Imibuzo Evela Kubafundi
Uma umKristu ezwa amazwi, ingabe lokho kusho ukuthi uhlaselwa amademoni?
Cha. Nakuba kubikwa ukuthi amademoni aye azibonakalisa ngaleyo ndlela, abantu abaningi abezwa amazwi noma ababa nemizwa ephazamisayo engachazeki kuye kwathi uma behlolwa kwatholakala ukuthi bayagula.
Ngisho nasekhulwini lokuqala, kubonakala sengathi kwakuqashelwa ukuthi ukuhlasela kwamademoni nokugula ngezinye izikhathi kuveza imiphumela efanayo. KuMathewu 17:14-18, sifunda ngomfana owaphulukiswa nguJesu. Nakuba lo mfana ayebonisa izimpawu ezinamandla zesithuthwane, empeleni ukugula kwakhe kwakubangelwa yidemoni. Nokho, esikhathini esingaphambi kwalokho lapho izixuku zabantu abagulayo zilethwa kuJesu ukuze aziphulukise, zazihlanganisa “abakhwelwe amademoni nabanesithuthwane.” (Mathewu 4:24) Khona-ke kubonakala sengathi kwakuqapheleka ukuthi abanye ababenesithuthwane babengakhwelwe amademoni. Izinkinga zabo zaziphathelene nokugula.
Kubikwa ukuthi abanye kwabaphethwe i-schizophrenia, isifo ngokuvamile esilaphekayo ngemithi yokwelapha, bezwa amazwi noma kubonakale izimpawu ezithile ezingase zibe yindida.a Okunye ukugula kungase kubangele ukudideka kwengqondo okwenza ukuba abanye benze iphutha lokucabanga ukuthi kubangelwa amademoni. Ngakho-ke, nakuba lowo obika ukuthi uzwa amazwi noma onemizwa ephazamisayo engase angafuni ukukuphika ukuhlukumeza kwamademoni, kufanele akhuthazwe noma kanjani ukuba acabangele ukuhlola ukuthi lokho abhekene nakho akubangelwa yini ukugula okuthile.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka isihloko esithi “Ukudalula Imfihlo Yesifo Sengqondo,” kuyi-Phaphama! ka-September 8, 1986, umagazini ongumngane we-Nqabayokulinda.