ISidlo SeNkosi Siyini?
KUFIKANI engqondweni yakho uma uzwa amazwi athi “isidlo senkosi”? Abantu abaningi bacabanga ngomdwebo waseMilan, e-Italy, owundab’ uzekwayo, owadwetshwa uLeonardo da Vinci (1452-1519). Iqiniso liwukuthi emakhulwini eminyaka izingcweti eziningi ziye zadweba imifanekiso yeSidlo SeNkosi, zabhala ngaso futhi zacula ngaso.
Nokho, siyini iSidlo SeNkosi, futhi sisho ukuthini kubantu abaphila kuleli khulu lama-21? Ama-encyclopedia nezichazamazwi zizokutshela ukuthi iSidlo SeNkosi siyisidlo uJesu Kristu asidla nabaphostoli bakhe ngokuhlwa kwangaphambi kokufa kwakhe okuwumhlatshelo. Njengoba kwakuyisidlo sokugcina sakusihlwa uJesu aba naso nabalandeli bakhe abathembekile, abanye abantu basibiza ngokuthi iSidlo Sokugcina. Futhi njengoba samiswa iNkosi uJesu Kristu ngokwayo, igama elithi iSidlo SeNkosi liyafaneleka.
Emakhulwini eminyaka, abaningi baye banikela ngokuphila kwabo ngenxa yalokho ababekubheka njengemigomo emihle. Okunye kwalokhu kuzinikela kwazuzisa abantu abathile okwesikhathi esithile. Nokho, uma kuqhathaniswa, akukho kulokho kuzinikela, yize kwakubabazeka, okusondelayo ngisho nokusondela ngokubaluleka ekufeni kukaJesu Kristu. Ngaphezu kwalokho, akukho ukufa komuntu emlandweni wesintu ogcwele izinkathazo okungawuthinta ngezinga elingaka umhlaba. Ngani?
Ukuze siphendule lo mbuzo futhi sikusize uthole ukuthi sibaluleke ngani kuwe iSidlo SeNkosi, sicela ufunde isihloko esilandelayo.