Imibuzo Evela Kubafundi
Kungani iNkosi uSawule yabuza uDavide, “Uyindodana kabani, mfana?” ngemva kokuba ebulele uGoliyati kanti ngaphambili yayimcele ukuba abe inceku yayo?—1 Samuweli 16:22; 17:58.
Impendulo elula ibingaba ukuthi uSawule wayesekhohliwe ukuthi uDavide wayengubani ngoba lapho bebonana okokuqala kwaba yisikhathi esifushane. Nokho, akunakwenzeka ukuthi kunjalo ngoba eyoku-1 Samuweli 16:18-23 ibonisa ukuthi iNkosi uSawule yayithumele ngokukhethekile ukuba kubizwe uDavide futhi yamthanda kakhulu yamenza udibi lwayo. Kumelwe ukuba uSawule wayemazi kahle uDavide.
Ezinye izazi zeBhayibheli zicabanga ukuthi amavesi eyoku-1 Samuweli 17:12-31 no-17:55–18:5 anezelwa kamuva ngoba awatholakali emaBhayibhelini athile e-Septuagint yesiGreki, inguqulo yemiBhalo YesiHebheru eyaqedwa ngekhulu lesibili B.C.E. Nokho, akukhona ukuhlakanipha ukuphetha ngale ndlela ngokubheka lawo maBhayibheli e-Septuagint kuphela, ngoba lezi zindinyana ziyavela kweminye imibhalo yesandla yemiBhalo YesiHebheru ehlonishwayo.a
Kusobala ukuthi ngokubuza u-Abhineri kuqala kamuva abuze uDavide ngokwakhe, uSawule wayengafuni nje ukwazi igama likayise kaDavide. Ngemva kokubona into entsha sha kuDavide, ukholo nesibindi esikhulu njengoba ayesanda kunqoba uGoliyati, uSawule wafuna ukwazi ukuthi wayezalwa indoda enjani. Kungenzeka ukuthi uSawule wayecabanga ukufaka uyise kaDavide, uJese, noma amanye amalungu omkhaya wakubo ebuthweni, ngoba kwakungenzeka ukuthi nabo babenaso isibindi nobuqhawe bukaDavide.
Nakuba eyoku-1 Samuweli 17:58 inempendulo kaDavide emfushane nje, ethi “ngiyindodana yenceku yakho uJese waseBhetlehema,” okwenzeka kamuva kusikisela ukuthi mhlawumbe ingxoxo ayiphelelanga lapho. Mayelana naleli phuzu, phawula okwashiwo uC. F. Keil noF. Delitzsch: “Amazwi [akweyoku-1 Samuweli 18:1] athi ‘lapho nje eqeda ukukhuluma noSawule,’ enza kube sobala kakhulu ukuthi uSawule waqhubeka exoxa noDavide ngezindaba zomkhaya wakubo, ngoba wona la mazwi abonisa ukuthi ingxoxo yabo yaba yinde.”
Kukho konke lokhu, singaphetha ngokuthi, lapho ebuza ukuthi “Uyindodana kabani, mfana?” uSawule wayengahlosile ukuthola ukuthi uDavide ungubani, ngoba wayekwazi kakade lokho, kodwa wayefuna ukwazi isizinda sikaDavide.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuqondene nokufaneleka kwezindinyana ezingekho kuyi-Septuagint, bheka i-Insight on the Scriptures, uMqulu 2, ikhasi 855, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 31]
Kungani uSawule abuza uDavide ukuthi wayeyindodana kabani?