Ungazitholaphi Izindinganiso Zenkolo Eziyiqiniso?
“UMA uzokhetha inkolo ngenxa nje yokuthi iyinkolo yasekhaya, pho kungani ungakhethi inkolo yamaCelt eyayiqhutshwa okhokho bethu eminyakeni engu-2 000 edlule?” kubuza uRodolphe ngezwi elinokubhuqa. Lokhu kwamhlekisa kancane umfana ayekhuluma naye.
URodolphe uthi: “Ubuhlobo bami noNkulunkulu bubaluleke kakhulu kimi. Angivumelani neze nombono wokuthi izinkolelo zami zenkolo kumelwe zinqunywe ukuthi nje okhokho bami ababephila emashumini eminyaka, ngisho nasemakhulwini eminyaka adlule babekuyiphi inkolo.” URodolphe wazihlola kahle izinto; le ndaba ebalulekile akazange ayibheke njengento nje eyifa lakhe.
Nakuba namuhla ukudluliselwa kwenkolo esizukulwaneni esilandelayo sekunciphile, abaningi basanamathele enkolweni yasekhaya. Kodwa ingabe kulungile ngaso sonke isikhathi ukuba umuntu anamathele ezindinganisweni zenkolo yabazali bakhe? Lithini iBhayibheli?
Ngemva kweminyaka engu-40 esehlane, uJoshuwa, owalandela uMose esikhundleni, wakhethisa ama-Israyeli wathi: “Manje uma kukubi emehlweni enu ukukhonza uJehova, zikhetheleni namuhla ukuthi nizokhonza bani, noma onkulunkulu ababebakhonza okhokho benu ababengaphesheya koMfula noma onkulunkulu bama-Amori enihlala ezweni labo. Kepha mina nendlu yami, sizokhonza uJehova.”—Joshuwa 24:15.
Omunye wokhokho uJoshuwa akhuluma ngaye kwakunguThera, uyise ka-Abrahama, owayehlala emzini wase-Uri, ngaleso sikhathi owawusempumalanga yoMfula i-Ewufrathe. IBhayibheli alisitsheli okungakanani ngoThera, ngaphandle kokuthi wayekhulekela abanye onkulunkulu. (Joshuwa 24:2) U-Abrahama indodana yakhe, wayezimisele ukushiya umuzi wakubo lapho uJehova emyala ukuba enze kanjalo, nakuba ayengenalo ulwazi olugcwele ngezinjongo zikaNkulunkulu. Yebo, u-Abrahama wakhetha inkolo ehlukile kwekayise. Ngokwenza kanjalo u-Abrahama wathola izibusiso uNkulunkulu ayemthembise zona, futhi waba umuntu izinkolo eziningi ezimbheka ‘njengoyise wabo bonke abakholelwa kuNkulunkulu.’—Roma 4:11, Today’s English Version.
IBhayibheli futhi liyilandisa ngombono omuhle indaba kaRuthe, ukhokho kaJesu Kristu. URuthe, owesifazane wakwaMowabi owayeshade nomIsrayeli, waba umfelokazi kwase kudingeka ukuba akhethe phakathi kokuhlala ezweni lakubo nokubuyela kwa-Israyeli kanye noninazala. Eqaphela ukuthi ukukhulekela uJehova kuphakeme uma kuqhathaniswa nokukhulekela izithombe okwakwenziwa abazali bakhe, uRuthe wathi kuninazala: “Abantu bakini bazoba ngabantu bakithi, noNkulunkulu wakho abe nguNkulunkulu wami.”—Ruthe 1:16, 17.
Lapho ikhuluma ngokufaneleka kokuba lo mlando ube sohlwini lwezincwadi zeBhayibheli, i-Dictionnaire de la Bible ithi le ndaba ibonisa indlela “umuntu wesifazane wakwelinye izwe, ozalelwe esizweni esingamaqaba esasizondwa ngu-Israyeli, . . . aba ngayo, ngomusa kaJehova, ngukhokho wenkosi engcwele uDavide ngenxa yothando lwakhe ngesizwe sikaJehova nokukhulekelwa kwakhe.” Kodwa uRuthe akangabazanga ukukhetha inkolo ehlukile kweyabazali bakhe, futhi ngenxa yaleso sinqumo, wabusiswa uNkulunkulu.
Indaba elandisa ukuqala kobuKristu izibeka ngokucacile izizathu zokuba abafundi bakaJesu bashiye inkolo yokhokho babo. Enkulumweni ekholisayo, umphostoli uPetru wanxusa izilaleli zakhe ukuba ‘zisindiswe kulesi sizukulwane esigwegwile’ ngokuba ziphenduke ezonweni zazo futhi zibhapathizwe egameni likaJesu Kristu. (IzEnzo 2:37-41) Esinye sezibonelo eziphawuleka kakhulu yisibonelo sikaSawulu, umJuda owayeshushisa amaKristu. Esendleleni eya eDamaseku, wabona umbono ngoKristu, okwathi ngemva kwawo uSawulu waba umKristu waziwa ngokuthi umphostoli uPawulu.—IzEnzo 9:1-9.
KumaKristu amaningi okuqala akwenzekanga into emangalisa njengaleyo. Noma kunjalo, wonke kwadingeka ashiye ubuJuda noma ukukhulekela onkulunkulu abahlukahlukene bamaqaba. Labo abamukela ubuKristu babamukela bewazi kahle amaqiniso, ngokuvamile ngemva kwezingxoxo ezinde mayelana nendima kaJesu njengoMesiya. (IzEnzo 8:26-40; 13:16-43; 17:22-34) Lawo maKristu okuqala atshelwa ngokucacile ngesidingo sokwenza izinguquko ekuphileni kwawo. Isimemo sasiya kubo bonke, kumaJuda nakwabangewona amaJuda, kodwa esasikusho kwakufana. Ukuze umuntu ajabulise uNkulunkulu, kwakudingeka alandele indlela entsha yokukhulekela, eyobuKristu.
Ukukhetha Okubhekene Nathi
Kwakudinga isibindi ngempela ekhulwini lokuqala ukuba umuntu alahle amasiko enkolo yakubo—ubuJuda, ukukhulekela umbuso, noma onkulunkulu bamaqaba—alandele inkolo eyayihlekwa usulu ngamaJuda namaRoma. Lesi senzo ngokushesha saholela oshushisweni olunonya. Namuhla, kudinga isibindi esifanayo ukwenqaba “ukubanjwa yilo moya owandile wokuvumelana neningi,” njengoba ekubeka kanjalo uHippolyte Simon umbhishobhi ongumKatolika waseClermont-Ferrand, encwadini yakhe ethi Vers une France païenne? (Ingabe IFrance Iphishekela Ubuqaba?) Kudinga isibindi ukuba yingxenye yenkolo encane, ngezinye izikhathi egxekwayo, yoFakazi BakaJehova.
UPaul, insizwa esencane yaseBastia Corsica, owakhuliselwa enkolweni yamaKatolika, ngezinye izikhathi wayehlanganyela emisebenzini yesonto, enjengokuthengisa amakhekhe ukuze kwenziwe imali yenhlangano yamaKatolika yokusiza umphakathi. Njengoba ayefuna ukuliqonda kangcono iBhayibheli, wavuma ukuba nezingxoxo eziqhubekayo noFakazi BakaJehova. Ngokuhamba kwesikhathi waqaphela ukuthi lokho ayekufunda kwakuzomlethela izinzuzo ezihlala njalo. Ngakho uPaul wazamukela izindinganiso zeBhayibheli waba omunye woFakazi BakaJehova. Abazali bakhe bakuhlonipha ukukhetha kwakhe, okungabuphazamisanga ubuhlobo babo bomkhaya obusondelene.
U-Amélie uhlala eningizimu yeFrance. Sekuyizizukulwane ezine umkhaya wakubo ungoFakazi BakaJehova. Kungani akhetha ukwamukela izindinganiso zenkolo yabazali bakhe? Uthi: “Awubi omunye woFakazi BakaJehova ngenxa yokuthi abazali bakho bangoFakazi BakaJehova noma ugogo nomkhulu wakho babeyibo. Kunalokho kuhamba kuhambe uthi, ‘Yinkolo yami ngoba lezi zinto ngiyazikholelwa.’” Njengentsha eningi engoFakazi BakaJehova, u-Amélie uyazi ukuthi izinkolelo zakhe zenkolo eziqinile zimenza abe nenjongo ekuphileni futhi zimnika injabulo engeke iphele.
Okwenza Kufaneleke Ukuba Wamukele Izindinganiso ZikaNkulunkulu
Incwadi yezAga, isahluko 6, ivesi 20, ibakhuthaza kanje labo abafuna ukujabulisa uNkulunkulu: “O ndodana yami, gcina umyalo kayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.” Kunokuba sikhuthaze ukulalela ngaphandle kokuhlolisisa, lesi seluleko sinxusa intsha ukuba yamukele izindinganiso zikaNkulunkulu ngokujulisa ukholo lwayo nangokuba izimele ngokwayo ohlangothini lukaNkulunkulu. Umphostoli uPawulu wacela ayekholwa nabo ukuba ‘baqiniseke ngazo zonke izinto,’ ukuba bahlole ukuthi lokho ababekufundiswa kwakuvumelana yini neZwi likaNkulunkulu nentando yaKhe, bese benza ngokuvumelana nakho.—1 Thesalonika 5:21.
Kungakhathaliseki ukuthi bakhuliselwe ekhayeni lamaKristu noma cha, oFakazi BakaJehova abangaphezu kwezigidi eziyisithupha, abasha nabadala, banqume kanjalo. Ngokutadisha iBhayibheli ngokucophelela, baye bathola izimpendulo eziyiqiniso zemibuzo yabo ngenjongo yokuphila futhi bayiqonda kahle injongo kaNkulunkulu ngesintu. Lapho bethola lolu lwazi bamukela izindinganiso zikaNkulunkulu futhi benza konke okusemandleni abo ukwenza intando kaNkulunkulu.
Kungakhathaliseki ukuthi uvamile ukuwufunda lo magazini noma cha, kunganjani uvumele oFakazi BakaJehova bakusize uhlole izindinganiso zenkolo eziseBhayibhelini? Ngale ndlela uyokwazi ‘ukunambitha ubone ukuthi uJehova muhle’ futhi uthole ulwazi, okuthi uma lusetshenziswa luholele ekuphileni okuphakade.—IHubo 34:8; Johane 17:3.
[Isithombe ekhasini 5]
Izizukulwane ezine zomkhaya ongoFakazi BakaJehova eFrance
[Isithombe ekhasini 7]
URuthe wakhetha ukukhonza uJehova esikhundleni sonkulunkulu bokhokho bakhe