Ingabe UNkulunkulu Ukubhekile?
INGABE uJehova, uMdali oyiNgcweti, uyabona? Yebo! IBhayibheli lisho ngokucacile: “Lowo obumba iso, angebone yini?” (IHubo 94:9) Amehlo kaJehova awadlula kude awabantu. Akukhona nje ukuthi ubona indlela esibukeka ngayo, kodwa futhi “ungumhloli wezinhliziyo” futhi uyakwazi ‘ukulinganisa izinhliziyo.’ (IzAga 17:3; 21:2) Yebo, uyakwazi ukuhlaziya imicabango nezisusa zethu kanye nezifiso zethu ezijulile.
UJehova uyabubona ubunzima esingase sibhekane nabo ekuphileni, futhi uyakuzwa ukunxusa kwethu. Umhubi wabhala: “Amehlo kaJehova akwabalungile, nezindlebe zakhe zisekukhaleleni kwabo usizo. UJehova useduze nalabo abaphukile enhliziyweni; futhi uyabasindisa abanomoya ochobozekile.” (IHubo 34:15, 18) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova uyaziqonda izimo zethu futhi uyakuzwa ukunxusa kwethu okusuka enhliziyweni!
UJehova uNkulunkulu ubona nezinto ezenziwa ebumnyameni obukhulu. Yebo, “zonke izinto zíze futhi zenekwe obala emehlweni alowo esiyolandisa kuye.” (Hebheru 4:13) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi izinto esizenzayo zinhle noma zimbi, uNkulunkulu uyazibona zonke. (IzAga 15:3) Ngokwesibonelo, uGenesise 6:8, 9 uthi “uNowa wathola umusa emehlweni kaJehova” futhi “wahamba noNkulunkulu weqiniso.” Yebo, uJehova wamamukela futhi wambusisa uNowa ngoba walalela futhi wanamathela ezimisweni zikaNkulunkulu zokulunga. (Genesise 6:22) Ngokuphambene, abantu bosuku lukaNowa babenobudlova futhi bonakele. UNkulunkulu wayesibona kahle lesi simo. “Wabona ukuthi ububi bomuntu babudlangile emhlabeni futhi konke ukuthambekela kwemicabango yenhliziyo yakhe kukubi ngaso sonke isikhathi.” Ekugcineni, uJehova wababhubhisa abantu ababi kodwa wasindisa uNowa nomkhaya wakhe.—Genesise 6:5; 7:23.
Ingabe nawe uJehova uyokwamukela? Yebo, amehlo kaJehova “aqalaza kuwo wonke umhlaba ukuze abonise amandla akhe ngenxa yalabo abanhliziyo yabo iphelele kuye.” (2 IziKronike 16:9) Maduze nje uzophinde abaqede bonke ababi emhlabeni futhi asindise abanezinhliziyo ezimnene.—IHubo 37:10, 11.