Ungazitholaphi Izimfundiso Eziyiqiniso?
ETIBET, indoda ijikelezisa isondo lomthandazo, isigubhu esibhalwe imithandazo. Ikholelwa ukuthi izicelo zayo ziyaphindaphindeka ngomjikelezo ngamunye wesondo. Emzini omkhulu eNdiya, kunekamelo elincane okwenziwa kulo i-puja—ukukhulekela okungase kuhlanganise ukunikela ngempepho, ngezimbali nangezinye izinto ezithombeni zonkulunkulu nonkulunkulukazi abahlukahlukene. E-Italy eqhele ngezinkulungwane zamakhilomitha, owesifazane osesontweni elihlotshisiwe uguqa phambi kwesithombe sikaMariya, unina kaJesu, futhi uyathandaza njengoba ebambe irosari.
Mhlawumbe uke wazibonela ngawakho ithonya inkolo enalo ekuphileni kwabantu. “Inkolo . . . iye yaba nendima esemqoka emazweni akuwo wonke umhlaba futhi iyaqhubeka inayo,” kusho incwadi ethi The World’s Religions—Understanding the Living Faiths. Encwadini ethi God—A Brief History, umlobi uJohn Bowker uyaphawula: “Akukaze kube nomphakathi lapho uNkulunkulu engabanga ingxenye yawo, ngokuvamile engumlawuli noMdali wawo. Lokhu kunjalo ngisho nasemiphakathini ekhetha ukungakholelwa kuNkulunkulu.”
Ngempela, inkolo iye yathonya ukuphila kwezigidi zabantu. Ingabe lokhu akubona ubufakazi obuqinile bokuthi umuntu unesidingo esingokomoya futhi unesifiso sokusigcwalisa? Encwadini yakhe ethi The Undiscovered Self, isazi sokusebenza kwengqondo esidumile uDkt. Carl G. Jung sibhekisela esidingweni somuntu sokukhulekela amandla aphakeme futhi sithi “ubufakazi baso bungabonakala kuwo wonke umlando wesintu.”
Nokho, abantu abaningi bathi abakholelwa kuNkulunkulu futhi abanasithakazelo enkolweni. Abanye abangabazayo noma abaphikayo ukuthi uNkulunkulu ukhona ngokuyinhloko benza kanjalo ngenxa yokuthi izinkolo abazijwayele ziye zahluleka ukwanelisa isidingo sabo esingokomoya. Inkolo iye yachazwa ngokuthi “ukuzinikela esimisweni esithile; ukwethembeka ngokuqinile; ukuzinikela; ukusondelana ngokomzwelo noma ukunamathela” kothile noma kokuthile. Ngale ncazelo, cishe wonke umuntu ubonisa uhlobo oluthile lokuzinikela enkolweni. Lokhu kuhlanganisa nabangakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona.
Phakathi nezinkulungwane zeminyaka yomlando wesintu, imizamo yomuntu yokwanelisa isidingo sakhe esingokomoya iye yabangela ukuba azame izinhlobo eziningi zokukhulekela. Umphumela kube ukwahlukana okukhulu kwemibono yezinkolo okutholakala emhlabeni wonke. Ngokwesibonelo, nakuba cishe zonke izinkolo zikhuthaza ukukholelwa emandleni aphakeme, zinemibono eyahlukahlukene ngokuthi angubani la mandla noma ayini. Iningi lezinkolo ligcizelela nokubaluleka kwensindiso noma ukukhululwa. Kodwa izimfundiso zazo ziyahluka ekutheni iyini insindiso futhi itholakala kanjani. Njengoba kunezinkolelo eziningi kangaka ezihlukahlukene, singazibona kanjani izimfundiso eziyiqiniso ezijabulisa uNkulunkulu?