Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 5/1 k. 32
  • “Yibani Nonembeza Omuhle”

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • “Yibani Nonembeza Omuhle”
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 5/1 k. 32

“Yibani Nonembeza Omuhle”

ISELULEKO esivame ukushiwo yilesi, “Lalela unembeza wakho.” Kodwa ukuze unembeza wethu ube umqondisi onokwethenjelwa, udinga ukuqeqeshwa kahle ukuze wazi okulungile nokungalungile, futhi kumelwe sikunake ukuhola kwawo.

Cabanga ngendaba yendoda okuthiwa uZakewu, njengoba ilandiswe eBhayibhelini. UZakewu, owayehlala eJeriko, wayengumthelisi omkhulu futhi eyindoda ecebile. Engaphoqwe muntu wavuma ngokwakhe ukuthi ingcebo yakhe wayeyithole ngobuqola—umkhuba ngokuqinisekile owawulimaza abanye. Ingabe unembeza kaZakewu wamhlupha ngezenzo zakhe ezingalungile? Uma kunjalo, kusobala ukuthi wayengawunaki.—Luka 19:1-7.

Nokho, kwaphakama isimo esabangela ukuba uZakewu ayibheke ngamanye amehlo inkambo yakhe. UJesu wafika eJeriko. UZakewu omfushane wayefuna ukumbona, kodwa wayengenakukwazi ngenxa yesixuku. Ngakho wagijimela phambili wakhwela emthini ukuze abone kahle. Ehlatshwe umxhwele yisithakazelo sikaZakewu esijulile, uJesu wamtshela ukuthi uzomvakashela emzini wakhe. UZakewu wasamukela ngenjabulo isimenywa sakhe esikhethekile.

Lokho uZakewu akubona nakuzwa ngesikhathi enoJesu kwamthinta inhliziyo futhi kwamshukumisela ukuba ashintshe izindlela zakhe. Wamemezela: “Bheka! Ingxenye yokungokwami, Nkosi, ngiyipha abampofu, futhi noma yini engayiphanga kunoma ubani ngokumbeka icala lamanga ngiyibuyisela iphindwe kane.”—Luka 19:8.

Unembeza kaZakewu wawuqeqeshiwe, futhi wayewulalela enza lokho omtshela kona. Imiphumela yaba mihle kakhulu. Cabanga nje ukuthi uZakewu wazizwa kanjani lapho uJesu ethi: “Namuhla insindiso ifikile kule ndlu!”—Luka 19:9.

Yeka isibonelo esikhuthazayo! Sibonisa ukuthi ngisho noma besiphishekela yiphi inkambo ngaphambili, singashintsha. NjengoZakewu, singalalela amazwi kaJesu—alotshwe eBhayibhelini—bese siqonda umahluko phakathi kokulungile nokungalungile. Khona-ke, njengoba umphostoli uPetru akhuthaza, ‘singaba nonembeza omuhle.’ Singawulalela unembeza wethu oqeqeshiwe futhi senze okulungile.—1 Petru 3:16.

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela