingizimu Melika bayokhonza lapho kunendingeko enkulu yabashumayeli boMbuso. UKevin uthi: “Sasilokhu sijabule emshadweni wethu, kodwa lapho sizama ukufinyelela imigomo engokomoya, sajabula nakakhulu.”—Funda uMathewu 6:19-22.
19, 20. Kungani ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuwumsebenzi obaluleke kunayo yonke namuhla?
19 Ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle kuwumsebenzi obaluleke kunayo yonke eyenziwa emhlabeni namuhla. (IsAm. 14:6, 7) Kunendima ekungcwelisweni kwegama likaJehova. (Math. 6:9) Isigijimi seBhayibheli sithuthukisa ukuphila kwezinkulungwane zabantu abasamukelayo unyaka nonyaka, futhi lokhu kungaholela ekusindisweni kwabo. Nokho, umphostoli uPawulu wabuza: “Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo?” (Roma 10:14, 15) Ngempela, bayozwa kanjani? Kungani ungazimiseli ukwenza konke ongakwenza ukuze ufeze inkonzo yakho?
20 Enye indlela ongasiza ngayo abantu ukuba baqonde ukubaluleka kwalezi zikhathi ezibucayi nemiphumela yezinqumo abazenzayo iwukuthuthukisa ikhono lakho lokufundisa. Isihloko esilandelayo sizobonisa ukuthi ungakwenza kanjani lokhu.
[Umbhalo waphansi]
a Amagama ashintshiwe.
Ungaphendula Kanjani?
• AmaKristu anamuphi umthwalo wemfanelo ngokuqondene nesintu?
• Kufanele sibhekane kanjani nezithiyo emsebenzini wethu wokushumayela?
• Singayifeza kanjani inkonzo esiyamukele?
[Isithombe ekhasini 5]
Kudingeka isibindi ukuze sishumayele lapho sibhekene nokuphikiswa
[Isithombe ekhasini 7]
Yini ongayenza uma ushumayela emasimini lapho kuqabukela uthola abantu emakhaya?