‘Phatha IZwi LikaNkulunkulu Ngokufanele’
“Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.”—2 THIMOTHEWU 2:15.
1, 2. (a) Kungani izisebenzi zidinga amathuluzi? (b) AmaKristu enza muphi umsebenzi, futhi abonisa kanjani ukuthi afuna uMbuso kuqala?
IZISEBENZI zidinga amathuluzi ukuze zenze umsebenzi wazo. Kodwa ukuba nanoma iliphi ithuluzi nje akwanele. Isisebenzi sidinga ithuluzi elifanele, futhi kumelwe silisebenzise ngendlela efanele. Ngokwesibonelo, uma wakha ishede bese ufuna ukuhlanganisa amapulangwe amabili, ungadinga okungaphezu kwesando nezipikili. Kungadingeka ukwazi nokushayelela isipikili epulangweni singagobi. Ukuzama ukushayelela isipikili epulangweni ube ungakwazi ukusebenzisa isando kungaba nzima kakhulu, kukhungathekise imbala. Kodwa uma amathuluzi siwaphatha ngendlela efanele, ayasisiza sifeze imisebenzi ngokugculisayo.
2 NjengamaKristu, sinomsebenzi okufanele siwenze. Ubaluleke kakhulu lo msebenzi. UJesu Kristu wanxusa abalandeli bakhe ukuba ‘bafune kuqala umbuso.’ (Mathewu 6:33) Singakwenza kanjani lokho? Indlela yokuqala iwukushiseka emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. Enye iwukusekela inkonzo yethu ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu. Eyesithathu iwukuba nokuziphatha okuhle. (Mathewu 24:14; 28:19, 20; IzEnzo 8:25; 1 Petru 2:12) Ukuze siphumelele futhi sijabule kulo msebenzi wobuKristu, sidinga amathuluzi afanelekayo nolwazi lokuthi aphathwa kanjani ngokufanele. Umphostoli uPawulu wabeka isibonelo esivelele kulokhu njengesisebenzi esingumKristu, futhi wakhuthaza amanye amakholwa ukuba amlingise. (1 Korinte 11:1; 15:10) Yini-ke esingayifunda kuPawulu, isisebenzi esikanye naso?
UPawulu—Ummemezeli WoMbuso Oshisekayo
3. Kungani singase sithi umphostoli uPawulu wayeyisisebenzi soMbuso esishisekayo?
3 Wayeyisisebenzi esinjani uPawulu? Wayeshiseka impela. UPawulu wayezikhandla kakhulu, esakaza izindaba ezinhle endaweni enkulu eMedithera. Enikeza isizathu sokumemezela kwakhe uMbuso ngentshiseko, lo mphostoli ongakhathali wathi: “Manje, uma mina ngimemezela izindaba ezinhle, akusona isizathu sokuba ngiziqhayise, ngoba kubekwé isidingo phezu kwami. Empeleni, maye kimi uma ngingazimemezelanga izindaba ezinhle!” (1 Korinte 9:16) Ingabe uPawulu wayekhathalela ukusindisa ukuphila kwakhe kuphela? Cha. Wayengazicabangeli yena yedwa. Kunalokho, wayefisa ukuba nabanye bazuze ezindabeni ezinhle. Wabhala: “Ngenza zonke izinto ngenxa yezindaba ezinhle, ukuze ngibe umhlanganyeli wazo nabanye.”—1 Korinte 9:23.
4. Iliphi ithuluzi izisebenzi ezingamaKristu ezilazisa kakhulu?
4 Umphostoli uPawulu wayeyisisebenzi esizithobile, esasiqaphela ukuthi asinakuthembela emakhonweni aso kuphela. Njengoba nje umbazi edinga isando, noPawulu wayedinga ithuluzi elifanele ukuze agxilise iqiniso likaNkulunkulu ezinhliziyweni zezilaleli zakhe. Iliphi ithuluzi ayelisebenzisa kakhulu? YiZwi likaNkulunkulu, imiBhalo Engcwele. Ngokufanayo, iBhayibheli liyithuluzi eliyinhloko nathi esilisebenzisayo ukuze senze abafundi.
5. Ukuze sibe izikhonzi eziphumelelayo, yini okudingeka siyenze ngaphezu kokucaphuna imiBhalo?
5 UPawulu wayazi ukuthi ukuphatha iZwi likaNkulunkulu ngokufanele kuhilela okungaphezu kokulicaphuna. Wayesebenzisa “ikhono lokukholisa.” (IzEnzo 28:23) Kanjani? UPawulu walisebenzisa ngokuphumelelayo iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe ukuze akholise abaningi bamukele iqiniso loMbuso. Wayebonisana nabo. Izinyanga ezintathu esinagogeni e-Efesu, uPawulu ‘wayenikeza izinkulumo futhi esebenzisa ikhono lokukholisa mayelana nombuso kaNkulunkulu.’ Nakuba ‘abanye bazenza lukhuni futhi bangakholwa,’ abanye balalela. Ngenxa yenkonzo kaPawulu e-Efesu, “izwi likaJehova laqhubeka likhula futhi linqoba.”—IzEnzo 19:8, 9, 20.
6, 7. UPawulu wayikhazimulisa kanjani inkonzo yakhe, futhi thina singakwenza kanjani okufanayo?
6 Njengommemezeli woMbuso oshisekayo, uPawulu ‘wayeyikhazimulisa inkonzo yakhe.’ (Roma 11:13) Kanjani? Wayengafuné kuzigqamisa; kodwa futhi wayengenamahloni ukwaziwa obala njengesinye sezisebenzi ezikanye noNkulunkulu. Kunalokho, wayebheka inkonzo yakhe njengelungelo eliphakeme kunawo wonke. UPawulu wayeliphatha ngobuciko nangokuphumelelayo iZwi likaNkulunkulu. Umsebenzi wakhe okhiqizayo wafaka abanye umdlandla, wabashukumisela ukuba bafeze inkonzo yabo ngokugcwele kakhudlwana. Inkonzo yakhe yakhazinyuliswa nangale ndlela.
7 NjengoPawulu, umsebenzi wethu njengezikhonzi singawukhazimulisa ngokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kaningi nangokuphumelelayo. Kuzo zonke izici zenkonzo yethu yasensimini, umgomo wethu kufanele kube ukuxoxa nabantu abaningi ngangokunokwenzeka ngokuthile okusemiBhalweni. Singakwenza kanjani lokhu ngekhono lokukholisa? Cabanga ngezindlela ezintathu ezibalulekile: (1) Qondisa ukunaka eZwini likaNkulunkulu ngendlela eyenza lihlonishwe. (2) Ngekhono lokungacasuli, chaza lokho iBhayibheli elikushoyo futhi ubonise ukuthi kusebenza kanjani. (3) Bonisana nabantu ngemiBhalo ngendlela ekholisayo.
8. Imaphi amathuluzi okushumayela ngoMbuso esinawo namuhla, futhi wena uye wawasebenzisa kanjani?
8 Abamemezeli boMbuso banamuhla banamathuluzi uPawulu ayengenawo enkonzweni yakhe. Ahlanganisa izincwadi, omagazini, izincwajana, amaphepha ezimemo, amapheshana, namakhasethi alalelwayo nabukelwayo. Ngasekuqaleni kwawo-1900, kwakusetshenziswa namakhadi obufakazi, amagilamafoni, izimoto ezinombhobho, neziteshi zomsakazo. Yebo, ithuluzi lethu eliwadlula wonke yiBhayibheli, futhi kudingeka sivame ukulisebenzisa leli thuluzi elisemqoka, silisebenzise kahle.
Inkonzo Yethu Kumelwe Isekelwe EZwini LikaNkulunkulu
9, 10. Mayelana nokusebenzisa iZwi likaNkulunkulu, yini esingayifunda eselulekweni sikaPawulu kuThimothewu?
9 Singalisebenzisa kanjani iZwi likaNkulunkulu njengethuluzi eliphumelelayo? Ngokulalela la mazwi kaPawulu ayebhekiswe esisebenzini esikanye naye, uThimothewu: “Yenza konke okusemandleni akho ukuba uzinikele wamukeleka kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni ngalutho, esiphatha izwi leqiniso ngokufanele.” (2 Thimothewu 2:15) Yini ehilelekile ‘ekuphatheni izwi leqiniso ngokufanele’?
10 Ngokwezwi nezwi, igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuphatha ngokufanele” lisho “ukusika uqondise” noma “ukucaba indlela eqondile.” EmiBhalweni YamaKristu YesiGreki, lelo gama lisetshenziswe kuphela kulesi siyalo sikaPawulu kuThimothewu. Lingasetshenziswa nalapho kushiwo ukulima uvule umsele oqondile ensimini. Umsele ogwegwile ubuyombangela amahloni impela umlimi ongumakad’ebona. UThimothewu wakhunjuzwa ukuthi ukuze abe “isisebenzi esingenamahloni ngalutho,” kwakuzomelwe angachezuki ezimfundisweni eziyiqiniso zeZwi likaNkulunkulu. UThimothewu kwakungamelwe avumele imibono yakhe siqu ithonye ukufundisa kwakhe. Ukushumayela nokufundisa kwakhe kwakufanele akusekele emiBhalweni kuphela. (2 Thimothewu 4:2-4) Ngale ndlela, abantu abanhliziyo ziqotho babeyoqondiswa babe nombono kaJehova ngezinto, bangamukeli ifilosofi yezwe. (Kolose 2:4, 8) Kunjalo nanamuhla.
Ukuziphatha Kwethu Kumelwe Kube Kuhle
11, 12. Ukuziphatha kwethu kuhlobana kanjani nokuphatha kwethu iZwi likaNkulunkulu ngokufanele?
11 Kumelwe senze okungaphezu kokuphatha iZwi likaNkulunkulu ngendlela eyiyonayona ngokumemezela amaqiniso alo. Ukuziphatha kwethu kumelwe kuvumelane nalo. “Siyizisebenzi ezikanye noNkulunkulu,” ngakho akumelwe sibe izisebenzi ezingabazenzisi. (1 Korinte 3:9) IZwi likaNkulunkulu lithi: “Nokho, ingabe wena ofundisa omunye, awuzifundisi wena? Wena, oshumayela uthi ‘Ungebi,’ ingabe uyeba? Wena, othi ‘Ungaphingi,’ ingabe uyaphinga? Wena, obonakalisa ukwenyanya izithombe, ingabe uphanga amathempeli?” (Roma 2:21, 22) Ngakho-ke, njengezisebenzi zikaNkulunkulu zanamuhla, enye indlela esiphatha ngayo iZwi likaNkulunkulu ngokufanele iwukulalela lesi siyalo salo: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”—IzAga 3:5, 6.
12 Imiphi imiphumela esingayilindela uma siphatha iZwi likaNkulunkulu ngokufanele? Cabanga ngamandla iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe elingaba nawo ekuphileni kwabantu abanhliziyo ziqotho.
IZwi LikaNkulunkulu Linamandla Okuguqula
13. Ukusebenzisa iZwi likaNkulunkulu kungavezani kumuntu?
13 Lapho samukelwa njengesinegunya, isigijimi seZwi likaNkulunkulu siba nethonya elinamandla elisiza abantu benze izinguquko eziphawulekayo ekuphileni kwabo. UPawulu wayelibonile izwi likaNkulunkulu lisebenza futhi wayewubonile nomphumela walo omuhle kulabo abase bengamaKristu eThesalonika lasendulo. Ngakho-ke wabatshela: “Simbonga ngokungaphezi uNkulunkulu, ngoba ngesikhathi namukela izwi likaNkulunkulu, enalizwa ngathi, anilamukelanga njengezwi labantu, kodwa njengezwi likaNkulunkulu, njengoba nje liyilo ngempela, okuyilona elisebenzayo futhi kini nina makholwa.” (1 Thesalonika 2:13) Kulawo maKristu—empeleni, kubo bonke abalandeli bakaKristu—ukucabanga okuwubala kwabantu akunakuqhathaniswa nokuhlakanipha okuphakeme kukaNkulunkulu. (Isaya 55:9) AbaseThesalonika ‘bamukela izwi ngaphansi kosizi olukhulu ngenjabulo yomoya ongcwele,’ baba izibonelo kwamanye amakholwa.—1 Thesalonika 1:5-7.
14, 15. Sinamandla kangakanani isigijimi seZwi likaNkulunkulu, futhi kungani?
14 IZwi likaNkulunkulu linamandla njengoMthombo walo, uJehova. Livela “kuNkulunkulu ophilayo,” okungezwi lakhe “amazulu ngokwawo enziwa,” futhi lelo zwi lihlale ‘liphumelela kulokho elithunyelwe kona.’ (Hebheru 3:12; IHubo 33:6; Isaya 55:11) Esinye isazi seBhayibheli sathi: “UNkulunkulu akazihlukanisi neZwi lakhe. Akaliphiki sengathi liyinto angayazi. . . . Ngakho alilokothi libe into efile, angenandaba nokuthi kwenziwani ngayo; ngoba lihlangene kakhulu noNkulunkulu ophilayo.”
15 Sinamandla kangakanani isigijimi esiseZwini likaNkulunkulu? Sinamandla amakhulu. Ngokufanelekayo, uPawulu wabhala: “Izwi likaNkulunkulu liyaphila, linamandla futhi libukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili, lihlaba kuze kuhlukane umphefumulo nomoya, amalunga nomnkantsha wawo, futhi liyakwazi ukuqonda imicabango nezinhloso zenhliziyo.”—Hebheru 4:12.
16. IZwi likaNkulunkulu lingamshintsha ngokuphelele kangakanani umuntu?
16 Isigijimi esiseZwini likaNkulunkulu elilotshiwe ‘sibukhali kunanoma iyiphi inkemba esika nhlangothi zombili.’ Ngakho, sinamandla amakhulu okusika sijule kangangokuthi sidlula noma isiphi isikhali noma ithuluzi lomuntu. IZwi likaNkulunkulu lihlaba lifinyelele izibilini zomuntu futhi lingamshintsha ngaphakathi, lithonye indlela acabanga ngayo nalokho akuthandayo, limenze abe isisebenzi esamukelekayo nesesaba uNkulunkulu. Yeka amandla ethuluzi!
17. Chaza amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu.
17 IZwi likaNkulunkulu lidalula lokho umuntu ayikho ngempela ekujuleni, kungekhona lokho acabanga ukuthi uyikho noma lokho avumela abanye bakubone. (1 Samuweli 16:7) Ngisho nomuntu omubi angase ngezinye izikhathi afihle ubuyena ngesigubuzelo sokuba onomusa noma okholiwe. Ababi bazenza abangekhona ngezizathu ezimbi. Abantu abaqhoshayo bazenza abathobekile bebe belangazelela ukuzwa abantu bebadumisa. Nokho, ngokudalula lokho okusenhliziyweni ngempela, iZwi likaNkulunkulu lingamshukumisa ngendlela enamandla umuntu othobekile, limenze ahlubule ubuntu obudala ‘agqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu ngokulunga kweqiniso nokuthembeka.’ (Efesu 4:22-24) Izimfundiso zeZwi likaNkulunkulu zingashintsha nalabo abanamahloni babe oFakazi BakaJehova abanesibindi nabamemezeli boMbuso abashisekayo.—Jeremiya 1:6-9.
18, 19. Ngokusekelwe kulezi zigaba noma kokuhlangenwe nakho kwakho kwasensimini, bonisa indlela iqiniso leBhayibheli elingashintsha ngayo isimo sengqondo somuntu.
18 Amandla aguqulayo eZwi likaNkulunkulu anethonya elihle kubantu kuyo yonke indawo. Ngokwesibonelo, abamemezeli boMbuso ePhnom Penh, eCambodia, babeshumayela kabili ngenyanga esifundazweni saseKompong Cham. Ngemva kokuzwa abanye babefundisi bekhuluma kabi ngoFakazi BakaJehova, umfundisi wendawo (ongowesifazane) wahlela ukuhlangana noFakazi lapho bephinda befika kulesi sifundazwe. Wabahloma inqwaba yemibuzo ngokugujwa kwamaholide wabalalelisisa lapho bebonisana naye ngemiBhalo. Wabe esebabaza: “Sengiyazi manje ukuthi lokho okwakushiwo abefundisi esikanye nabo ngani akulona iqiniso! Bathi nina anilisebenzisi iBhayibheli, kodwa kusukela siqalile ukuxoxa nisebenzisa lona lodwa!”
19 Lona wesifazane waqhubeka exoxa noFakazi ngeBhayibheli wangazivumela izinsongo zokumyekisa ubufundisi ukuba zimenze ayeke. Wakhuluma nomngane ngezingxoxo zakhe zemiBhalo, umngane wayeseqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi. Lo mngane wakushisekela lokho ayekufunda kangangokuthi kwenye yezinkonzo zesonto asonta kulo wathi, “Hambani niyofunda iBhayibheli noFakazi BakaJehova!” Ngokushesha ngemva kwalokho, lona owayekade engumfundisi kanye nabanye nabo baqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova.
20. Okuhlangenwe nakho kowesifazane waseGhana kuwabonisa kanjani amandla eZwi likaNkulunkulu?
20 Amandla eZwi likaNkulunkulu abonakala nasendabeni kaPaulina, owesifazane waseGhana. Ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele wayemqhubela isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.a UPaulina wayeshadele esithenjini, wayesebona ukuthi kudingeka enze izinguquko, kodwa umyeni wakhe nazo zonke izihlobo zakhe bamphikisa ngesankahlu. Umkhulu wakhe, oyijaji lenkantolo ephakeme nesikhulu sesonto, wazama ukumvimba waze wasebenzisa noMathewu 19:4-6 ngokungeyikho. Leli jaji lalizwakala linegunya, kodwa uPaulina washeshe wabona ukuthi lokhu kwakufuze ukusonta kukaSathane imiBhalo lapho elinga uJesu Kristu. (Mathewu 4:5-7) Wayewakhumbula amazwi kaJesu acacile ngomshado, athi uNkulunkulu wadala owesilisa nowesifazane, hhayi owesilisa nabesifazane, futhi laba ababili, hhayi abathathu, kwakufanele babe nyamanye. Wanamathela esinqumweni sakhe futhi ekugcineni wavunyelwa ukufaka isehlukaniso esiyisiko sokuphuma esithenjini. Ngokushesha, wayesengummemezeli woMbuso ojabulayo obhapathiziwe.
Qhubeka Uliphatha Ngokufanele IZwi LikaNkulunkulu
21, 22. (a) Yini esifuna ukuzimisela ukuyenza njengabamemezeli boMbuso? (b) Yini esizoyihlola esihlokweni esilandelayo?
21 IZwi likaNkulunkulu elilotshiwe liyithuluzi elinamandla ngempela okufanele silisebenzise ekusizeni abanye benze izinguquko ekuphileni kwabo ukuze basondele kuJehova. (Jakobe 4:8) Njengoba nje izisebenzi ezinekhono zisebenzisa amathuluzi ukuze zithole imiphumela emihle, kwangathi nathi singazimisela ukuzikhandla ukuze silisebenzise ngobuciko iZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli, emsebenzini asinike wona njengabamemezeli boMbuso.
22 Singayisebenzisa kanjani imiBhalo ngokuphumelela kakhudlwana emsebenzini wethu wokwenza abafundi? Enye indlela iwukuthuthukisa amakhono ethu njengabafundisi abakholisayo. Sicela ubheke isihloko esilandelayo, ngoba sisikisela izindlela zokufundisa nokusiza abanye ukuba bamukele isigijimi soMbuso.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
Uyakhumbula?
• Imaphi amathuluzi abamemezeli boMbuso abangawathola?
• Iziphi izindlela uPawulu ayeyisibonelo ngazo njengesisebenzi soMbuso?
• Yini ehilelekile ekuphatheni iZwi likaNkulunkulu ngokufanele?
• IZwi likaJehova elilotshiwe liyithuluzi elinamandla kangakanani?
[Izithombe ekhasini 10]
Amanye amathuluzi amaKristu awasebenzisayo emsebenzini wokumemezela uMbuso