Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w03 4/1 kk. 4-7
  • ISidlo SeNkosi Sisho Lukhulu Kuwe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISidlo SeNkosi Sisho Lukhulu Kuwe
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Izifanekiselo Ezingcwele
  • Kangaki?
  • Awunamicikilisho Kodwa Ubalulekile
  • Lokho Esikushoyo Kuwe
  • Ukubonisa Ukwazisa NgeSidlo SeNkosi
  • Kungani Kufanele Sigubhe ISidlo SeNkosi Sakusihlwa?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
  • ISidlo SeNkosi Sakusihlwa—Kufanele Sigujwe Kanjani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2004
  • Okwenza Ukuba ISidlo SeNkosi Sakusihlwa Sisho Okuthile Kuwe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • ISikhumbuzo (ISidlo SeNkosi Sakusihlwa)
    Ukubonisana NgemiBhalo
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
w03 4/1 kk. 4-7

ISidlo SeNkosi Sisho Lukhulu Kuwe

INGABE lokho okushiwo iSidlo SeNkosi kuwe kubalulekile futhi kuyohlala njalo? Ukuze sithole impendulo, ake sibone kuqala ukuthi ngokukaJesu Kristu ngokwakhe sasisho ukuthini lesi senzakalo esikhethekile.

Kusihlwa ngoNisani 14, 33 C.E., uJesu wahlangana nabaphostoli bakhe abangu-12 ekamelweni eliphezulu eJerusalema ukuze agubhe iPhasika laminyaka yonke. Ngemva kokudla iPhasika, uJuda ongumkhapheli waphuma kulelo kamelo ukuze ayokhaphela uJesu. (Johane 13:21, 26-30) Esesele nabaphostoli abangu-11, uJesu wamisa “isidlo seNkosi sakusihlwa.” (1 Korinte 11:20) Sibizwa nangokuthi iSikhumbuzo, ngoba uJesu wayala abalandeli bakhe wathi: “Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” Lesi yiso sodwa isenzakalo amaKristu ayalwa ukuba asikhumbule.—1 Korinte 11:24, The Jerusalem Bible.

Ngokwesichazamazwi okuthiwa Isichazimazwi Sanamuhla Nangomuso, isikhumbuzo yinto “ebonakalayo ebuyisa engqondweni isenzo esithile noma isehlakalo esithile.” Ezindaweni eziningi abantu bamisa itshe noma baqoke usuku olukhethekile ukuze bakhumbule umuntu noma into ethile ebalulekile. Kulokhu uJesu wamisa isidlo sesikhumbuzo—isidlo esasiyosiza abafundi bakhe ukuba bahlale bekhumbula izenzakalo ezibaluleke kakhulu zangalolo suku oluyingqopha-mlando. Ezizukulwaneni ezaziseza, lesi sidlo sesikhumbuzo sasizokhumbuza abasigubhayo ngokuba nohlonze kwalokho uJesu akwenza ngalobo busuku, ikakhulukazi okwakushiwo izifanekiselo azisebenzisa. Iziphi izifanekiselo uJesu azisebenzisa, futhi zazisho ukuthini? Ake sihlole ukulandisa kweBhayibheli ngalokho okwenzeka ngalobo busuku buka-33 C.E.

Izifanekiselo Ezingcwele

“Wathatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika sona, wathi: ‘Lokhu kusho umzimba wami ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.’”—Luka 22:19.

Lapho uJesu ethatha isinkwa ethi, “lokhu kusho umzimba wami,” wayebonisa ukuthi lesi sinkwa esingenamvubelo sasimelele, noma sasifanekisela umzimba wakhe wenyama ongenasono, awunikela “ngenxa yokuphila kwezwe.” (Johane 6:51) Nakuba ezinye izinguqulo zeBhayibheli zithi “lokhu kungumzimba [ngesiGreki, es·tinʹ] wami,” i-Greek-English Lexicon of the New Testament kaThayer ithi lesi senzo ngokuvamile sisho “ukuchaza, ukubonisa, ukuqondisa.” Linikeza umqondo wokumelela okuthile, noma ukufanekisa.—Mathewu 26:26.

Kwakunjalo nangendebe yewayini. UJesu wathi: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.”—Luka 22:20.

Ekulandiseni kukaMathewu, uJesu wathi mayelana nendebe: “Lokhu kusho ‘igazi’ lami ‘lesivumelwano,’ elizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.” (Mathewu 26:28) UJesu wayesebenzisa iwayini elisendebeni njengento emelela, noma efanekisela igazi lakhe. Igazi lakhe elichithekile lalizoba isisekelo ‘sesivumelwano esisha’ kubafundi abagcotshwe ngomoya, ababezobusa naye njengamakhosi nabapristi ezulwini.—Jeremiya 31:31-33; Johane 14:2, 3; 2 Korinte 5:5; IsAmbulo 1:5, 6; 5:9, 10; 20:4, 6.

Iwayini elisendebeni liyisikhumbuzo futhi sokuthi igazi likaJesu elichithekile laliyoba isisekelo ‘sokuthethelelwa kwezono,’ kanjalo livule indlela yokuba abaliphuzayo babizelwe ekuphileni kwasezulwini njengezindlalifa ezikanye noKristu. Kuyaqondakala-ke ukuthi labo ababizelwe ukuphila ezulwini—inani elilinganiselwe—yibo kuphela abadla isinkwa baphuze newayini ngeSikhumbuzo.—Luka 12:32; Efesu 1:13, 14; Hebheru 9:22; 1 Petru 1:3, 4.

Nokho, kuthiwani ngabo bonke labo balandeli bakaJesu abangekho esivumelwaneni esisha? ‘Bangezinye izimvu’ zeNkosi ezilindele ngokulangazela ukujabulela ukuphila okuphakade emhlabeni oyipharadesi, hhayi ukubusa kanye noKristu ezulwini. (Johane 10:16; Luka 23:43; IsAmbulo 21:3, 4) ‘Njengesixuku esikhulu’ samaKristu athembekile ‘anikela inkonzo engcwele [kuNkulunkulu] imini nobusuku,’ bajabulela ukuba izibukeli ezinokwazisa eSidlweni SeNkosi. Amazwi nezenzo zabo eqinisweni kuthi: “Insindiso yethu ivela kuNkulunkulu wethu, ohlezi esihlalweni sobukhosi, nakulo iWundlu.”—IsAmbulo 7:9, 10, 14, 15.

Kangaki?

“Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.”—Luka 22:19.

Kufanele sigujwe kangaki iSikhumbuzo ukuze kulondolozwe inkumbulo ngokufa kukaKristu? UJesu akashongo ngokuqondile. Nokho, njengoba amisa iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngoNisani 14, okungubusuku bePhasika ama-Israyeli ayeligubha minyaka yonke, kusobala ukuthi uJesu wayeqonde ukuba iSikhumbuzo sigujwe ngendlela efanayo. Njengoba ama-Israyeli ayegubha minyaka yonke ukukhululwa kwawo ebugqilini baseGibhithe, amaKristu akhumbula minyaka yonke ukukhululwa kwawo ekugqilazweni isono nokufa.—Eksodusi 12:11, 17; Roma 5:20, 21.

Umqondo womkhosi waminyaka yonke wokukhumbula isenzakalo esibalulekile awumusha neze. Ngokwesibonelo, cabanga lapho umbhangqwana ugubha usuku lwawo lomshado noma lapho isizwe sikhumbula isenzakalo esibalulekile emlandweni waso. Ngokuvamile lowo mkhosi wenziwa kanye ngonyaka ngosuku esenzeka ngalo leso senzakalo. Kuyathakazelisa ukuthi emakhulwini amaningana eminyaka ngemva kokufa kukaKristu, abaningi ababethi bangamaKristu babebizwa ngokuthi ama-Quartodeciman, okusho ukuthi “Fourteenthers [oMhla ka-14],” ngoba ayekhumbula ukufa kukaJesu kanye ngonyaka, ngoNisani 14.

Awunamicikilisho Kodwa Ubalulekile

Umphostoli uPawulu wachaza ukuthi ukugubha iSidlo SeNkosi kwakuyokwenza ukuba abafundi bakaJesu ‘bamemezele ukufa kweNkosi, ize ifike.’ (1 Korinte 11:26) Ngakho, lo mkhosi wawuyogxila endimeni ebalulekile uJesu aba nayo ekufezekeni kwenjongo kaNkulunkulu ngokufa kwakhe.

Ngokuthembeka kuze kube sekufeni, uJesu Kristu wafakazela ukuthi uJehova uNkulunkulu unguMdali ohlakaniphile nonothando futhi unguMbusi olungile. Ngokuphambene nalokho okushiwo uSathane nangokungafani no-Adamu, uJesu wabonisa ukuthi kungenzeka ukuba umuntu ahlale ethembekile kuNkulunkulu, ngisho nangaphansi kokucindezeleka okukhulu.—Jobe 2:4, 5.

ISidlo SeNkosi futhi sigcina abantu belukhumbula ngokwazisa uthando lukaJesu lokuzidela. Naphezu kovivinyo olunzima, uJesu wamlalela ngokuphelele uYise. Ngaleyo ndlela wakwazi ukunikela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuze alungise umonakalo omkhulu wesono sika-Adamu. Njengoba uJesu ngokwakhe achaza, wezela ‘ukunikela umphefumulo wakhe ube yisihlengo sabaningi.’ (Mathewu 20:28) Ngakho, bonke ababa nokholo kuJesu bangaxolelwa izono zabo futhi bathole ukuphila okuphakade ngokuvumelana nenjongo kaJehova yasekuqaleni ngesintu.—Roma 5:6, 8, 12, 18, 19; 6:23; 1 Thimothewu 2:5, 6.a

Konke lokhu kuqokomisa ubuhle bukaJehova obukhulu nomusa wakhe ongafanelwe ngokwenza ilungiselelo lokusindiswa kwesintu. IBhayibheli lithi: “Ngalokhu uthando lukaNkulunkulu lwaboniswa kithi, ngoba uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa ezweni ukuze sizuze ukuphila ngayo. Uthando lukulesi sici, akukhona ukuthi thina siye samthanda uNkulunkulu, kodwa ukuthi yena wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.”—1 Johane 4:9, 10.

Yebo, iSikhumbuzo siwumkhosi omuhle ngempela! Asinamicikilisho futhi singagujwa emhlabeni wonke ngaphansi kwezimo ezihlukahlukene, nokho siwumfanekiselo ngokwanele ukuba sihlale siyisikhumbuzo esibalulekile isikhathi eside.

Lokho Esikushoyo Kuwe

Ukufa kweNkosi yethu uJesu Kristu okuwumhlatshelo kwafaka yona noYise, uJehova, ezindlekweni ezinkulu. Njengomuntu ophelele, uJesu akafanga ngenxa yokuthi wazuza ukufa njengathi. (Roma 5:12; Hebheru 7:26) Wayengaqhubeka aphile phakade. Ukuphila kwakhe kwakungeke kuthathwe, futhi wayengeke akwephucwe, uma ayengafuni. Wathi: “Akekho owususile kimi [umphefumulo wami], kodwa ngiwunikela ngokusuka kimi.”—Johane 10:18.

Noma kunjalo, uJesu wanikela ngokuzithandela ngokuphila kwakhe kobuntu okuphelele ukuba kube umhlatshelo ukuze “ngokufa kwakhe amenze ize lowo onendlela yokubangela ukufa, okungukuthi, uDeveli; futhi akhulule bonke labo okwathi ngokwesaba ukufa baba ngaphansi kobugqila konke ukuphila kwabo.” (Hebheru 2:14, 15) Uthando lukaKristu lokuzidela lubonakala nasendleleni avuma ukufa ngayo. Wayeyazi kahle indlela ayezohlupheka futhi afe ngayo.—Mathewu 17:22; 20:17-19.

ISikhumbuzo sisikhumbuza nangokubonakaliswa okukhulu kunakho konke kothando okwenziwa uBaba wethu osezulwini, uJehova. Yeka ukuthi kwakumcindezela kangakanani, yena ‘onothando nesihe,’ ukuzwa ‘ukukhala okukhulu’ kukaJesu nokubona ‘izinyembezi’ zakhe ensimini yaseGetsemane, ukubhaxabulwa ngonya, ukubethelwa ngesihluku, nokufa kwakhe kancane kancane kabuhlungu. (Jakobe 5:11; Hebheru 5:7; Johane 3:16; 1 Johane 4:7, 8) Ngisho namanje, ngemva kwamakhulu eminyaka, ukucabanga ngakho nje, kubabangela ubuhlungu abaningi.

Cabanga nje ukuthi likhulu kangakanani inani uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu abalikhokha ngenxa yethu thina zoni! (Roma 3:23) Zonke izinsuku, sibhekana nezinto ezibuhlungu eziwubufakazi bokungapheleli nokuba kwethu nesono. Nokho, ngokuba nokholo emhlatshelweni kaJesu wesihlengo, singacela intethelelo kuNkulunkulu. (1 Johane 2:1, 2) Lokhu kwenza sikwazi ukuba nenkululeko yokukhuluma noNkulunkulu nanonembeza ohlanzekile. (Hebheru 4:14-16; 9:13, 14) Ngaphezu kwalokho, singaba nethemba lokuphila phakade emhlabeni oyipharadesi. (Johane 17:3; IsAmbulo 21:3, 4) Lezi zibusiso kanye nezinye eziningi ziwumphumela wesenzo sikaJesu sokuzidela esikhulu kunazo zonke.

Ukubonisa Ukwazisa NgeSidlo SeNkosi

Akuthandabuzwa ukuthi iSidlo SeNkosi siwukubonakaliswa okumangalisayo ‘komusa kaNkulunkulu ongafanelwe odlulele.’ Futhi ilungiselelo likaJehova uNkulunkulu lomhlatshelo wesihlengo—elaba khona ngenxa yothando lukaJesu lokuzidela—ngempela ‘liyisipho sakhe sesihle esingachazeki.’ (2 Korinte 9:14, 15) Lokhu kubonakaliswa kobuhle bukaNkulunkulu ngoJesu Kristu akuvusi yini kuwe umuzwa ojulile nohlala njalo wokubonga nokwazisa?

Siyaqiniseka ukuthi kuyawuvusa. Ngakho, sikumema ngothando ukuba uhlanganyele noFakazi BakaJehova ekugubheni iSikhumbuzo sokufa kukaJesu. Kulo nyaka iSikhumbuzo sizoba ngoLwesithathu ngo-April 16, ngemva kokushona kwelanga. OFakazi BakaJehova endaweni yakini bayokujabulela ukukwazisa isikhathi esiqondile nendawo okuyogujelwa kuyo lesi senzakalo esibaluleke kangaka.

[Umbhalo waphansi]

a Ukuze uthole lapho isihlengo sidingidwa khona ngokuphelele, sicela ubheke incwadi ethi Ulwazi Oluholela Ekuphileni Okumi Phakade, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 6]

“LOKHU KUNGUMZIMBA WAMI” NOMA “LOKHU KUSHO UMZIMBA WAMI” IKUPHI?

Lapho uJesu ethi: “Mina ngiyisango” futhi ethi “Mina ngingumvini weqiniso,” akekho owacabanga ukuthi wayeyisango ngempela noma umvini ngempela. (Johane 10:7; 15:1) Ngokufanayo, lapho i-New Jerusalem Bible icaphuna uJesu ethi: “Le ndebe iyisivumelwano esisha,” asiphethi ngokuthi leyo ndebe ngokwayo yayiyisivumelwano esisha. Kanjalo futhi, lapho ethi isinkwa ‘sasiwumzimba’ wakhe, akunakungatshazwa ukuthi isinkwa sasimelela, noma sasifanekisela, umzimba wakhe. Ngakho, inguqulo ka-Charles B. Williams ithi: “Lokhu kumelela umzimba wami.”—Luka 22:19, 20.

[Isithombe ekhasini 5]

Isinkwa esingenamvubelo newayini kuwufanekisela kahle umzimba kaJesu ongenasono negazi lakhe elachitheka

[Isithombe ekhasini 7]

ISikhumbuzo sisikhumbuza ngothando olukhulu olwaboniswa uJehova uNkulunkulu noJesu Kristu

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela