Isici Esikubantu Kuphela
UJodie unebhizinisi lokudayisa izindlu nezindawo zabantu abashonile. Usiza owesifazane othile ukuba ahlele futhi adayise izimpahla zasendlini zikadadewabo oshonile. Ebhekabheka eduze kweziko lokufudumeza indlu, uthola amabhokisi amabili amadala ezinto zokudoba. Uma evula elilodwa lawo, akakukholelwa akubonayo. Kunezitaki zo-$100 ezisongwe nge-foil—isamba esingu-$82 000 (R512 000)! UJodie uyedwa kuleli kamelo. Yini okufanele ayenze? Athathe leli bhokisi azithulele noma alitshele ikhasimende lakhe ukuthi uthole imali?
INKINGA kaJodie igcizelela esinye sezici ezisenza sihluke ezilwaneni. I-World Book Encyclopedia ithi: “Esinye sezici ezikhethekile zomuntu siwukubuza imibuzo enengqondo maqondana nalokho okufanele akwenze noma angakwenzi.” Inja elambile ethola iqatha lenyama etafuleni ngeke icabange ukuthi kufanele yini iyidle le nyama. Nokho, uJodie uyakwazi ukuhlola ukufaneleka kwesinqumo sakhe. Uma eyigcina le mali, uyobe uyeba, kodwa kungenzeka angabanjwa. Le mali akuyona eyakhe; kodwa ikhasimende lakhe alazi ukuthi ikhona. Ngaphezu kwalokho, abantu abaningi emphakathini kaJodie bazothi uyisiphukuphuku uma elinika ikhasimende lakhe le mali.
Ubungenzenjani ukube ubusesimweni sikaJodie? Indlela ophendula ngayo lowo mbuzo incike kakhulu ezimisweni zokuziphatha okhethe ukuphila ngazo.
Kushiwoni Ngezimiso Zokuhle?
“Izimiso zokuhle” ziye zachazwa ngokuthi “isifundo semibuzo maqondana nokuziphatha okuhle nokubi.” (Collins Cobuild English Dictionary) UmBhali u-Eric J. Easton uthi: “Elithi ‘ethics [izimiso zokuhle]’ nelithi ‘morality [ukuziphatha okuhle]’ anomsuka ofanayo. Elokuqala elesiGreki (ethikos) kanti elesibili elesiLatin (moralis), futhi womabili abhekisela egunyeni lesiko.”
Sekuyisikhathi eside inkolo inqumela abantu izimiso zokuhle okufanele baphile ngazo. IZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, liye laba ithonya elinamandla emiphakathini eminingi. Nokho, inani elikhulayo labantu emhlabeni liye lazenqaba izindinganiso ezihlukahlukene zenkolo ngokuthi azinalusizo nokuthi izimiso zokuziphatha zeBhayibheli ziphelelwe yisikhathi. Yini ethathe indawo yazo? Incwadi ethi Ethics in Business Life iphawula ukuthi “ukuhlakanipha kwezwe kuye . . . kwanqoba igunya elalikade lingelenkolo.” Kunokuba baphendukele enkolweni, abaningi bafuna isiqondiso sezazi zezwe zezimiso zokuhle. Isazi sezimiso zokuziphatha uPaul McNeil, sithi: “Ngicabanga ukuthi izazi zezimiso zokuziphatha zingabapristi bezwe. . . . Abantu manje bakhuluma ngezimiso zokuziphatha kunokuba bakhulume ngenkolo.”
Lapho ubhekene nezinqumo ezinzima, ukubona kanjani okulungile kokungalungile? Ingabe izindinganiso zakho zokuziphatha zinqunywa uNkulunkulu noma nguwe?