Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w06 11/15 k. 3
  • Kungani Kumelwe Senze Okulungile?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kumelwe Senze Okulungile?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
  • Isibonelo Esihle—UPawulu
    Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Abaqotho Baholwa Ubuqotho
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2002
  • Vumela UNkulunkulu Akuqondise “Ekuphileni Kwangempela”
    I-Phaphama!—2007
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
w06 11/15 k. 3

Kungani Kumelwe Senze Okulungile?

ISIFUNDISWA esithile sake sathi: “Amandla okufisa akhona kimi, kodwa amandla okwenza okuhle awekho. Ngoba okuhle engikufisayo angikwenzi, kodwa okubi engingakufisi yikho engikwenza umkhuba.” Kungani le ndoda yakuthola kunzima ukwenza okuhle eyayikufisa? Yachaza: “Khona-ke, ngithola lo mthetho ngokuqondene nami: ukuthi lapho ngifisa ukwenza okuhle, kukhona okubi kimi. Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami.”—Roma 7:18, 19, 21-23.

La mazwi umphostoli uPawulu awaloba eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule, achaza ukuthi kungani ukwenza okulungile kuyinselele kubantu abangaphelele. Ukunamathela ezimisweni ezilungile, ikakhulukazi ngaphansi kwezimo ezivivinyayo, kudinga ubuqotho bangempela. Ngakho senza kahle ngokubuza, Siyini isizathu esibaluleke kunazo zonke sokwenza okulungile?

Cabangela lokho imiBhalo ekushoyo ngekusasa lomuntu oziphatha ngobuqotho. Sifunda lokhu kumaHubo 37:37, 38: “Mbheke ongasoleki futhi ugcine oqotho ephambi kwamehlo akho, ngoba ikusasa lalowo muntu liyoba nokuthula. Kodwa ngokuqinisekile izeqamthetho ziyobhuqwa kanye kanye; ikusasa labantu ababi liyonqanyulwa impela.” IzAga 2:21, 22 zisitshela lokhu: “Ngabaqotho abayohlala emhlabeni, futhi ngabangasoleki abayosala kuwo. Kepha ababi bayonqunywa emhlabeni; abakhohlisayo bona, bayosishulwa kuwo.”

Nakuba lezi zithembiso nezinye ezitholakala eBhayibhelini zisinikeza isisusa sokuphishekela inkambo ethokozisa uNkulunkulu, azisona isizathu esiyinhloko sokwenza kanjalo. Sona sihlobene nempikiswano ehilela isidalwa ngasinye esihlakaniphile. Isihloko esilandelayo sidingida ukuthi iyini leyo mpikiswano nokuthi isithinta kanjani.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela