Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 10/1 kk. 30-31
  • Indaba Eyakha Ukholo Nesibindi—OFakazi BakaJehova E-Ukraine

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indaba Eyakha Ukholo Nesibindi—OFakazi BakaJehova E-Ukraine
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 10/1 kk. 30-31

Indaba Eyakha Ukholo Nesibindi—OFakazi BakaJehova E-Ukraine

NJENGOBA nje amaKristu ekhulu lokuqala ashushiswa, nabantu bakaNkulunkulu namuhla baye bashushiswa. (Mathewu 10:22; Johane 15:20) Zimbalwa izindawo eziye zaba noshushiso olwadonsa noma olwashuba njengolwase-Ukraine, lapho umsebenzi wokushumayela ngoMbuso wawuvinjelwe khona iminyaka engu-52.

INcwadi Yonyaka YoFakazi BakaJehova Ka-2002 yaxoxa indaba yabantu bakaNkulunkulu kulelo zwe. Yindaba ebonisa ukholo, isibindi, namandla naphezu kosizi olubanga umunyu. Nawa amanye amazwi okwazisa atholwa yihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lase-Ukraine:

“Sengiqedile ukufunda INcwadi Yonyaka Ka-2002. Kuthe uma ngifunda ngomsebenzi wenu e-Ukraine, kwala, ngakhala. Ngicela ukunitshela ukuthi isibonelo senu sentshiseko nokholo oluqinile singikhuthaze kakhulu. Ngiyaziqhenya ngokuba semkhayeni owodwa nani ngokomoya. Nginibonga ngayo yonke inhliziyo yami!”—u-Andrée, eFrance.

“Awekho amazwi angachaza indlela enginibonga ngayo nina noJehova nge-Ncwadi Yonyaka Ka-2002. Ngakufunda kugeleza izinyembezi okuhlangenwe nakho okuningi kwabafowethu abachitha okuyiyona minyaka engcono yokuphila kwabo besemajele nasemakamu okuhlushwa. Ngiyasihlonipha isibindi sabo. Nakuba ngineminyaka engu-27 nginguFakazi, ngisengafunda kulaba bafowethu nodadewethu. Baqinisé ukholo lwami kuBaba wethu osezulwini, uJehova.”—uVera, endaweni eyayiyiYugoslavia.

“Le ncwadi ngiyibhala ngenjabulo ngenxa yesibonelo senu esihle sokukhuthazela nokwethembeka kuyo yonke leya minyaka yokuphikiswa. Ukwethembela kwenu ngokuphelele kuJehova nokuzimisela kwenu ukuhlala nithembekile kunilethela udumo. Ngaphezu kwalokho, ukuthobeka kwenu naphezu kovivinyo kungenza ngiqiniseke nakakhulu ukuthi uJehova akabashiyi abantu bakhe. Ngenxa yesibonelo senu esihle sesibindi, ukuphikelela, nokukhuthazela, sizamukela kalula izinkingana zethu.”—uTuteirihia, eFrench Polynesia.

“Ngemva kokufunda INcwadi Yonyaka, angikwazanga ukuthula nginganibhaleli. Kwangithinta kakhulu konke lokhu okuhlangenwe nakho okuqinisayo. Ngazizwa ngiziqhenya ngokuba yilungu lale nhlangano ethembekile nenobunye, eholwa uBaba onothando nokhathalelayo, osinika amandla ngesikhathi esifanele. Kwangidabukisa ukuthi izinceku zikaJehova eziqotho eziningi kangaka zahlupheka kangaka zaze zafa nokufa. Kodwa futhi ngazizwa ngijabula ngoba ngenxa yesibindi nentshiseko yazo, abantu abaningi kakhulu bathola iqiniso bazi uBaba wethu onothando.”—uColette, eNetherlands.

“Mina nomkami asikwazanga ukuhlala singanibhaleli sinitshele ukuthi izinhliziyo zethu zithintekile lapho sifunda indaba yase-Ukraine e-Ncwadini Yonyaka. Bazalwane abathembekile, niye nabeka isibonelo esivelele sokukhuthazela ebunzimeni obudonsayo futhi obukhulu. Ngokuvumelana namazwi ezAga 27:11, kumelwe ukuba uJehova akeve ejabula ukwazi ukuthi baningi kangaka abazalwane abathembekile e-Ukraine abaye bagcina ubuqotho obungenakwephulwa naphezu kwazo zonke izenzo ezimbi zikaDeveli.”—u-Alan, e-Australia.

“Ngafikelwa izinyembezi lapho ngifunda ngabazalwane base-Ukraine. Ziningi izinto abazikhuthazelela—iminyaka ngeminyaka bevalelwa emajele, behlukunyezwa, becindezelwe, futhi behlukanisiwe nabakubo. Ngithanda ukutshela bonke abazalwane abasakhonza emabandleni enu ukuthi angive ngibathanda futhi ngibahlonipha. Isibindi nobuqotho babo kungijabulise kakhulu. Ngiyazi lapho bewathola khona amandla abo, bawathola emoyeni kaJehova. UJehova useduze nathi, futhi ufuna ukusisiza.”—uSergei, eRussia.

“INcwadi Yonyaka Ka-2002 ngiyifunde ngakhala. Odadewethu nabafowethu abaningi ebandleni lethu bakhuluma ngani. Anive niyigugu. Ngijabula kabi ngokuba yingxenye yomkhaya omkhulu ongokomoya onjena.”—uYeunhee, eSouth Korea.

“Ingithinte kakhulu indaba yokholo lwenu, ukukhuthazela, nothando olungaxegi ngoJehova noMbuso wakhe. Ngezinye izikhathi asiyazisi inkululeko esinayo nenala yokudla okungokomoya uJehova asinika kona. Kodwa nina anibanga njalo. Isibonelo senu sokholo sisisiza sibone ukuthi uma sinobuhlobo obuseduze noNkulunkulu wethu, uyosinika amandla okubhekana nazo zonke izinhlobo zovivinyo.”—uPaulo, eBrazil.

“Ngibe nelungelo lokufunda okuhlangenwe nakho kwenu e-Ncwadini Yonyaka Ka-2002. Kungithinte kakhulu, ikakhulu okuhlangenwe nakho okubanga umunyu kukaDade Lydia Kurdas. Ngizizwe ngisondelene nalo dade.”—uNidia, eCosta Rica.

“Namuhla ngiqedile ukufunda INcwadi Yonyaka Ka-2002. Lapho ngiyifunda, ukholo lwami kuJehova luye lwaqina. Into engingasoze ngayikhohlwa yindaba yangesikhathi kufakwa umoya wokungabaza abaholayo. Ingifundise ukuthi ngingalokothi ngibangabaze abazalwane abaholayo. Angive ngibonga! Lokhu kudla okungokomoya kuqinisa inhliziyo futhi kusilungiselela isikhathi lapho ukholo lwethu lungase luvivinywe.”—uLeticia, e-United States.

“Siyabonga nge-Ncwadi Yonyaka enhle kangaka. Abamemezeli abaningi bebeqala ukufunda ngomsebenzi wabafowethu e-Ukraine. Kubaqinisile abazalwane balapha. Abaningi, ikakhulu abasebancane, baye bandisa inkonzo yabo. Abanye baye baqala ukukhonza njengamaphayona avamile noma asizayo. Izindaba zabazalwane nodade ababekhonza uJehova lapho umsebenzi uvinjelwe zikhuthaze wonke umuntu.”—Ikomiti yenkonzo yebandla, e-Ukraine.

Ukwethembeka kwabafowethu e-Ukraine kuye kwaba umthombo wesikhuthazo ngempela kubantu bakaJehova emhlabeni wonke. Empeleni, ukuzifunda njalo izindaba ezenamisa inhliziyo eziba se-Ncwadini Yonyaka unyaka ngamunye kuyindlela enhle yokuqinisa ukholo nokukhuthazela kwethu kulezi zikhathi ezibalulekile.—Hebheru 12:1.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela