Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w01 9/1 k. 31
  • Imibuzo Evela Kubafundi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imibuzo Evela Kubafundi
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe UJesu WayeyiNdodana KaNkulunkulu Ngempela?
    I-Phaphama!—2006
  • Imithwalo Yemfanelo Noma Izinjabulo—Yikuphi Okubeka Kuqala?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1984
  • Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • Kungani UJesu Ebizwa Ngokuthi INdodana KaNkulunkulu?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-2001
w01 9/1 k. 31

Imibuzo Evela Kubafundi

Lapho ikhuluma ngeNdodana kaNkulunkulu, eyabaseKolose 1:16 ithi “zonke ezinye izinto zidalwe ngayo futhi zadalelwa yona.” Kungamuphi umqondo zonke izinto “zadalelwa” iNdodana kaNkulunkulu, uJesu?

UJehova wasebenzisa iNdodana yakhe ezelwe yodwa njengengcweti yesisebenzi lapho edala zonke ezinye izinto, okungukuthi, zonke ezinye izinto ngaphandle kukaJesu ngokwakhe. (IzAga 8:27-30; Johane 1:3) Ngokufanelekile, iNdodana iyajabula ngale misebenzi, futhi ngalo mqondo “zadalelwa” yona.

Siyazi ukuthi abazali abangabantu balindela ukuthola injabulo, futhi ngokuvamile bayayithola, ngezingane zabo—amadodana namadodakazi abo. Ngakho, isaga seBhayibheli sikhuluma ‘ngendodana ethokozisa uyise.’ (IzAga 3:12; 29:17) Ngokufanayo, uJehova uNkulunkulu wayethola injabulo ku-Israyeli lapho abantu bakhe bethembekile. (IHubo 44:3; 119:108; 147:11) Uyajabula futhi ngokwethembeka kwabaqotho bakhe ngisho nasesikhathini sethu.—IzAga 12:22; Heberu 10:38.

Ngakho, kwakufaneleka ukuba uNkulunkulu avumele lowo ayesebenza naye, uJesu, ukuba ajabulele lokho akufeza. Eqinisweni, izAga 8:31 zithi iNdodana ‘yayijabule ezweni lomhlaba wakhe, intokozo yayo ikanye namadodana abantu.’ EyabaseKolose 1:16 isho ngalo mqondo ukuthi: “Zonke ezinye izinto zidalwe ngayo futhi zadalelwa yona.”

    Zulu Publications (1975-2026)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2026 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela