Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 11/15 kk. 4-7
  • Impikiswano Ekuhilelayo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Impikiswano Ekuhilelayo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • “Ngeke Ngiziphuce Ubuqotho Bami”
  • Indlela Inselele Eye Yaphendulwa Ngayo
  • Yini Okumelwe Uyenze?
  • Gwema Ukuziphatha Okubi Kobulili
  • Ukujabulisa UNkulunkulu Kwezinye Izici Zokuphila
  • Ungaphumelela
  • UJobe Wadumisa Igama LikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2009
  • Ubuqotho BukaJobe—Ubani Ongabulingisa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1986
  • Uhilelekile Empikiswaneni Ebalulekile
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Hlala Uqotho!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2019 (Efundwayo)
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 11/15 kk. 4-7

Impikiswano Ekuhilelayo

UNAYE yini umngane noma ilungu lomkhaya osondelene kakhulu nalo? Kuthiwani uma othile ebengakumangalela ngokuthi ulondoloza lobo bungane ngenxa yezifiso zobugovu kuphela? Bekungeke yini kukuphathe kabi, mhlawumbe kukuthukuthelise ngisho nokukuthukuthelisa? Yilokho kanye uSathane uDeveli amangalela ngakho bonke abanobuhlobo obuseduze noJehova uNkulunkulu.

Cabanga ngalokho okwenzeka lapho uSathane ephumelela ukwenza umbhangqwana wokuqala ongabantu, u-Adamu no-Eva, ukuba uphule umthetho kaNkulunkulu futhi uhlanganyele naye ekuvukeleni uNkulunkulu. Ingabe lokho okwenzeka kusho ukuthi abantu bayolalela uJehova kuphela uma ukwenza kanjalo kubazuzisa? (Genesise 3:1-6) Eminyakeni engaba ngu-2 500 ngemva kokuhlubuka kuka-Adamu, uSathane wayivusa le ndaba—kulokhu ngokuqondene nendoda okuthiwa uJobe. Njengoba ukumangalela kukaDeveli kuyiveza kahle impikiswano ehilelekile, ake siyihlolisise le ndaba eseBhayibhelini.

“Ngeke Ngiziphuce Ubuqotho Bami”

UJobe “umuntu ongasoleki futhi oqotho, owesaba uNkulunkulu futhi okugwemayo okubi.” Nokho, uSathane ubheca ubuqotho bukaJobe. Ubuza uJehova: “Ingabe uJobe umesabé ngeze yini uNkulunkulu?” Khona-ke uDeveli ube esehlambalaza uNkulunkulu noJobe ngokumangalela uJehova ngokuthi uthenge ubuqotho bukaJobe ngokumvikela nangokumbusisa. USathane uthi: “Kodwa, ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte konke anakho ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.”—Jobe 1:8-11.

Ukuze kuphenduleke lokhu kumangalelwa, uJehova uvumela uSathane ukuba avivinye uJobe. Ezama ukuyisusa ekukhonzeni uNkulunkulu, uDeveli ulethela le ndoda ethembekile uchungechunge lwezinhlekelele. Yonke imfuyo kaJobe iyebiwa noma ibhujiswe, izikhonzi zakhe ziyabulawa nabantwana bakhe bafe. (Jobe 1:12-19) Kodwa ingabe uSathane uyaphumelela? Phinde! Nakuba engazi ukuthi nguDeveli oyimbangela yovivinyo lwakhe, uJobe uthi: “UJehova uphile, futhi uJehova uthathile. Maliqhubeke lituswa igama likaJehova.”—Jobe 1:21.

Ngemva kwalokho, uSathane uza phambi kukaJehova, othi kuye: “[UJobe] usabambelele ngokuqinile ebuqothweni bakhe, nakuba ungivusa ukuba ngimgwinye ngaphandle kwesizathu.” (Jobe 2:1-3) Impikiswano ebalulekile eyobuqotho bukaJobe—imfanelo efuna umuntu angayekethisi ebuqothweni bakhe kuNkulunkulu futhi anamathele ngokuseduze ekulungeni. Kuze kube manje uJobe usaphumelela kule mpikiswano yobuqotho. Nokho, uDeveli akadeli.

Ngokulandelayo, uSathane ukhuluma amazwi ahlanganisa sonke isintu. Uthi kuJehova: “Isikhumba ngesikhumba, futhi umuntu uyokhipha konke anakho ngenxa yomphefumulo wakhe. Ngiyacela, ake welule isandla sakho, uthinte kuze kufike ethanjeni lakhe nasenyameni yakhe ubone ukuthi ngeke yini akuthuke khona kanye ebusweni bakho.” (Jobe 2:4, 5) Ngokusebenzisa igama elithi “umuntu,” angambizi ngegama uJobe, uDeveli ungabaza ubuqotho babo bonke abantu. Empeleni uthi: ‘Umuntu angenza noma yini ukuze asindise ukuphila kwakhe. Nginike ithuba, futhi ngingahlubula wonke umuntu kuNkulunkulu.’ Ingabe akukho muntu oyohlala eqotho kuNkulunkulu kumnyama kubomvu?

UJehova uvumela uDeveli ukuba enze uJobe aphathwe isifo esibi. UJobe uzwa ubuhlungu obukhulu aze athandazele ukuba afe. (Jobe 2:7; 14:13) Noma kunjalo, uJobe uthi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!” (Jobe 27:5) UJobe usho la mazwi ngoba ethanda uNkulunkulu futhi kungekho lutho olungakushintsha lokho. UJobe uzibonisa eyindoda eqotho. IBhayibheli lithi: “UJehova ngokwakhe . . . wabusisa isiphetho sikaJobe kamuva ngaphezu kwesiqalo sakhe.” (Jobe 42:10-17) Bakhona yini abanye abaye bafana noJobe? Ukuhamba kwesikhathi kuye kwembulani?

Indlela Inselele Eye Yaphendulwa Ngayo

Esahlukweni 11 sencwadi yeBhayibheli yamaHebheru, umphostoli uPawulu ugagula ngamagama amadoda nabesifazane abaningana bezikhathi zangaphambi kobuKristu abahlanganisa uNowa, u-Abrahama, uSara noMose. Umphostoli ube esethi: “Isikhathi sizongishiya uma ngiqhubeka ngilandisa [ngabanye].” (Hebheru 11:32) Lezi zinceku zikaNkulunkulu ezithembekile zaziziningi kangangokuthi uPawulu uzibiza ‘ngefu elikhulu lofakazi,’ ezifanisa nefu elikhulu elimboze isibhakabhaka. (Hebheru 12:1) Yebo, emakhulwini eminyaka kusukela ngaleso sikhathi uquqaba olungenakubalwa lwabantu luye lwasebenzisa inkululeko yalo yokuzikhethela futhi lwakhetha ukuba qotho kuJehova uNkulunkulu.—Joshuwa 24:15.

UJesu Kristu, iNdodana kaNkulunkulu ngokwakhe wanikeza impendulo enhle kakhulu enkulumweni kaSathane yokuthi angahlubula abantu kuJehova. Ngisho nokubulawa kabuhlungu esigxotsheni sokuhlushwa akuzange kumenze aphule ubuqotho bakhe kuNkulunkulu. Lapho uJesu ephefumula okokugcina, wathi: “Baba, ngiyawubeka umoya wami ezandleni zakho.”—Luka 23:46.

Ukuhamba kwesikhathi kubonise ngokusobala ukuthi uDeveli akakwazanga ukuhlubula wonke umuntu ekukhonzeni uNkulunkulu weqiniso. Abantu abangenakubalwa baye bazi uJehova futhi ‘bamthanda ngayo yonke inhliziyo yabo nangawo wonke umphefumulo wabo nangayo yonke ingqondo yabo.’ (Mathewu 22:37) Ubuqotho babo kuJehova obungantengantengi buye babonisa uSathane engumqambimanga kule mpikiswano yobuqotho. Nawe ungambonisa uDeveli ukuthi ungumqambimanga ngokuba ube indoda noma owesifazane oqotho.

Yini Okumelwe Uyenze?

Kuyintando kaNkulunkulu ukuba “zonke izinhlobo zabantu zisindiswe futhi zifinyelele olwazini olunembile lweqiniso.” (1 Thimothewu 2:4) Ungakwenza kanjani lokho? Zinike isikhathi sokutadisha iBhayibheli ‘ungenise ulwazi ngalowo owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nangalowo amthumileyo, uJesu Kristu.’—Johane 17:3.

USathane wabubekela inselele ubuqotho bomuntu ngokungabaza izisusa zakhe zokukhonza uNkulunkulu. Uma ufuna ukuba ulwazi luthonye izisusa zakho, kumelwe lufinyelele inhliziyo yakho. Ukuze kwenzeke lokhu, kudingeka okungaphezu nje kokufuna ulwazi eBhayibhelini. Hlakulela umkhuba wokuzindla ngalokho okufundayo. (IHubo 143:5) Lapho ufunda iBhayibheli noma incwadi esekelwe eBhayibhelini, qiniseka ukuthi uzinika isikhathi sokuzindla ngemibuzo enjengale: ‘Lokhu kungifundisani ngoJehova? Iziphi izimfanelo zikaNkulunkulu engizibona ziboniswe lapha? Kudingeka ngizisebenzise kuziphi izici zokuphila kwami lezi zimfanelo? Iziphi izinto uNkulunkulu azamukelayo noma angazamukeli? Lokho kuyithinta kanjani indlela engizizwa ngayo ngoNkulunkulu?’ Ukuzindla okunjalo kuyokwenza inhliziyo yakho ichichime uthando nokwazisa ngoMdali.

Ukuba qotho kuNkulunkulu akupheleli endabeni yezinkolelo ezingokwenkolo. (1 AmaKhosi 9:4) Ukugcina ubuqotho bakho kuJehova uNkulunkulu kudinga ukuba ube msulwa ngokokuziphatha kuzo zonke izici zokuphila. Nokho, awusoze ulahlekelwe yilutho ngokulondoloza ubuqotho. UJehova ‘unguNkulunkulu ojabulayo,’ futhi ufuna ukujabulele ukuphila. (1 Thimothewu 1:11) Manje cabangela imikhuba ethile okudingeka uyigweme ukuze uhlale uhlanzekile ngokokuziphatha ngaleyo ndlela ujabulele ukuphila okujabulisayo nokwamukelwa uNkulunkulu.

Gwema Ukuziphatha Okubi Kobulili

NguJehova ngokwakhe owabeka isimiso somshado eZwini lakhe, iBhayibheli, esithi: “Indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo babe nyamanye.” (Genesise 2:21-24) Njengoba abangane bomshado ‘sebenyamanye,’ bahlonipha ilungiselelo likaNkulunkulu lomshado uma begcina ubuhlobo bobulili buphakathi kwabo bobabili kuphela. Umphostoli uPawulu wathi: “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.” (Hebheru 13:4) Inkulumo ethi ‘umbhede womshado’ isho ubuhlobo bobulili phakathi kwendoda nowesifazane abashade ngokomthetho. Kuwukuphinga ukuba omunye kubo abe nobuhlobo bobulili nomunye umuntu ongaphandle komshado wabo futhi kungamenza athole isahlulelo esibuhlungu kuNkulunkulu.—Malaki 3:5.

Kuthiwani ngobuhlobo bobulili ngaphambi komshado? Nakho kungqubuzana nezimiso zokuziphatha uJehova azibekile. IBhayibheli lithi: “Yilokhu uNkulunkulu akuthandayo . . . ukuba nidede ebufebeni.” (1 Thesalonika 4:3) Ubungqingili, ukulalana kwezihlobo nokulala nezilwane nakho kuyizono kuNkulunkulu. (Levitikusi 18:6, 23; Roma 1:26, 27) Noma ubani ofuna ukuthokozisa uNkulunkulu futhi abe nokuphila okujabulisa ngempela kumelwe adede kuyo yonke imikhuba yokuziphatha okubi.

Kuthiwani uma abantu beziphatha ngendlela evusa inkanuko ngaphambi komshado? Lo mkhuba awumjabulisi uJehova. (Galathiya 5:19) Ingqondo kumelwe igcinwe ihlanzekile nasekucabangeni imicabango yokuziphatha okubi. UJesu wathi: “Wonke umuntu oqhubeka ebuka owesifazane aze amkhanuke, usephingile naye kakade enhliziyweni yakhe.” (Mathewu 5:28) Lawo mazwi ayasebenza futhi ekubukeni izithombe ezingcolile zobulili kungaba sezincwadini, kuyi-TV noma kuyi-Internet; ekufundeni izindaba ezikhuluma ngezenzo zobulili nasekulaleleni izingoma ezisikisela ubulili. Ukugwema izinto ezinjalo kuyamthokozisa uNkulunkulu futhi kunethonya elihle ekuphileni komuntu.

Kuthiwani ngokuvusela abanye imizwa yothando? Lokhu kuwukwenza sengathi uthanda umuntu othile noma ukuziphatha ngendlela evusa inkanuko yobulili. Uma indoda noma owesifazane oshadile enaka ngaleyo ndlela omunye umuntu angashadile naye kuphambene nezimiso zeBhayibheli futhi kuwuphawu lokungamhloniphi uJehova. (Efesu 5:28-33) Yeka ukuthi kuyinto engafaneleki kanjani ngabantu abangashadile ukuphathana njengezithandani bemane nje bedlala! Kuthiwani uma omunye engakubheki njengomdlalo lokhu? Cabanga ngobuhlungu obungokomzwelo angase abuzwe. Okumelwe futhi kusangulukise yiqiniso lokuthi ukuvusela abanye imizwa yothando kungaholela ekuphingeni noma ebufebeni. Ngakolunye uhlangothi ukuphatha abobulili obuhlukile ngendlela ehlanzekile kuthuthukisa ukuzihlonipha.—1 Thimothewu 5:1, 2.

Ukujabulisa UNkulunkulu Kwezinye Izici Zokuphila

Utshwala butholakala kalula emazweni amaningi. Kubi yini ukuphuza? ImiBhalo ayikwenqabeli ukuphuza iwayini, ubhiya noma ezinye izinhlobo zotshwala ngokulinganisela. (IHubo 104:15; 1 Thimothewu 5:23) Nokho, ukuphuza kakhulu nokudakwa kubi emehlweni kaNkulunkulu. (1 Korinte 5:11-13) Ngokuqinisekile awuthandi ukuba ukuphuza ngokweqile kuwohloze impilo yakho, kuphazamise nokuphila komkhaya wakho.—IzAga 23:20, 21, 29-35.

UJehova ‘unguNkulunkulu weqiniso.’ (IHubo 31:5) IBhayibheli lithi ‘akunakwenzeka ngoNkulunkulu ukuba aqambe amanga.’ (Hebheru 6:18) Uma ufuna ukuvunyelwa uNkulunkulu, uyokugwema ukuqamba amanga. (IzAga 6:16-19; Kolose 3:9, 10) IBhayibheli liyala amaKristu ukuba ‘akhulume iqiniso yilowo nalowo nomakhelwane wakhe.’—Efesu 4:25.

Omunye umkhuba okhona owokugembula. Nakuba abaningi bekuthanda, ukugembula kuwuhlobo lokuhaha, njengoba kuwumzamo wokuthola imali ngokulahlekelwa kwabanye. UJehova akabamukeli labo ‘abahahela inzuzo yokungathembeki.’ (1 Thimothewu 3:8) Khona-ke, uma ufuna ukuthokozisa uJehova uyozigwema zonke izinhlobo zokugembula ezihlanganisa i-lottery, i-bingo nokubheja amahhashi. Uma uzigwema, ungase uthole ukuthi empeleni uba nemali eyanele ukuba ihlangabezane nezidingo zomkhaya wakho.

Ukweba, okuwukuthatha into okungeyona eyakho, kungenye indlela yokuhaha. IBhayibheli lithi: “Ungebi.” (Eksodusi 20:15) Kubi ukuthenga impahla owaziyo ukuthi yebiwe nokuthatha izinto ngaphandle kwemvume. IBhayibheli lithi: “Owebayo makangabe eseba, kodwa kunalokho makasebenze kanzima, enze umsebenzi omuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokuthile kokwabela umuntu oswele.” (Efesu 4:28) Abathanda uJehova benza umsebenzi wabo wosuku ngokwethembeka esikhundleni sokweba isikhathi sabaqashi babo. “[Bafisa] ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Futhi unembeza ohlanzekile ngokuqinisekile wenza umuntu abe nokuthula kwengqondo.

UNkulunkulu umbheka kanjani umuntu onolaka olunobudlova? IBhayibheli liyaxwayisa: “Ungabi nabungane nanoma ubani othambekele entukuthelweni; futhi ungangeni nomuntu onesifuthefuthe sentukuthelo.” (IzAga 22:24) Intukuthelo engalawulwa ngokuvamile iholela ezenzweni zobudlova. (Genesise 4:5-8) Ngokuphathelene nokuziphindiselela, iBhayibheli lithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:17-19) Lapho silandela iseluleko esinjengalesi, ukuphila kwethu kuyoba nokuthula okwengeziwe—futhi lokho kuyokwandisa injabulo yethu.

Ungaphumelela

Ungakwazi yini ukugcina ubuqotho bakho kuNkulunkulu naphezu kwezingcindezi ezifuna wenze okuhlukile? Yebo, ungakwazi. Yazi ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba uphumelele ekubonakaliseni uSathane enamanga empikiswaneni yobuqotho, ngoba iZwi lakhe lithi: “Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule, ukuze ngimphendule ongiklolodelayo.”—IzAga 27:11.

Ungathandaza kuJehova umcele ukuba akuqinise wenze okulungile emehlweni akhe. (Filipi 4:6, 7, 13) Ngakho yenza umzamo wokwandisa ulwazi lwakho lweZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ukuzindla ngokwazisa ngalokho okufundayo eBhayibhelini kuyokusiza ukuba ujulise uthando lwakho ngoNkulunkulu futhi kukushukumisele ukuba umthokozise. Eyoku-1 Johane 5:3 ithi: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe; futhi imiyalo yakhe ayiwona umthwalo.” OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokusiza ukuba utadishe iBhayibheli. Uyacelwa ukuba uzihlanganise nabo noma ubhalele abanyathelisi balo magazini.

[Isithombe ekhasini 4]

UJobe wahlala ethembekile lapho evivinywa

[Isithombe ekhasini 7]

Ukwandisa ulwazi lwakho lweZwi likaNkulunkulu kuyoqinisa ukuzimisela kwakho ukwenza okulungile

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela