Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 10/1 k. 29
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka (Efundwayo)—2020
  • UBhapathizo
    Ukubonisana NgemiBhalo
  • “Abafileyo Bayovuswa”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Ithemba Lovuko Linamandla
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka—2000
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 10/1 k. 29

Imibuzo Evela Kubafundi

Kusho ukuthini ukubhapathizelwa abafileyo?

Lapho ebhala ngovuko lwasezulwini, umphostoli uPawulu wabhala indima ethakazelisa kakhulu. EBhayibhelini lesiZulu elivamile, sifunda ukuthi: “Pho‚ bayakwenze-njani ababhapathizelwa abafileyo na? Uma abafileyo bengavuki nempela‚ babhapathizelwani ngenxa yabo na?” kanti i-New Jerusalem Bible iyihumusha kanje le ndima: “Iyini injongo yalabo ababhapathizwa ngenxa yabafileyo? Uma abafileyo bengavuswa nhlobo, kusiza ngani ukubhapathizwa ngenxa yabo?”—1 Korinte 15:29.

Ingabe lapha uPawulu wayesikisela ukuthi abantu abaphilayo kumelwe babhapathizelwe labo abafa bengabhapathizwanga? Ngokwalezi zinguqulo zeBhayibheli kanye nezinye kungabonakala kunjalo. Nokho, ukuhlolisisa imiBhalo kanye nesiGreki sokuqala uPawulu asisebenzisa kusenza sifinyelele esinye isiphetho. UPawulu wayesho ukuthi amaKristu agcotshiwe abhapathizelwa, noma acwiliselwa, ukuba aphile ukuphila okuyogcina ngokuthi afe egcine ubuqotho njengoKristu. Ngemva kwalokho, ayovuselwa ekuphileni komoya njengaye.

ImiBhalo iyayisekela le ncazelo. Encwadini yakhe ayibhalela abaseRoma, uPawulu wabhala wathi: “Anazi yini ukuthi sonke esabhapathizelwa kuKristu Jesu sabhapathizelwa ekufeni kwakhe?” (Roma 6:3) Encwadini yakhe ayibhalela abaseFilipi, uPawulu wakhuluma ngaye ngokwakhe wathi: ‘Ngihlanganyela ezinhluphekweni [zikaKristu], ngizithoba ekufeni okunjengokwakhe, ukuze ngibone ukuthi ngingefinyelele yini nganoma iyiphi indlela ekuvukeni kokuqala kwelabafileyo.’ (Filipi 3:10, 11) UPawulu wayeveza ukuthi ukuphila komlandeli kaKristu ogcotshiwe kuhilela inkambo yokugcina ubuqotho ngaphansi kovivinyo, ukubhekana nokufa nsuku zonke futhi ekugcineni, ukufa egcine ubuqotho, okulandelwa ukuvukela ezulwini.

Kuyaphawuleka ukuthi le miBhalo kanye neminye ekhuluma ngokuqondile ngokufa nangababhapathiziwe ikhuluma ngabantu abaphilayo abasebebhapathiziwe hhayi ngalabo abasebefile. UPawulu wathi futhi kumaKristu ayekanye nawo: “Nangcwatshwa kanye naye obhapathizweni lwakhe, nangobuhlobo naye navuswa futhi kanye naye ngokholo lwenu ekusebenzeni kukaNkulunkulu, owamvusa kwabafileyo.”—Kolose 2:12.

Igama lesiGreki elithi hy·perʹ, elihunyushwe ngokuthi “[ababhapathiz]elwa” noma ngokuthi “ngenxa yabo” ezinguqulweni ezahlukahlukene zeBhayibheli kweyoku-1 Korinte 15:29, lingasho futhi ukuthi “ngenjongo yokuba.” Ngakho, ngokuvumelana neminye imibhalo yeBhayibheli, INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele ilihumusha kahle leli vesi ngokuthi: “Bayokwenzenjani labo ababhapathizwa ngenjongo yokuba abafileyo? Uma abafileyo bengeke bavuswe nhlobo, kungani futhi bebhapathizwa ngenjongo yokuba ngabanjalo?”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela