Lapho Ukushumayela Kukhunjulwa Ngokukhethekile
“Ilanga likhipha inhlanzi emanzini. Indlela yasezintabeni ibonakala sengathi iwundendende. Ngemva kokunqoba izithiyo eziningi, ekugcineni siyawufinyelela umgomo wethu: idolobhana elikude kakhulu. Ukukhathala kuphenduka injabulo lapho singqongqoza emzini wokuqala futhi samukelwa ngemfudumalo. Ekupheleni kosuku, sesizihambise zonke izincwadi ebesize nazo saqala nezifundo zeBhayibheli eziningana. Abantu bazimisele ukufunda. Manje kumelwe sihambe, kodwa sithembisa ukubuya.”
OKUHLANGENWE NAKHO okunjalo kuvamile eqenjini lezikhonzi ezingamaphayona eMexico. Lezi zikhonzi zizimisele ukuhlanganyela ngentshiseko ekugcwalisekeni komyalo uJesu Kristu awunika abafundi bakhe, othi: “Nizoba ofakazi bami . . . ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.” (IzEnzo 1:8) EMexico, imikhankaso ekhethekile yokushumayela—ebizwa ngokuthi imizila yamaphayona—iyahlelwa ukuze kufinyelelwe amasimu angabelwe bandla, futhi ngenxa yalokho, angazitholi njalo izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Ngokujwayelekile, lawa ngamasimu akude kakhulu noma afinyeleleka kanzima. Amabandla angawodwa anodukathole wensimu okumelwe ayihlanganise nawo ayaluthola usizo.
Ukuze kunqunywe ukuthi yiziphi izingxenye zezwe ezizohlanganiswa ngemizila yamaphayona, ihhovisi legatsha loFakazi BakaJehova lihlola izidingo zensimu.a Lapho lokhu sekwenziwe, kwabelwa amaqembu amaphayona akhethekile ukuba ahlanganise leyo nsimu. Anikwa izimoto ezilungele imigwaqo emibi enezikhinsi, nengagandayiwe. Lezi zimoto zisebenza futhi njengendawo yokugcina izincwadi nanjengezindawo zokulala uma kudingekile.
Ukusabela Ngokunganqikazi
Kusukela ngo-October 1996, kuye kwamenywa abanye abashumayeli bezindaba ezinhle ukuba bazohlanganyela kulo msebenzi, bahambisane namaphayona akhethekile. Abamemezeli boMbuso kanye namaphayona avamile abafisa ukukhonza lapho indingeko inkulu khona, bayahlanganyela kulo mkhankaso ngezikhathi ezihlukene. Abanye babelwa emabandleni akulo mzila ukuze banakekele insimu futhi bahlakulele nesithakazelo esitholakele. Iningi labamemezeli abasebasha namaphayona baye bazamukela lezi zimemo futhi baye bavuzwa ngokuhlangenwe nakho okukhuthazayo.
Ngokwesibonelo, u-Abimael, umKristu osemusha obesebenza enkampanini yomakhalekhukhwini ebimholela kahle, wanquma ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela kulezo ndawo ezikude. Lapho abaqashi bakhe bethola ukuthi uzosula emsebenzini, bamthembisa isikhundla nokumkhuphulela iholo. Ezinye izisebenzi zamcindezela, zithi leli yithuba elingavamile futhi uyobe wenza ubuwula uma engalenqaba. Nokho, u-Abimael wayezimisele ukusekela umkhankaso okhethekile wokushumayela izinyanga ezintathu. Ngemva kokujabulela le nkonzo, u-Abimael uye wanquma ukuhlala unomphela ebandleni elingalodwa lapho kunendingeko enkulu yabamemezeli boMbuso. Manje uthole umsebenzi ophansi futhi uye wafunda ukwenza ukuphila kwakhe kube lula.
Kwesinye isimo, uJulissa kwadingeka ahambe ngebhasi amahora angu-22 ukuze afike esabelweni sakhe. Ngasekupheleni kohambo lwakhe, washiywa ibhasi lokugcina losuku. Nokho, kwakuneloli elalithwala izisebenzi. UJulissa waqunga isibindi wabacela ukuba bamgibelise. Kuyaqondakala ukuthi kungani ayenovalo ngokuba ngowesifazane oyedwa phakathi kwamadoda amaningi kangaka. Lapho eqala ukushumayela kwenye insizwa, waqaphela ukuthi yayingomunye woFakazi BakaJehova! “Ngaphandle kwalokho,” kukhumbula uJulissa, “umshayeli weloli wayengumdala ebandleni engangabelwe kulo!”
Asebekhulile Bayahlanganyela
Lo msebenzi, nokho, akuwona owentsha kuphela. U-Adela, udade osekhulile, wayelokhu efuna ukunikela ngesikhathi esengeziwe emsebenzini wokushumayela. Ithuba laziveza lapho ethola isimemo sokuhlanganyela kulo msebenzi okhethekile wokushumayela. Uyalandisa: “Ngasijabulela isabelo sami kangangokuba ngaze ngacela abadala bebandla ukuba bangivumele ngihlale unomphela. Ngiyajabula ngoba uJehova usengangisebenzisa, nakuba ngimdala.”
Ngokufanayo, eshukunyiswe ukwazisa ngoJehova nothando ngabantu, uMartha oneminyaka engu-60 wazinikela ukuba ahlanganyele emkhankasweni. Eqaphela ukuthi ibanga elihilelekile nesimo sendawo ehambeka kanzima kwakwenza iqembu ayekulo lingakwazi ukufinyelela bonke abantu, wathengela amaphayona imoto. Lo mnikelo kadade wabangela ukuba kuhlanganiswe insimu enkudlwana futhi kuhlanganyelwe iqiniso leBhayibheli nabantu abengeziwe.
Ukusabela Okujabulisayo
Umgomo walabo abahlanganyela kule mikhankaso ekhethekile yokushumayela “uwukwenza abafundi.” Imiphumela iye yaba mihle kakhulu. Abantu abasezindaweni eziqhelile baye bathola amaqiniso eBhayibheli asindisa ukuphila. (Mathewu 28:19, 20) Kuye kwaqalwa izifundo zeBhayibheli eziningi. Zinakekelwa abamemezeli bendawo noma abavangeli asebehlala ensimini. Kwezinye izimo, kuye kwahlelwa amaqembu abamemezeli, futhi kwezinye kuye kwamiswa amabandla amancane.
UMagdaleno nabangane bakhe babesebenzisa izinto zokuhamba zomphakathi ukuze baye ensimini engayodwa abababelwe kuyo. Endleleni, basebenzisa ithuba lokushumayela kumshayeli. “Le ndoda yasitshela ukuthi ngesonto elandulele, kwafika abanye oFakazi emzini wayo yona ingekho. Lapho ibuya, umkhaya wayo wayitshela lokho owawukuzwile. Sayitshela ukuthi sasingebona abendawo kodwa sasivela ezifundeni eziningana ezweni ukuze sizosekela lo mkhankaso okhethekile wokushumayela nokuthi sonke sasizikhokhele thina ngokwethu izindleko zohambo. Ehlabeke umxhwele, umshayeli wathi uzoqala ukufunda iBhayibheli nomkhaya wakhe ngalo lelo sonto. Waze wanikela emsebenzini ngokungasikhokhisi imali yokugibela.”
UMagdaleno wahlatshwa umxhwele futhi nayindlela abasabela ngayo abantu bomdabu basezintabeni zaseChiapas. “Mina nomkami sahlanganyela isigijimi soMbuso neqembu lentsha engu-26 eyayisonta eHabe. Yonke yalalelisisa imizuzu engu-30. Yakhipha amaBhayibheli ayo, futhi sakwazi ukuyinika ubufakazi obuphelele ngezinjongo zikaJehova. Abantu abaningi banamaBhayibheli abo ngolimi lwesi-Tzeltal.” Kwaqaliswa izifundo zeBhayibheli eziningi ezithuthukayo.
Ukuphikiswa Kuyathanjiswa
Kwase kuphele iminyaka engaphezu kwemibili umphakathi othile waseChiapas ungahanjelwa ukuze uthole isigijimi seBhayibheli ngenxa yokuphikisa kwabanye abantu. UTeresa, umvangeli wesikhathi esigcwele, waphawula ukuthi abanye oFakazi babemanqikanqika ngokushumayela kuleyo ndawo. “Kwabamangaza bonke ukuthi abantu babezimisele ukulalela. Lapho siqeda ukushumayela, layithela imvula. Sifuna indawo yokukhosela, sangena emzini womuntu onomusa ogama lakhe linguSebastián, owasingenisa ukuze sivikeleke emvuleni. Lapho sesingenile, ngambuza ukuthi ubeseke wahanjelwa yini. Lapho elandula, ngaqala ukufakaza kuye futhi ngaqalisa isifundo seBhayibheli ngencwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade.b Lapho siqeda, uSebastián wasincenga ngezinyembezi ukuba sibuye sizofunda naye.”
Elinye iqembu lamaphayona elahambela eChiapas liyabika: “Ngosizo lukaJehova saba nemiphumela emihle. Esontweni lokuqala, saqala izifundo ezingu-27; kwelesibili, samema abantu ukuba bazobukela i-video yethu ethi The Bible—Its Power in Your Life. Kweza abangu-60. Wonke umuntu wayithanda. Lapho siphetha, sasikisela ukuqala iqembu lesifundo seBhayibheli. Ngokumangalisayo, kwaqalwa amaqembu esifundo amabili kule ndawo.
“Ngemva kokuqeda insimu esasiyabelwe, saphindela ezindaweni zasemaphandleni siyoqinisa abathakazelayo, sibone nokuthi ayeqhubeka kanjani amaqembu ezifundo zeBhayibheli ayehleliwe. Sabamemela enkulumweni yeningi naseSifundweni Se-Nqabayokulinda. Nokho, yayingekho indawo enkulu ngokwanele okwakungaqhutshelwa kuyo imihlangano. Umuntu owanikela ngomuzi wakhe ukuze kuqhutshelwe khona isifundo seqembu wakhomba ngemva kwendlu yakhe wabe esethi: ‘Imihlangano ingaqhutshelwa egcekeni elingemuva.’”
Ngaleyo mpelasonto amaphayona ayevakashile nabantu abathakazelayo basiza ngenjabulo ekulungiseni igceke ukuze lisetshenziselwe ukuqhubela imihlangano. Kwakunabantu abangu-103 emhlanganweni wokuqala. Manje kuqhutshwa izifundo zeBhayibheli ezingu-40 kuleyo ndawo.
“Okuhlangenwe Nakho Okumangalisayo”
Ngaphandle kokuthola imiphumela emihle emsebenzini wokushumayela, labo abaye bahlanganyela kulo msebenzi wobuvangeli baye bazuza kakhulu. UMaría, iphayona eliselincane elahlanganyela komunye wale mikhankaso, uzwakalisa imizwa yakhe ngale ndlela: “Kwakungokuhlangenwe nakho okumangalisayo ngenxa yezizathu ezimbili. Injabulo yami emsebenzini wokushumayela yanda, nobuhlobo bami noJehova bathuthuka kakhulu. Ngesinye isikhathi lapho sinyuka intaba, sazizwa situbekile. Ngemva kokucela usizo kuJehova, sezwa lokho okushiwo u-Isaya 40:29-31: ‘Labo abathemba uJehova bayothola amandla kabusha.’ Ngakho safika lapho sasiya khona futhi saqhuba izifundo zeBhayibheli nabantu abasamukela ngomoya omuhle.”
Elinye iphayona eliselincane, uClaudia oneminyaka engu-17, lisitshela lokhu: “Ngiye ngazuza kakhulu. Ngifunde ukuba nekhono enkonzweni, okuye kwanginika injabulo enkulu, futhi lokhu kuye kwangiholela ekubekeni imigomo engokomoya. Ngiye ngavuthwa nangokomoya. Ekhaya umama wayengenzela yonke into. Manje, njengoba sengikhulile, ngiyakwazi ukusingatha izinto. Ngokwesibonelo, ngangivame ukukukhetha kakhulu ukudla. Kodwa manje njengoba kuye kwadingeka ngizivumelanise nezimo ezihlukile, angisakhonondi ngokudla. Lolu hlobo lwenkonzo luye lwangisiza ukuba ngibe nabangane abahle. Sihlanganyela yonke into esinayo futhi sisizane.”
Isivuno Esijabulisayo
Iyini imiphumela yalo mzamo okhethekile? Ngasekuqaleni kuka-2002, amaphayona angaba ngu-28 300 aye ahlanganyela kule mizila yamaphayona. Aye aqhuba izifundo zeBhayibheli ezingaphezu kuka-140 000, anikela amahora angaphezu kwezigidi ezimbili emsebenzini wokushumayela. Ukuze asize abantu ukuba bafunde iqiniso leBhayibheli, aye ahambisa izincwadi ezicishe zibe ngu-121 000 nomagazini abacishe babe ngu-730 000. Akukhona okungavamile ngamanye amaphayona ukuqhuba izifundo zeBhayibheli ezingu-20 noma ngaphezulu.
Labo abamukela lo musa bawazisa kakhulu umzamo owenziwa wokubafinyelela ngesigijimi seBhayibheli. Naphezu kokuba mpofu, iningi labo lancenga abamemezeli ukuba bamukele iminikelo. Owesifazane oswele oneminyaka engu-70 unikela ngokuthile njalo emaphayoneni amhambelayo. Uma enqaba ukukwamukela, uyakhala. Omunye umkhaya ompofu utshela abavangeli besikhathi esigcwele ukuthi isikhukhukazi siwazalelele bona ngokukhethekile amaqanda, bese ubancenga ukuba bawathathe.
Okubaluleke kakhulu, labo bantu abaqotho babonisa ukwazisa koqobo ngezinto ezingokomoya. Ngokwesibonelo, owesifazane osemusha uhamba yedwa amahora amathathu nengxenye eya emihlanganweni yobuKristu, engaphuthi nakowodwa wayo. Naphezu kokuba nezinkinga zamadolo, owesifazane othakazelayo osekhulile wahamba amahora amabili ukuze ayothola imfundo yeBhayibheli phakathi nokuhambela kombonisi ojikelezayo. Abanye ababengafundile babefuna ukufunda ukuzifundela nokubhala ukuze bakwazi ukuzuza ngokwengeziwe emfundweni yeBhayibheli. Imizamo yabo iye yabusiswa ngokucebile.
Encwadini yezEnzo, uLuka uchaza umbono owabonwa umphostoli uPawulu: “Indoda ethile yaseMakedoniya yayimile imncenga ithi: ‘Welela eMakedoniya usisize.’” UPawulu wavuma. Namuhla, ezindaweni eziqhelile zaseMexico, abaningi baye basabela ngomoya ofanayo, bezinikela ukuba bayomemezela izindaba ezinhle “ezingxenyeni ezikude kakhulu zomhlaba.”—IzEnzo 1:8; 16:9, 10.
[Imibhalo yaphansi]
a Onyakeni wamuva, ingxenye yensimu yaseMexico engaphezu kwamaphesenti angu-8 ibingahlanganiswa njalo ngomsebenzi wokushumayela wamabandla oFakazi BakaJehova. Lokhu kusho ukuthi kunabantu abangaphezu kuka-8 200 000 abahlala ezingxenyeni ezingazodwa lapho ukushumayela kungelula khona.
b Enyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 9]
OFakazi abaningi baseMexico baye bahla- nganyela emikhankasweni ekhethekile yokushumayela